Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukulawula Uvalo Lapho ngifunda lezi zihloko ezikhuluma ngovalo (July 22, 1998), ngezwa sengathi ngangangiwe ingalo eduduzayo. Ekugcineni, luze luqondakale usizi oluye lwabekezelelwa umkami kukho konke ukuphila kwakhe. Ukwesaba ukuba phakathi kwabantu kuye kwambangela usizi olukhulu. Angikaze ngikuqonde ngokugcwele lokho abhekana nakho. Ukwesaba kwakhe ngempela ukukhuluma obala, ukusebenzisa ucingo, ukuhlangana nabanye kanye nokuzibona eyisilima ngaleso sikhathi nokushaywa uvalo—zonke lezi zimpawu zachazwa ezihlokweni zenu. Kwakusengathi kusombululeke impicabadala. Abantu abaningi baye baluchaza kabi uvalo nokwesaba umkami abhekana nakho futhi bakubheka njengokuba nekhanda eliluhlaza noma ukungezwani nabantu. Ngiyethemba ukuthi labo bazozifunda lezi zihloko ezinhle kanje.
M. C., Scotland
Ekuqaleni kwalo nyaka indodana yami eneminyaka eyishumi kuphela ubudala kwatholakala ukuthi ine-agoraphobia. Kuye kwaba umshikashika. Zimbili izinto engazithanda ngempela ngalezi zihloko. Okokuqala, ingxenye ethi “Abantu ‘Abanemizwa Efana Neyethu.’” Kwayikhulula ngempela indodana yami ukubona ukuthi ayiyodwa. Okwesibili, yindlela ecabangelayo lezi zihloko ezazibhalwe ngayo. Zazingabalahli abantu abanale nkinga futhi zazingayilulazi, kodwa zazibhalwe ngothando, ngomusa ngokuhlakanipha nangothando olukhulu.
K. J., Australia
Ngokwami lezi zihloko zazizinhle ngoba zazigxile kulokho umuntu angakwenza. Nachaza izinyathelo eziyinhloko zokulawula uvalo. Lokhu kwangisiza ukuba ngibe nomuzwa wokuthi ngingakwazi ukuthola usizo engiludingayo bese ngithuthuka.
J. I., Japan
Ngangiqala ngqá ukuzizwa ngiqondwa kanje. Angikwazi ukuchaza ukuthi kumnandi kanjani ukwazi ukuthi uJehova uyakuqonda ukuhlupheka okungabangelwa uvalo lokuba phakathi kwabantu. Lezi zihloko zasiza nabangane bami ukuba bakuqonde kangcono lokho engibhekana nakho.
G. O., Germany
Ngamangazwa ububele enabubonisa kulabo abahlushwa uvalo lokwesaba abantu, njengami. Lezi zihloko zaziyikho kanye lokho okwakudingeka. Yeka ukuthi kwangenza ngaqina idolo kanjani ukwazi ukuthi bakhona abanye abanenkinga efanayo! Ngizimisele ukubhekana nalobu bunzima futhi ngibunqobe.
S. D., Italy
Kungani Ngingakwazi Ukugxilisa Ingqondo? Ngakhala izinyembezi zenjabulo lapho ngifunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingakwazi Ukugxilisa Ingqondo?” (July 22, 1998) Ngineminyaka engu-18 ubudala futhi ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngangikhathazeka ngoba ngangingakwazi ukugxilisa ingqondo, kanti yikho okubalulekile ukuze ukwazi ukusiza abantu enkonzweni yasensimini. Kwase kufike lapho ngicindezeleka khona ngoba ngangingakwazi ukukhumbula izinto futhi ngizihlaziye. Njengoba iBhayibheli lisho, kuyiqiniso ukuthi uJehova usinikeza ukudla ngesikhathi esifanele.
A. R. C. R., United States
Izixwayiso Kwabavakashayo Isixwayiso esisodwa esisele engxenyeni ethi “Izixwayiso Kwabavakashayo,” esesihlokweni esithi “Udenga—Imfiva Oyithola Ngokulunywa” (July 22, 1998), ukusebenzisa inetha lomiyane ebusuku, ikakhulukazi elinesibulala-zinambuzane.
I. H., England
Siyakwazisa kakhulu lokhu okuphawulwe umfundi. Lesi sixwayiso siwusizo ikakhulukazi ekuvimbeleni umalaleveva. (Bheka i-“Phaphama!” ka-July 22, 1997, ikhasi 31.) Nokho, ngokwe-U.S. Centers for Disease Control, umiyane obangela imfiva yodenga “uthanda ukuluma abantu emini.” Ubaluma kakhulu “ekuseni amahora amaningana ngemva kokuba kusile kanye nantambama amahora amaningana ngaphambi kokuba kuhlwe.” Ngakho-ke, ukusebenzisa inetha lomiyane ebusuku kungase kungaphumeleli kakhulu ekuvimbeleni loku kugula.—ED.