Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 11/8 k. 31
  • Intsha Engamahlongandlebe—Ziyini Izimbangela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intsha Engamahlongandlebe—Ziyini Izimbangela?
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Siza Umntanakho Akhule
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ziyini Izinselele?
    I-Phaphama!—2009
  • Bazali, Vikelani Abantabenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingabe Kunehlongandlebe Ekhaya?
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 11/8 k. 31

Intsha Engamahlongandlebe—Ziyini Izimbangela?

INGABE unombono ovamile wokuthi intsha engamahlongandlebe ivela emikhayeni empofu nokuthi izingane zemikhaya “ekahle” azivamile ukuba yizigebengu? Kwabanye abantu base-Asia, amaqiniso ayebonakala esekela lowo mbono. I-Asia Magazine iyabika: “Akusenjalo. Izibalo zamaphoyisa nemibiko yamacala e-Asia kubonisa ukuthi intsha eningi evela emikhayeni ehloniphekayo isiyantshontsha, icekela phansi impahla, isebenzisa izidakamizwa futhi iyafeba.”

Ngokwesibonelo, eJapane ingxenye yentsha enamacala obugebengu ivela emikhayeni yesigaba esiphakathi. Isimo siyafana naseBangkok. U-Adisai Ahapanun, umphathi weMuhita Training School, uthi: “Esikhathini esidlule, ubugebengu bentsha babubangelwa ukungabi namali. Namuhla, intsha engaphezu kwamaphesenti angu-50 lapha ivela emikhayeni esesigabeni esiphakathi engenazinkinga zezimali.”

Abanye bathi lesi simo sibangelwa ukusebenza komama, isibalo esandayo sesehlukaniso nokuphishekela izinto ezibonakalayo ekuphileni. Isekela lomqondisi wesikhungo sokuqondisa intsha eSingapore, u-Eddie Jacob, lithi: “Imbangela eyisisekelo imikhaya ewohlokile—enabazali abahlukanisile, noma enomzali oyedwa, noma enabazali abasebenza bobabili futhi izingane zisale zinganakiwe. Izingane zifunda ukuziphatha ekhaya.”

IBhayibheli labikezela ukuthi izikhathi zethu zaziyobonakala ngokuvukela kwentsha okwandayo. (2 Thimothewu 3:1, 2) Nokho, yona leyo ncwadi inganika imikhaya izimiso ezidingayo ukuze ihlale ndawonye, kungakhathaliseki ukuthi isimo sayo somnotho sinjani. IBhayibheli likufanelekele ukuhlolwa, ngoba “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16) OFakazi BakaJehova e-Asia—empeleni, emhlabeni jikelele—bathola izinzuzo ngokufunda iBhayibheli njengemikhaya. Bangakujabulela ukukusiza ukuba wenze okufanayo.

[Izithombe ekhasini 31]

Ungazikhethela—ukuba yihlongandlebe noma ukwamukelwa uNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela