Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 11/8 k. 8-k. 9 isig. 6
  • Ingculaza—Liyini Ithemba Lesikhathi Esizayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingculaza—Liyini Ithemba Lesikhathi Esizayo?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikhambi Liyoba Khona
  • Intuthuko Ekulweni Nengculaza
    I-Phaphama!—2004
  • Indlela Yokulwa Nengculaza
    I-Phaphama!—1998
  • Ikhambi Lengculaza—Lidingeka Ngokuphuthumayo!
    I-Phaphama!—2004
  • Ingculaza Iyasakazeka E-Afrika
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 11/8 k. 8-k. 9 isig. 6

Ingculaza—Liyini Ithemba Lesikhathi Esizayo?

NGAPHANDLE kokuntuleka kwemithi yokwelapha noma yokuvimbela igciwane le-HIV, kunezinye izici ezithiya ukunqandwa kwalesi sifo. Esinye sazo siwukuthi abantu abaningi, njengoba bengazimisele ukushintsha indlela yabo yokuphila, abakhathali ngokuthi bazongenwa yilesi sifo. Ngokwesibonelo, e-United States izinga lokuthathelana kwalesi sifo liye laqhubeka linyuka, nakuba siye sehla isibalo sabantu abaye baba nengculaza. I-Associated Press isikisela ukuthi isizathu salokhu siwukuthi “abantu abaningi abazilaleli izixwayiso eziphathelene nokuvimbela lesi sifo.”

Emazweni omhlaba asathuthuka, okuthiwa anabantu abangamaphesenti angaba ngu-93 abanegciwane le-HIV, kunezinye izinkinga abhekana nazo ekulweni nalesi sifo. Amaningi ala mazwe ampofu kakhulu ukuba anganikeza ngisho nezinto zokunakekela impilo eziyisisekelo. Ngisho noma bekungaba nemithi emisha kulawo mazwe—futhi ngokuvamile ayikho—izindleko zokwelashwa unyaka wonke bezingaba ngaphezu kwemali abaningi abayithola kukho konke ukuphila kwabo!

Kodwa-ke, ake sithi kwenziwa umuthi omusha nongabizi, obungakwazi ukwelapha lesi sifo. Ingabe bonke abawudingayo lowo muthi bebengawuthola? Cishe bebengeke. Ngokwe-United Nations Children’s Fund, unyaka ngamunye abantwana abangaba yizigidi ezine babulawa yizifo ezinhlanu ezingavinjelwa ngemithi yokugoma engabizi, etholakalayo.

Kuthiwani ngabantu abanesifo abasemazweni lapho imithi yokwelapha ingatholakali khona? URuth Mota, we-International Health Programs eSanta Cruz, eCalifornia, uye wasiza ekuhleleni izinhlelo zokuvimbela i-HIV nokunakekela abanayo emazweni amaningi asathuthuka. Uthi: “Ngokwazi kwami, ukuba nesimo sengqondo esiqondile kubaluleke njengokuthola imithi. Ngazi abantu abaye baphila ne-HIV iminyaka eyishumi kuya kwengu-15 abangakaze bayisebenzise imithi. Imithi iwusizo, kodwa ukululama kudinga okungaphezu nje kokuphuza imithi. Kuhilela isimo sengqondo, ukusekela komphakathi, ingokomoya nokondleka.”

Ikhambi Liyoba Khona

Ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi ngolunye usuku ingculaza iyonqotshwa? Yebo, sikhona. Ithemba elingcono kakhulu litholakala emazwini alokho abaningi abakubiza ngokuthi uMthandazo WeNkosi noma uBaba Wethu. Kulowo mthandazo, olotshwe encwadini yeBhayibheli kaMathewu, sinxusa ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengasezulwini. (Mathewu 6:9, 10) Akuyona intando kaNkulunkulu ukuba abantu bakhathazwe izifo phakade. UNkulunkulu uyowuphendula lowo mthandazo. Lapho enza lokho, ngeke aqede ingculaza nje kuphela kodwa nazo zonke ezinye izifo ezikhathaza isintu. Khona-ke, “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.

Okwamanje, indlela engcono kakhulu iwukuvimbela izifo. Uma kubhekwa izifo eziningi, umuntu angakhetha phakathi kokubili: Ungazivimbela noma mhlawumbe uzelaphe. Kodwa uma kuziwa kuyi-HIV, akukho ukukhetha okunjalo. Ingavinjelwa, kodwa okwamanje ayilapheki. Kungani ufaka ukuphila kwakho engozini? Ngokuqinisekile alikho ikhambi elingcono kunokuzivikela.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

“Ukululama kudinga okungaphezu nje kokuphuza imithi. Kuhilela isimo sengqondo, ukusekela komphakathi, ingokomoya nokondleka.”—Ruth Mota

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

“Ibandla Laba Nomusa Kakhulu”

Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu akanye nawo: “Masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Unina kaKaren, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, ulandisa indlela ibandla lakubo loFakazi BakaJehova elasabela ngayo lapho lizwa ukuthi uKaren noBill babegula ngenxa yokungenwa i-HIV. Uthi: “Ibandla laba nomusa kakhulu. Lapho uBill ephethwe yi-pneumonia, uKaren naye wayegula futhi kunzima ukuba anakekele yena nabantwana. Abazalwane bahlanza indlu yabo, babalungisela imoto futhi babawashela. Babasiza ekunakekeleni izindaba zomthetho nokuthuthela endlini entsha. Babethenga ukudla futhi babaphekele. Babasekela kakhulu ngokomzwelo, ngokomoya nangezinto ezibonakalayo.”

[Isithombe ekhasini 8]

Ukuthembeka emshadweni kungavimbela ukungenwa yi-HIV

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela