Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 1/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhambo Oluyingqayizivele LukaVasco da Gama
    I-Phaphama!—1999
  • UComenius—Umsunguli Wemfundo Yanamuhla
    I-Phaphama!—1999
  • Ibhuloho Elaqanjwa NgoVasco Da Gama
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 1/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

UVasco da Gama Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Uhambo Oluyingqayizivele LukaVasco da Gama.” (March 22, 1999) Sasicacile futhi sifundisa. Nabonisa ukuthi wayenemikhumbi emithathu ohambweni lwakhe, kodwa empeleni yayimine. Futhi, nathi uDa Gama wabuyela eLisbon ngo-September 8, 1499. Kanti wafika ekupheleni kuka-August.

P. N., Kenya

Kuyiqiniso ukuthi uhambo lukaDa Gama lwaqala lunemikhumbi emine. Nokho, ingxenye yohambo echazwe esingenisweni yenzeka ngemva kokuba umkhumbi wesine ubhujisiwe. Ngokuqondene nosuku afika ngalo eLisbon, imithombo eminingi ilubeka ekuqaleni kuka-September. Ngokuthakazelisayo, “i-Portugal and the Discoveries” ithi: “UVasco da Gama wafika ngo-August 29 noma ekupheleni kwakhe, wamukelwa iNkosi ngomkhosi ofanele ngo-September 8.” Lokhu kungalungisa lokho okubonakala sengathi kuyaphikisana.—ED.

Ingabe Uyazi? Ngithanda ukunibhalela ngezihloko ezithi “Ingabe Uyazi?” ezikuyi-Phaphama! Ngiyazijabulela ngoba zigcina ingqondo yami iphapheme, futhi umuntu oneminyaka engu-78, kufanele agcine ingqondo yakhe isebenza. Lapho sifunda iBhayibheli, izingqondo zethu ngokuvamile azikwazi ukugcina ukwaziswa okuningiliziwe okunjengalokhu okuboniswe kulezi zihloko ezithi “Ingabe Uyazi?” Ngakho ngichitha isikhathi ngibheka yonke imibhalo ekhonjiwe. Ngiyabonga ngale ngosi.

J. W., United States

UComenius Ngifundisa iqembu labantu abadala ukufunda. Isihloko senu esihle kakhulu esithi “UComenius—Umsunguli Wemfundo Yanamuhla” (May 8, 1999) sangisiza ukuba ngiqonde ukuthi kungani abanye benobunzima ekufundeni. Ukwaziswa okusebhokisini elihambisana naso elithi “Ezinye Zezimiso ZikaJohn Comenius,” zizoba usizo kakhulu.

N. A. F., Brazil

Ngiyabonga ngesihloko esifundisayo. Ngafunda okwengeziwe ngoComenius emakhasini amane e-Phaphama! kunengangikuthole eyunivesithi ezifundweni eziyishumi.

H. P., Germany

IBhayibheli LaboMdabu BaseMelika Lapho ngifunda isihloko esithi “AboMdabu BaseMelika NeBhayibheli” (May 8, 1999), isithakazelo sami sashukunyiswa ikakhulu ukubhekisela kwenu eBhayibhelini likaJohn Eliot ayelihumushele olimini lwamaNdiya aseMassachusett. Mina nomyeni wami sabona ikhophi yalelo Bhayibheli lapho sivakashele eHuntington Library, eSan Marino, eCalifornia. Lalivulwe encwadini yamaHubo, futhi igama likaJehova libonakala ngokuphindaphindiwe. Yeka injabulo esaba nayo lapho sibona igama likaNkulunkulu kuleli Bhayibheli lekhulu le-17!

B. J., United States

Ukugqilazwa Kwezingane Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Ukugqilazwa Kwezingane—Sekuzophela!” (May 22, 1999) Lapho ngibona isembozo okokuqala, umbono wami oqotho wawuwukuthi lezi zihloko azikhulumi ngezwe lakithi. Kodwa lapho ngiqala ukuzifunda, angikwazanga ukuyeka. Uma ngingagwegwesi, ngingathi ngashaqeka. Ngisanda kuthenga u-teddy bear ngemali encane kakhulu kunaleyo obekungaba yiyo uma bewenziwe eJapane. Kuyadabukisa ukucabanga ukuthi umsuka wentengo ephansi kungase kube ukuphathwa ngonya kwezingane ezincane.

S. O., Japan

Ukwehlisa Umzimba Ngineminyaka eyishumi ubudala. Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza. . . Ngingakunqoba Kanjani Ukuhlale Ngicabanga Ngokwehlisa Umzimba Wami?” (May 22, 1999) Bengihlale ngicabanga ukuthi ngikhuluphele kakhulu. Ngokufunda lesi sihloko, ngaqonda ukuthi umzimba womuntu awuyona into eyinhloko. Okubaluleke kakhulu izimfanelo zakhe.

M. S., Russia

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela