Ukuhlola Ubuhle Obungapheli Bokhuni
Ngumlobeli we-Phaphama! eNew Zealand
IMITHI, ikakhulukazi izinhlobo ezizimilelayo, incipha ngokushesha okukhulu. Amahlathi ancipha ngezinga elishaqisayo ezindaweni eziningi emhlabeni. Ukuntuleka kwemithi kwenza ukuba ukhuni lumbe eqolo, lube lungenye yezinto eziyisisekelo nezaziyinala kuqala.
Kuyindida ukuthi lapha eNew Zealand kuchuma izihlahla zikaphayini wohlobo lwe-radiata, ezaqala ukutshalwa ngawo-1930, kuyilapho izihlahla ezizimilelayo njenge-rimu, i-kauri, i-beech ne-kahikatea, zincipha.
Ukudla Ubhedu Kokhuni Oluqinile Okungasoze Kwaphela
Izinkulungwane zeminyaka umuntu uye wajabulela ukubaza ukhuni ngezindlela ezihlukene, alwenze izinto eziwusizo. Ngokuvamile abantu bayawuthanda umbala, imigqa egqamile, ngisho nephunga lezinhlobo eziningi zokhuni. Izinto eziwusizo ezihlukahlukene ziye zaletha ukwaneliseka unyaka nonyaka, futhi ngezinye izikhathi ngisho namakhulu eminyaka.
Kusukela ezikhathini zasendulo, ifenisha ebazwe ngokhuni oluqinile ibisetshenziswa emakhaya. Besebenzisa amathuluzi alula, abesilisa nabesifazane baye bakhipha unyawo ekubazeni izinto ezibalulekile njengamatafula, izitsha, izigqiki, imiphongolo, amabhokisi nezihlalo.
Ubuchwepheshe banamuhla buye benza ukuba izinto ezinjalo zibazwe ngokushesha namuhla. Amathuluzi kagesi, njengamasaha, izinto zokubhola, izinto zokulolonga ipulangwe, izinto zokucwebezelisa, angalubaza ngokuphumelelayo ukhuni lube ifenisha yokhuni eqinile nakuba engaba nomsindo ngokwezinga elithile. Amazwe amaningi angaziqhayisa ngamafektri okubaza ukhuni, angabaza ifenisha ebiza amanani aphansi ngobuningi.
Kodwa ifenisha enjalo ayivamile ukuhlala isikhathi eside ngoba kungenzeka (1) esikhundleni sokhuni oluqinile kusetshenziswe okunye (ukhuni lwezinga eliphansi olumbozwe ngocwecwana lokhuni lwekhethelo, i-chipboard) noma (2) ukuhlanganiswa kwayo kobuciko kwenziwa ngokubhuduzela ngemishini yokuhlanganisa noma ngezipikili.
Ukubuyela Kuyi-adz
Bezama ukuqeda lokho okubonakala kungagculisi kwezobuchwepheshe banamuhla, abanye bafuna ithuluzi lakudala lokubaza ukhuni—i-adz. Ichazwa ngokuthi “iyithuluzi lokusika elinensingo encane egobile eqondene ngqó nesibambo futhi ngokuyinhloko isetshenziselwa ukubaza ukhuni.” ENew Zealand, abantu baseMaori babesebenzisa ama-adz okusika itshe eliyigugu eliluhlaza (i-jade) ukuze benze izikejana futhi balolonge izigwedlo ezizobazwa. Nokho, ama-adz amaningi namuhla ayinsimbi.
Emakhulwini eminyaka adlule, ababazi babesebenzisa ama-adz ukuze baqondise izinsika lapho kwakhiwa izindlu noma imikhumbi. Babebaza amapulangwe bewabambe ngezinyawo, besebenzisa insingo egobile ye-adz ukuze basike amaqhuqhuva noma izindawo ezinezimbobo ezingaphezulu.
Umngane Wayo—I-drawknife
Elinye ithuluzi elibaluleke kakhulu elengeza ubuhle bento ebazwayo futhi lisebenzisane ne-adz, i-drawknife. Lisetshenziselwa ukulolonga izingxenye zomuthi ezingasekugcineni nezingasekuqaleni. Kokubili i-adz ne-drawknife kumelwe kuhlale kubukhali.
Uma usuthole la mathuluzi, isinyathelo esilandelayo ukufuna imithi efanelekayo bese uyiguqula ibe yinoma iyiphi into noma ifenisha ofuna ukuyibaza. Kulapho-ke lapho indlela endala, engathuthukisiwe yokwenza ifenisha inezinzuzo eziningi khona kubabazi, kunendlela yamanje evamile yezimboni.
Amapulangwe angalolongekile asikwe ngesaha, angaguqulwa enziwe ifenisha eqinile nenhle uma nje omile futhi engagobile. Amapulangwe anjalo angatholakala ezindaweni eziningi: efenisheni elahliwe (amakhabethe ezingubo, ama-headboard namatafula), emabhokisini ezimpahla amadala, emishayweni yezakhiwo ezingasasebenzi nasezigxotsheni zocingo ezindala.
