Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 9/8 k. 32
  • ‘Umagazini Ohamba Phambili’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Umagazini Ohamba Phambili’
  • I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1998
g98 9/8 k. 32

‘Umagazini Ohamba Phambili’

Wake wawufunda umagazini i-Phaphama!? Ubungayibeka kuliphi izinga le khophi oyiphethe manje? Ingabe izihloko zayo uzithola zifundisa, zicwaningwe kahle futhi zinemifanekiso emihle?

Umbhali ozimele waseNigeria, e-Afrika, wabhala: “Ngingumfundi we-Phaphama! wasikhathi sonke, nakuba ngingeyena omunye woFakazi BakaJehova. I-Phaphama! iwumagazini ohamba phambili. Kimi, iwumthombo wemibono eyakhayo. Izembozo zayo ziyakhanga futhi zenza umfundi ongabandlululi alangazelele ukuvula amakhasi ayo. Umagazini ngamunye uwubufakazi bokuhlakanipha okuphawulekayo; kanti ikhasi ngalinye liwubufakazi bobunyoninco bokuloba. Ngezihloko ezifike ngesikhathi nezibhalwe kahle, umagazini ngamunye uyidili lokwaziswa okuyigugu nokubaluleke kakhulu.”

Sikukhuthaza ukuba uhlole izihloko ezikule khophi ye-Phaphama! Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongayithola ngayo enye ikhophi, sicela wenze leso sicelo ngokubhalela i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele elisekhasini 5. Siyokujabulela ukukuthumelela enye ikhophi noma, uma uthanda, othile akuvakashele ekhaya azoxoxa nawe ngalokho okuphawulwa izikhathi esiphila kuzo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela