UMkhandlu Wokwahlulela WaseRussia Ulwela Ofakazi BakaJehova
OFAKAZI BAKAJEHOVA bayayijabulela imibiko eyenziwa ngabo emithonjeni yezindaba uma imibiko enjalo ilungiselelwe kahle. Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova bazimisele ukunikeza ukwaziswa okuyiqiniso ngabo, izinkolelo zabo kanye nomsebenzi ongokwenkolo. Nokho, uma kunyatheliswa izihloko ezingelona iqiniso nezibanyundelayo, oFakazi ngezinye izikhathi bacela usizo lwamagunya kahulumeni ukuba avikele amalungelo abo angokwenkolo nawokuba izakhamuzi. Cabangela isibonelo samuva.
Ngo-August 1, 1997, esenezelweni sesifunda saseSt. Petersburg, i-Komsomolskaya pravda, iphephandaba elidumile laseRussia, yanyathelisa isihloko esasinokwaziswa okungamanga aluhlaza ngoFakazi BakaJehova. Esihlokweni esasithi, “Ihlelo EPetersburg. Kuzoba Khona Ithempeli Ledolobha Lapha,” umbhali, u-Oleg Zasorin, wathi oFakazi BakaJehova bahlupha abantu ngezinkolelo zabo futhi umsebenzi wabo uphula uMthetho-sisekelo waseRussia. Lokhu kuhlasela kwakugcwele ukwaziswa okuhlanekezelwe ngezimfundiso zoFakazi ezisekelwe eBhayibhelini, ngokwesibonelo mayelana nokumpontshelwa igazi nobuhlobo bomkhaya. Ngaphezu kwalokho, lesi sihloko sabiza oFakazi BakaJehova ngokuthi “ihlelo,” sithi abanye bababheka “njengehlelo eliyingozi kakhulu kunawo wonke.”
ISikhungo Sokuphatha se-Regional Religious Organization of Jehovah’s Witnesses eRussia sacela i-Russian Federation Presidential Judicial Chamber for Media Disputes ukuba icabangele ukwaziswa okukulesi sihloko, oFakazi BakaJehova abakubheka njengokungamanga. Emhlanganweni walo Mkhandlu Wokwahlulela owawungo-February 12, 1998, abameleli boFakazi BakaJehova babekhona futhi baphendula imibuzo eminingi eyayiphakanyiswa amalungu omkhandlu, izintatheli nabameli. Ukuze athole ukuthi yini ngempela oFakazi BakaJehova abayikholelwayo nabayifundisayo, amalungu oMkhandlu Wokwahlulela ahlolisisa izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova, ikakhulukazi incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
UV. V. Borshchyov, oyiphini le-State Duma of the Russian Federation, waphawula ukuthi igama elithi “amahlelo” linencazelo engeyinhle neze. UMnu. Borshchyov wathi: “[Ukwamukela] ukuhlanekezelwa okunjalo nokuqamba amagama ahlambalazayo kuyingozi ngempela. Iqiniso lokuthi uMkhandlu Wokwahlulela wamukela isikhalo soFakazi BakaJehova ukuze sicatshangelwe libaluleke kakhulu. Ukwanda kwenzondo enjalo nokwethuka izinhlangano zenkolo ezisemthethweni kumelwe kuphele.”
Ngemva kokuzwa bonke ubufakazi, uMkhandlu Wokwahlulela waphetha ngokuthi isihloko esasikuyi-Komsomolskaya pravda sasephula umthetho futhi singafanelekile; futhi wathola nokuthi lesi sihloko sasigcwele amanga angenasisekelo. “Umbhali akanikezi maqiniso aqondile . . . Umbhali wale ncwadi usakaza inzwabethi njengeyimibiko ethembekile, esebenzisa kabi amalungelo ezintatheli,” kusho uMkhandlu Wokwahlulela. Ngokuphambene nalokho okwabikwa yisihloko saleli phephandaba, uMkhandlu Wokwahlulela wathola ukuthi oFakazi BakaJehova bahlonipha umthetho futhi bafundisa amalungu abo ukuba ahlalisane ngokuthula nemikhaya nabanye abangahlanganyeli nabo izinkolelo zabo ezingokwenkolo.
Esikhathini esiyihora ngemva kokuba kuzwakale ubufakazi bokugcina, uMkhandlu Wokwahlulela wakhipha isinqumo sawo:
“1. Ukuqaphela ukunyatheliswa kwesihloko esithi ‘Ihlelo EPetersburg. Kuzoba Khona Ithempeli Ledolobha Lapha’ njengokuwukwephulwa kwezimfuneko zeziNgxenye 4, 49 no-51 zoMthetho We-Russian Federation ‘Wemithombo Yezezindaba Esakazela Abantu Abaningi.’
“2. Ukutusa ukuba i-State Committee of the Russian Federation Responsible for Printed Matter ibukeze indaba yokukhipha isixwayiso ebhodini yomhleli wephephandaba i-Komsomolskaya pravda.
“3. Ukusola intatheli u-O. Zasorin.
“4. Ukutusa ukuba ibhodi yomhleli wephephandaba i-Komsomolskaya pravda ixolise ngokukhipha ukwaziswa okungathembekile okululaza inhlangano yoFakazi BakaJehova ngokungenasisekelo.”
Lesi sinqumo soMkhandlu Wokwahlulela sivumelana neziphetho ezafinyelelwa oyisazi sezenkolo nomfundi wefilosofi uSergei Ivanenko. Ngemva kokucubungulisisa izinkolelo zoFakazi BakaJehova nokujwayelana nabo, uMnu. Ivanenko, ongeyena omunye woFakazi BakaJehova, wabhala isihloko esaphuma kuyi-Moscow News ka-February 20-26, 1997.a UMnu. Ivanenko waphetha: “OFakazi BakaJehova baphawuleka ngokukholelwa ngokugxilile ekubeni baphile ngokuvumelana neBhayibheli. . . . KoFakazi BakaJehova, iBhayibheli liwumthetho-sisekelo, isimiso somphakathi nokubonakaliswa okuphakeme kweqiniso. . . . OFakazi BakaJehova bangabhekwa njengesibonelo ezakhamuzini abaphila kanye nazo ngokuzinikela kwabo eqinisweni leBhayibheli nokuzimisela kwabo ukumelela izinkolelo zabo ngokuzidela.”
Isinqumo soMkhandlu Wokwahlulela nalokho okwaphawula uMnu. Ivanenko kuphindé kwaqinisekisa ukuthi inkolo yobuKristu yoFakazi BakaJehova ayiyona ingozi emphakathini kodwa kunalokho izuzisa bonke abantu abanezinhliziyo eziqotho. OFakazi BakaJehova bahlala ‘belungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikubo, kodwa benza kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’—1 Petru 3:15.
[Imibhalo waphansi]
a Ingxenye enkulu yesihloko sikaMnu. Ivanenko esithi “Ingabe Kufanele Sibesabe OFakazi BakaJehova?” yanyatheliswa kuyi-Phaphama! ka-August 22, 1997, emakhasini 22-7, ngemva kokutholakala kwemvume.