Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 27. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Yini eyayiwumngcele weZwe Lesithembiso enyakatho neyayiphakeme kunazo zonke ePalestine? (Joshuwa 12:1)
2. Iyiphi imfanelo uJehova anayo futhi efiselekayo kubantu, engelona uphawu lobuthakathaka? (IHubo 18:35)
3. Mangaki amabutho ase-Asiriya abulawa yingelosi kaJehova ngobusuku obubodwa? (2 AmaKhosi 19:35)
4. Ubani owathela amafutha anamakha abizayo ezinyaweni zikaJesu futhi wawasula ngezinwele zakhe? (Johane 12:3)
5. Obani amagama ababelethisi abangamaHeberukazi abawushaya indiva umyalo kaFaro wokubulala abantwana babafana futhi uJehova wababusisa nemikhaya yabo? (Eksodusi 1:15-21)
6. Iyiphi inkosi yakwaJuda, okwathi nakuba ngezinye izikhathi yayenza ngokungafanele phakathi nokubusa kwayo kweminyaka engu-41, kodwa yabhekwa njengenye yamakhosi athembekile? (1 AmaKhosi 15:14, 18)
7. Esiprofethweni sokubuyiselwa, yisiphi isilwane okuthiwa ‘siyokudla utshani njengenkomo’? (Isaya 65:25)
8. Kungani wonke amadoda aseSodoma, kusukela kwamasha kuya kwamadala, azungeza indlu kaLoti? (Genesise 19:4, 5)
9. Lapho ephendula umthandazo kaSamuweli, yini uJehova ayisebenzisa ekungquzuleni amaFilisti, okwenza anqotshwa? (1 Samuweli 7:9, 10)
10. Yisiphi isizathu uMose asinikeza lapho ecela uFaro ukuba adedele ama-Israyeli ahambe? (Eksodusi 5:1)
11. Igatsha lamuphi umuthi othela izithelo elivame ukusetshenziswa njengophawu lokuthula? (Bheka u-Isaya 17:6.)
12. Iyiphi incwadi eyabhalwa kuqala phakathi kwezincwadi zeBhayibheli ezinhlanu ezabhalwa uJohane?
13. Ubani isaga esithi “ungumqhele kuyo indoda yakhe”? (IzAga 12:4)
14. Ubani owenqaba ukuvuzwa iNkosi uDavide ngenxa yokuba neminyaka engu-80 ubudala, nakuba ayekufanelekela? (2 Samuweli 19:31-36)
15. Lingakanani inani lezingelosi elingokomfanekiso okuthiwa uSathane walidukisa? (IsAmbulo 12:4)
Izimpendulo Zemibuzo
1. INtaba yaseHermoni
2. Ubumnene
3. Angu-185 000
4. UMariya, udadewabo kaMartha noLazaru
5. UShifira noPhuwa
6. U-Asa
7. Ingonyama.
8. Ayefuna ukudlwengula izivakashi zakhe eziyizingelosi
9. Ukuduma
10. Ukuze benzele uJehova umkhosi ehlane
11. Lomnqumo
12. IsAmbulo
13. “Owesifazane okhutheleyo”
14. UBarizilayi, wakwaGileyadi eRogelimi
15. Okwesithathu