Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 2/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kutholakale Ezinye Izidumbu Ezomisiwe
  • Izifo Eziwumshayabhuqe Zihlasela I-Afrika
  • “Into Ebaluleké Kakhulu Ekuphileni”
  • Ukuthatha Isihlwathi Emsebenzini
  • Usongo Lokuncibilika Kwezinguzunga Zamaqhwa Ahambayo
  • Izingozi Zikagwayi Ezinganeni
  • Ukudlondlobala Kwezokuvakasha
  • Izingozi Zamaholide Amafushane?
  • Ukuphindisela Kwe-rattlesnake
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2000
  • Ukuphila Okuyizigidi Kuyabhujiswa
    I-Phaphama!—1995
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuziphatha Kokusebenzisa Ugwayi?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 2/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Kutholakale Ezinye Izidumbu Ezomisiwe

Umbiko we-BBC News uthi: “Izazi zemivubukulo eGibithe sezimemezele ukuthi kutholakale okungenani izidumbu ezomisiwe ezingu-200, emangcwabeni oGwadule oluseNtshonalanga, ezinye zazo zinezifihlabuso zegolide.” La mangcwaba aseduze nendawo enamanzi ogwadule edolobheni laseBawiti, elisebangeni elingamakhilomitha angu-300 eningizimu-mpumalanga yeCairo. Ngokwe-Egypt’s Middle East News Agency, la mangcwaba angaba nezidumbu ezingaphezu kuka-10 000. Aye ethiwa kabusha ngokuthi iSigodi Sezidumbu Ezomisiwe. La mangcwaba angamakhilomitha ayishumi ubude aseneminyaka engu-2 000, kusukela ngasekuqaleni kwenkathi yamaGreki namaRoma. Umqondisi wezinto zasendulo uZahi Hawass uthi ezinye zezidumbu esezimbiwe kuze kube manje, zazimbozwe ngelineni noma ngomcako, futhi eziningi zazo zazinezifihlabuso zegolide “nemiklamo emihle yonkulunkulu baseGibithe lasendulo ezifubeni zazo.”

Izifo Eziwumshayabhuqe Zihlasela I-Afrika

I-Cape Times ibika ukuthi iye yabhuntsha imizamo ye-World Health Organization yokuqeda uvendle ngokuphelele e-Afrika ekupheleni kwalo nyaka. Impi e-Angola iye yabangela ukuba uvendle lube umqedazwe kulelo zwe. UNeil Cameron, umqondisi wokulawulwa kwezifo ezithathelwanayo eMnyangweni Wezempilo eNingizimu Afrika, uthi kusazothatha eminye iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba uvendle luqedwe e-Angola. Ngaphezu kwalokho, omakhelwane be-Angola, iNamibia neDemocratic Republic of Congo bazama ukubhekana nokuqubuka kwezifo zokopha ezinjenge-Ebola, nesifo sembilapho. Uchoko luseyinkinga eCongo, eTopiya, eMozambique, eNiger naseNigeria. Konke lokhu, kuhlanganise neqiniso lokuthi umalaleveva udlangile kuleli zwekazi, kubangela ukukhathazeka okukhulu ngoba, njengoba uCameron aphawula, “imingcele ayisivimbi isifo.”

“Into Ebaluleké Kakhulu Ekuphileni”

“Amanzi ayinto ebaluleké kakhulu ekuphileni, ngoba umzimba unoketshezi oluningi,” kubika iphephandaba i-Toronto Star. “Ngisho nokuncipha kwamanzi ngamaphesenti angu-20 nje kungabulala.” Amanzi awenzi nje kuphela ukuba izinga lokushisa komzimba libe sesilinganisweni kodwa futhi “athwala izakhi nokungcola ekususa kwezinye izitho zomzimba ekuyisa kwezinye ekuhambisa ngesimiso somjikelezo wegazi nezinye izimiso zomzimba. Athambisa amalungu omzimba nopopopo, esiza ukuba ungaqunjelwa.” Umuntu omdala udinga amanzi angamalitha amabili kuya kwamathathu nsuku zonke. Ukuphuza ikhofi, iziphuzo ezibandayo noma uphuzo oludakayo kungase kwandise isidingo samanzi angaxutshiwe ngoba lokhu kunganezela ekuphelelweni amanzi emzimbeni. Ngokwesinye isazi sezokudla, akufanele uphuze amanzi ngoba sewomile ngoba lapho usuzizwa womile, asuke esephelile kakade amanzi emzimbeni. Leli phephandaba lithi “ukuphuza ingilazi yamanzi njalo ngehora phakathi nosuku kuyokwanelisa isidingo samanzi kubantu abaningi.”