Ukhuni Oseluke Lwasebenza —Lunikezwa Elinye Ithuba
Ukhuni oludala olungaphehliwe noma olungabolile lungaba luhle lukhazimule uma lubazwa ingcweti.
Amabala, izimbobo zezipikili nemigodi kungenza ukuba ukhuni lube nezici ezingajwayelekile uma kubuye kwenziwa ngalo ifenisha. Uma uyiyeka injalo noma uyipende futhi uyipholishe, into yakho oyibazile, eyenziwe kahle nehlala isikhathi eside iyokwanelisa futhi ikujabulise.
Njengomlimi olima inhlabathi, umbumbi obumba ubumba, nomphothi ophotha intambo, umbazi obaza ingxenye yokhuni esebenzisa i-adz ne-drawknife ukuthola kwanelisa kakhulu. Yebo, kuwumsebenzi onzima. Futhi kuyothatha isikhathi eside kunokusebenzisa izindlela zanamuhla. Nokho ukwazi ukuthi umsebenzi wakho uyokwanelisa nokuthi ifenisha yakho ebaziwe iyosetshenziswa iminyaka, kuyokwenza uchichime injabulo ngokubaza ukhuni.
Amacebiso Obuciko
Akuyona yonke imithi engabazeka kahle nge-adz. Ukhuni oluqinile lwasezindaweni ezishisayo luvame ukungasikeki ngensingo ye-adz. Ngokuvamile, umuthi othambile uyobazeka kangcono nge-adz. Amaqhuqhuva akufanele abe yinkinga. Ungawasusa ngokusebenzisa into yokugweda (ishizolo eligobile), ngaleyo ndlela uhlobise leyo ngxenye oyenzayo.
Eminye imibala emihle ivame ukutholakala emapulangweni asahwe emongweni womuthi. Ifenisha eyenziwe ngawo ngokuvamile ayikudingi ukupendwa. Nokho, uma ufuna ukuhlobisa ukhuni, kunezinhlobo eziningi zopende ongakhetha kuzo ozithandayo.
Ngisho nalokhu akudingekile ukuba kubize. Abanye baye bahuqa umuthi ophaphathekile ngamafutha emoto futhi bathola ukuthi ayenza ibe yinhle ngendlela eyisimanga into ebaziwe.
Ukuze uphethe kahle umsebenzi wakho, kukhona amakhemikhali nopende abayivanishi ongakusebenzisa ufuthe noma uhuqe ngako ifenisha yakho. Ukuze umuthi ube nongwengwezi olungakushintshi ukubukeka kwawo kwemvelo, kodwa oluwondlayo kunokuba lumane luwumboze nje, ungawuhuqa ngamafutha enziwe ngalokhu okulandelayo: izingxenye ezinhlanu zikaviniga, izingxenye ezine ze-turpentine, izingxenye ezimbili zikawoyela we-linseed nengxenye eyodwa ye-methylated spirit. Ncibilikisela umovu (beeswax) engxubeni yakho, futhi uyeke ukhuni lumunce le ngxube izinsuku eziningana.
Into Ebaziwe Eyanelisayo
Ifenisha yokhuni oluqinile ozibazele yona siqu iyohlala iyinhle njengoba ihlezi ekhoneni lakwakho olithandayo, kungakhathaliseki ukuthi liphansi kangakanani. Emhlabeni wonke, ezindlini ezinkulu nezincane, umuntu angathola izibonelo eziningi ezithakazelisayo zomsebenzi wezandla zababazi, ngezinye izikhathi zihlehlela emuva emakhulwini eminyaka. Ngokuqinisekile lezi ziwubufakazi bekhono, ukukhuthala nesineke salabo bantu. Bathola ukwaneliseka nenjabulo ekwenzeni izinto eziwusizo nezinhle uma ziye zaphathwa kahle. Lokhu kubenza babe nomuzwa wokuthi bafeze okuthile kulezo zakhiwo okuzihlobisayo.
Kulesi sikhathi, esesigcwele imikhiqizo yepulasitiki nemikhiqizo eyinhlanganisela, isipho soMdali wethu somuthi sisafeza izinjongo eziningi eziwusizo. Enye yalezo zinjongo ezibalulekile ukwenza kube nokhuni olukhanga umbazi ukuba aluguqule alwenze ifenisha enhle.
[Izithombe ekhasini 23]
I-“rimu”
I-“tawa”
I-oki
Uphayini wohlobo lwe-“radiata” omaholo- holo
Uphayini opendwe ngevanishi
Uphayini ohuqwe ngamafutha
Uphayini opendwe ngombala onsundu
[Isithombe ekhasini 24]
Ukusebenzisa i-“adz”
ne-“drawknife”
[Isithombe ekhasini 25]
Ikhabethe elibazwe ngesandla
[Isithombe ekhasini 25]
Ishalofu lasekhoneni