“I-Phaphama! Iyincwadi Enhle”
Amazwi angenhla ashiwo owesilisa oyiSulumane oneminyaka engu-16 ubudala waseBenin City, ezweni lase-Afrika iNigeria. Wachaza encwadini eya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseNigeria:
“Ngathola i-Phaphama! kubo kamngane wami futhi ngaboleka omagazini abangu-9. Ngabafunda ngabageqa bonke ngosuku olulodwa! Ngibhalela ukutusa indlela ehlakaniphile i-Phaphama! ebhalwe ngayo—futhi ngidumisa noJehova—ngomsebenzi omuhle kangaka! Ngihlatshwe umxhwele ikakhulukazi indlela enihlanganisa ngayo izindaba zemvelo neBhayibheli kanye noNkulunkulu. Njengelungu le-Nigerian Conservation Foundation, bengilokhu ngifuna izincwadi zokwenza umtapo wami wolwazi lwezemvelo. Manje sengiyaqaphela ukuthi i-Phaphama! iyincwadi enhle. Sizani ningazise ukuthi ngingabathola kanjani omagazini be-Phaphama! ababili ngenyanga abavela kini ngokuqondile.”
Kungenzeka ubungakaze uyifunde i-Phaphama! ngaphambi kokubona le khophi. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongayithola ngayo enye ikhophi, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5. Uma uthanda, siyokujabulela ukuba othile akuvakashele ekhaya azoxoxa nawe ngokubaluleka kwezikhathi esiphila kuzo.
□ Ngithumeleleni ukwaziswa okwengeziwe ngendlela engingayithola ngayo ikhophi yamuva ye-Phaphama!
□ Sizani ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Globe: Courtesy of Replogle Globes, Inc.