Ukuthatha Isihlwathi Emsebenzini

Iphephandaba i-Toronto Star lithi: “Amanye amabhizinisi aseCanada aseqala ukuqaphela izinzuzo zokuthatha isihlwathi emsebenzini.” Abaqashi baye benza “izindlu zokuzigcina uphapheme” zezisebenzi zasebusuku. I-Star sithi: “Lezi zindlu zinokukhanya okuluvindi, zipholile, azinamsindo futhi zinamawashi akhalayo, osofa nezitulo zokuhlala-bulala.” Kodwa “kunzima ukuqeda imikhuba emidala. Izinkampani ezenza izindawo zokuthatha isihlwathi azikusakazi.” UMary Perugini, isazi sezokulala emthola-mpilo eRoyal Ottawa Hospital’s Sleep Disorders Centre, sithi: “Sisebenza amahora amaningi, izinga lethu lokucindezeleka liphezulu futhi siyaqhubeka silenezela. Ukulala imizuzu engu-20 ngosuku kungazuzisa. Kungenza umuntu athuthukise izinga lokusebenza (futhi) anciphise izinga lokucindezeleka.”

Usongo Lokuncibilika Kwezinguzunga Zamaqhwa Ahambayo

I-Sunday Telegraph yaseLondon ibika ukuthi inguzunga yeqhwa elihambayo enkulu kunazo zonke emhlabeni engaphandle kwezindawo eziyiqhwa izonyamalala ingakapheli iminyaka engu-40 uma iqhubeka nokuncibilika ngendlela encibilika ngayo. Inhlanganisela yamazinga okushisa akhuphukayo embulungeni yonke kanye ne-latitude ephansi yezintaba zaseHimalaya kusongela izinguzunga zamaqhwa zakule ndawo ezingu-15 000. Inguzunga yeqhwa iGangotri, engomunye wemithombo yoMfula iGanges, iye yancipha cishe ngengxenye eyodwa kwezintathu zobude bayo eminyakeni engu-50 edlule. USyed Hasnain, usosayensi onakekela izinguzunga zamaqhwa, uxwayisa ngokuthi uma leli zinga liqhubeka, “imifula enjengeGanges, i-Indus neBrahmaputra, ethola amaphesenti angu-70 kuya kwangu-80 amanzi ayo ekuncibilikeni kwesithwathwa nezinguzunga zamaqhwa, izokusha.” Uxwayisa ngokuthi “kuzophumela enhlekeleleni yezinto eziphilayo.” Okwamanje, ingozi yezikhukhula ezinkulu iyanda. Uma izinguzunga zamaqhwa zincibilika, kwakheka amachibi azungezwe izindonga eziyiqhwa elilula, amadwala nesihlabathi. Njengoba iqhwa liqhubeka lincibilika, izindonga ziyabhidlika, zidedele izikhukhula ziye emadolobhaneni angezansi.

Izingozi Zikagwayi Ezinganeni

Iphephandaba laseLondon i-Guardian libika ukuthi i-World Health Organization (WHO) ilinganisela ukuthi impilo yezingane ezingamaphesenti angu-50 emhlabeni isengozini ngenxa yokuchayeka ekubhenyweni kukagwayi. Ukugula okuhambisana nokuhogela ugwayi obhenywa ngabanye kuhlanganisa isifo sofuba nezinye izinkinga zemigudu yokuphefumula, ukufa kwezinsana ngokuzumayo, ukuphathwa indlebe nomdlavuza. Ucwaningo lubonisa nokuthi izingane zabantu ababhemayo ziyaphazamiseka kwezemfundo futhi zinezinkinga eziningi zokuziphatha. Uma bobabili abazali bebhema, izingane zabo zinamathuba angamaphesenti angu-70 okuba zibe nezinkinga zempilo, futhi ngisho noma kubhema umuntu oyedwa ekhaya kuyokwenyuka la mathuba ngamaphesenti angu-30. I-WHO igqugquzela kokubili ukuba abazali bafundiswe ngempilo ukuze basizwe baqaphele ingozi edalwa umkhuba wabo kagwayi emkhayeni nokuba kuvinjelwe ukubhema ezikoleni nakwezinye izindawo izingane ezivame ukuba kuzo.

Ukudlondlobala Kwezokuvakasha

Ngokwalokho okubikezelwa i-World Tourism Organization (WTO), “inani labantu abavakashela kwamanye amazwe lizokwenyuka kusukela kweliyikho manje, izigidi ezingu-625 ngonyaka, liye ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-1,6 ngo-2020,” kubika i-UNESCO Courier. Lezi zivakashi kulindeleke ukuba zichithe imali engaphezu kwezigidi eziyizigidi ezingu-12 zamaRandi, “okwenza ezokuvakasha zibe ibhizinisi elihamba phambili.” Kuze kube manje, iYurophu iyindawo ethandwa kakhulu yizivakashi. IFrance yizwe elivakashelwa kakhulu, laba nezivakashi eziyizigidi ezingu-70 ngo-1998. Nokho, ngonyaka ka-2020, kulindeleke ukuba iChina ihambe phambili. Nokho, ukuhambela amazwe kuseyilungelo lomtakabani. Ngo-1996, amaphesenti angu-3,5 kuphela abantu abasemhlabeni avakashela amanye amazwe. I-WTO ibikezela ukuthi leli nani lizofinyelela amaphesenti angu-7 ngo-2020.

Izingozi Zamaholide Amafushane?

Iholide elifushane, iholide lempelasonto manje eligqugquzelwa yimboni yezokuhamba eYurophu njengendlela esheshayo nelula yokuphumula ukhohlwe izingcindezi zokuphila, empeleni lingase “likulimaze kunokuba likusize,” kubika iphephandaba laseLondon i-Guardian. Ngokwesazi sezifo zenhliziyo uDkt. Walter Pasini, we-World Health Organization, ukupakisha, ukuphuthuma esikhumulweni sezindiza nokuhamba ngendiza, kanye nokushintsha kwamazinga okushisa, ukushintsha kokudla nesikhathi, kunganezela ekukhathaleni futhi kungaba ingozi. Umzimba uthatha izinsukwana ukuba uphumule futhi uzivumelanise nesimo sezulu nendlela yokuphila ehlukile, futhi uma lokhu kungenzeki, isimiso sokujikeleza kwegazi nemikhuba yokulala kuyaphazamiseka kakhulu. Leli phephandaba lithi ukuhlola kukaDkt. Pasini “kwathola ukuthi labo abathatha izinsuku ezimbalwa babenamathuba angu-17% okuba nesifo senhliziyo namathuba angu-12% okuhileleka ekushayiseni kwemoto kunalabo ababethathe isonto noma ngaphezulu.” UDkt. Pasini, ocashunwe kuyi-Daily Telegraph yaseLondon uthi: “Angisho ukuthi ukuthatha amaholide amafushane kuyingozi nakanjani, kodwa ngithi abantu kufanele baqaphe futhi bazilungiselele kahle. Abantu manje baya bethatha amaholide amafushane kakhulu futhi bazule ngawo bezama ukwenza zonke izinto ngesikhathi esincane, kodwa leyo akuyona indlela enhle yokuphumula. Eqinisweni iyacindezela kakhulu.”

Ukuphindisela Kwe-rattlesnake

I-New Scientist ibika ukuthi “ama-rattlesnake angakushaya noma esefile—futhi lolu hlobo oluyinqaba lwempindiselo yangemva kokufa lwandile.” Phakathi kweziguli ezingu-34 ezelashelwa ukulunywa i-rattlesnake e-Arizona, e-U.S.A., ezinyangeni ezingu-11, ezinhlanu zathi inyoka yazihlasela isifile, kusho odokotela ababili abahlola lesi simo. Esinye isisulu sadubula inyoka, sanquma umzimba wayo ngezansi kwekhanda, sayilinda ukuba iyeke ukunyakaza, sabe sesithatha ikhanda. Lasishaya futhi lasiluma izandla zombili. Ukuhlola okwenziwa ngaphambili kuye kwabonisa ukuthi ikhanda le-rattlesnake eselihlukaniswe nomzimba “lingazama ukuhlasela izinto ezinyakaza phambi kwalo kuze kuphele ihora ngemva kokuba lifile,” kusho lo magazini. Izazi zesayensi yezilwane ezihuquzelayo zikholelwa ukuthi lokhu “kuyisenzo esizenzakalelayo, esishukunyiswa izinzwa ezamukela ukukhanya ‘ezisezithweni eziyimigodi’ eziphakathi kwekhala nehlo ezizwa ukushisa komzimba.” UDkt. Jeffrey Suchard uxwayisa ngokuthi i-rattler enqunywe ikhanda kufanele iphathwe “njengenyoka emfushane kakhulu.” Uthi: “Uma kudingeka ngempela ukuba uyithinte, ngisikisela ukuba usebenzise induku ende kakhulu.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela