Umbono WeBhayibheli
Indlela Yokubhekana Nokuphelelwa Yithemba
UKUPHELELWA yithemba kuyinto evamile kubo bonke abantu, okungenani ngokwezinga elithile. Kodwa kwabanye imizwa yokudangala ijula kangangokuthi bancamela ukufa kunokuphila.
IBhayibheli libonisa ukuthi ngisho nezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile azigonyelwe ukungabi nezinkinga nokucindezeleka okubangela ukuphelelwa yithemba. Ngokwesibonelo, cabangela u-Eliya noJobe—bobabili ababejabulela ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngemva kokubaleka lapho iNdlovukazi ekhohlakele u-Izebeli ifuna ukumbulala, u-Eliya “wacela [uJehova] enhliziyweni yakhe ukuba afe.” (1 AmaKhosi 19:1-4) Indoda elungile uJobe yabhekana nochungechunge lwezinhlekelele, kuhlanganise nesifo esenyanyekayo nokufa kwezingane zayo eziyishumi. (Jobe 1:13-19; 2:7, 8) Ukuphelelwa kwakhe yithemba kwambangela ukuba athi: “Ngingancamela ukufa kunazo zonke izinhlupheko zami.” (Jobe 7:15, The New English Bible) Ngokusobala, laba bantu bakaNkulunkulu abathembekile babekhathazeké kakhulu.
Kwabanye namuhla, ukukhathazeka kungase kubangelwe imiphumela ebuhlungu yokuguga, ukufa komngane womshado noma izinkinga ezingathi sína ezingokwezimali. Abanye bathola ukuthi ukucindezeleka okungapheli, imiphumela ephikelelayo yesenzakalo esibuhlungu, noma izinkinga zomkhaya zibenza bazizwe sengathi bazabalaza phakathi nolwandle kuyilapho igagasi ngalinye likwenza kube nzima ukufinyelela ogwini. Enye indoda yathi: “Uzizwa ungelutho—sengathi akukho muntu oyokukhumbula uma ufa. Ngezinye izikhathi umuntu uba nesizungu esingabekezeleleki.”
Ngezinye izikhathi izimo ziyashintsha zibe ngcono, zikwenze ukhululeke ekucindezelekeni okunzima. Kodwa kuthiwani uma izimo zethu zingeke zishintshe? IBhayibheli lingasisiza kanjani ukuba sikhuthazelele ukuphelelwa yithemba?
IBhayibheli Lingasiza
UJehova wayenekhono namandla okusekela u-Eliya noJobe kubo bonke ubunzima ababhekana nabo. (1 AmaKhosi 19:10-12; Jobe 42:1-6) Yeka ukuthi kududuza kanjani kithi ukuqaphela lokho namuhla! IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.” (IHubo 46:1; 55:22) Nakuba singase sibone sengathi imizwa yokuphelelwa yithemba iyasehlula, uJehova uthembisa ukuthi uyosisekela ngesandla sakhe sokunene nesokulunga. (Isaya 41:10) Singaluthola kanjani lolu sizo?
IBhayibheli liyachaza ukuthi ngomthandazo “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ngenxa yokukhathazeka esinakho, singase singaliboni ikhambi ezinkingeni zethu. Nokho, uma ‘siphikelela emthandazweni,’ uJehova angaqapha izinhliziyo nezingqondo zethu, asinikeze amandla esiwadingayo ukuze sikhuthazele.—Roma 12:12; Isaya 40:28-31; 2 Korinte 1:3, 4; Filipi 4:13.
Siyozuza ngokusho ngokuthe ngqó lokho esikucelayo emthandazweni. Nakuba imicabango yethu kungase kube nzima ukuyibeka ngamazwi, kufanele sikhululeke ukukhuluma noJehova ngalokho esikuzwayo nangalokho esicabanga ukuthi kuwumsuka wenkinga. Kudingeka simcele ukuba asiphe amandla azosisekela usuku ngalunye. Sinalesi siqiniseko: “[UJehova] uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.”—IHubo 145:19.
Ngaphezu kokuthandaza, kufanele singabi onkom’ idla yodwa. (IzAga 18:1) Abanye baye bathola amandla ngokuzinikela ukusiza abanye. (IzAga 19:17; Luka 6:38) Cabangela owesifazane ogama lakhe linguMaria,a owayengalwisani nje nomdlavuza kuphela kodwa owashonelwa nangamalungu angu-8 omkhaya wakhe ngonyaka owodwa. UMaria kwadingeka aziphoqe ukuba avuke abuyele endleleni yokuphila evamile. Wayephuma cishe nsuku zonke afundise abanye ngeBhayibheli, futhi wayeya njalo emihlanganweni yobuKristu. Lapho uMaria ebuyela ekhaya, imizwa yakhe yokukhathazeka yayibuya ngezinkani. Nokho, ngokugxila endleleni angasiza ngayo abanye, uMaria uyakwazi ukukhuthazela.
Kodwa kuthiwani uma sikuthola kunzima ukuthandaza noma singakwazi ukumane siyeke ukuba onkom’ idla yodwa? Uma kunjalo, kufanele sifune usizo. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba siphendukele ‘emadodeni amadala ebandla.’ (Jakobe 5:13-16) Indoda eyayibhekene nokucindezeleka okunzima okungapheli yathi: “Ngezinye izikhathi ukukhuluma nothile omethembayo kuyakusiza ukuba ukhulule ingqondo futhi kwehlise umoya, ngaleyo ndlela kwande ukucabanga okuhluzekile.” (IzAga 17:17) Yiqiniso, uma ukudangala okuthatha isikhathi eside nokujulile kuwuphawu lwenkinga edinga ukwelashwa, kungase kudingeke usizo olufanele lochwepheshe.b—Mathewu 9:12.
Nakuba lingekho ikhambi elilula, akufanele siwathathe kancane amandla kaNkulunkulu okusisiza ukuba sibhekane nezinkinga zethu. (2 Korinte 4:8) Ukuphikelela emthandazweni, ukugwema ukuba unkom’ idla yodwa nokuthola usizo olufanelekile kuyosisiza ukuba sibuye siqine. IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu uyoziqeda ngokuphelele izimbangela zokuphelelwa yithemba. AmaKristu azimisele ukuthembela kuye lapho esalindele usuku lapho ‘izinto zakuqala zingasayikukhunjulwa.’—Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama lishintshiwe.
b I-Phaphama! ayitusi uhlobo oluthile lokwelashwa. AmaKristu kufanele aqiniseke ukuthi noma iyiphi indlela yokwelashwa ayikhethayo ayingqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1988, amakhasi 25-9.