Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 9/8 kk. 9-10
  • Lapho Ithemba Nothando Kuqina

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ithemba Nothando Kuqina
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abangane Nabanye Abantu Abadala Bangasiza
  • Abasindiswa Engcupheni Yokuzibulala
  • Lapho Ukufa Kwentsha Kuyobe Kungasekho
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    I-Phaphama!—2008
  • Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuzibulala—uhlupho Entsheni
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani Kunokuzibulala Okuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 9/8 kk. 9-10

Lapho Ithemba Nothando Kuqina

ABAZALI, othisha nabanye abasebenzelana nentsha bayaqaphela ukuthi bona noma intsha nanoma yimuphi omunye umuntu ngeke balishintshe izwe. Kunamandla asebenzayo anjengegagasi elikhulu, okungekho muntu ongawanqanda. Nokho, sonke singenza okukhulu ekwenzeni intsha ukuba ijabule, ibe nempilo enhle, futhi izwane nabantu.

Njengoba ukugoma kungcono kunokwelapha, abazali kufanele bacabangisise ukuthi indlela yabo yokuphila nezinto eziza kuqala kuyosilolonga kanjani isimo sengqondo nokuziphatha kwezingane zabo. Ukwenza ikhaya libe nothando nokunakekela kunikeza ukulondeka okungavimbela ukuziphatha kokuzibhubhisa. Esinye sezidingo ezibalulekile zentsha ukuba nothile ongayilalela. Uma abazali bengayilaleli, mhlawumbe abantu abangafiseleki bayoyilalela.

Lokhu kubatshelani abazali namuhla? Yenza isikhathi sokuba nezingane zakho lapho zisidinga—lapho zisezincane. Lokhu akulula emikhayeni eminingi. Iyashikashikeka ukuze iziphilise, ngoba bobabili abazali abanakuzikhethela kodwa kumelwe basebenze. Labo abaye bazimisela ukuzidela ukuze babe nesikhathi esengeziwe nezingane zabo ngokuvamile baye bathola umvuzo wokubona amadodana namadodakazi abo ephumelela ekuphileni. Nokho, njengoba kuphawuliwe ngaphambili, ngezinye izikhathi ngisho noma abazali benze okusemandleni, kungavela izinkinga ezingathi sína ngezingane zabo.

Abangane Nabanye Abantu Abadala Bangasiza

Izimpi, ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwentsha kudinga ukuba abantu abadala abayikhathalela ngempela benze imizamo emikhulu yokunqanda umonakalo. Intsha ehlukunyezwe okuhlangenwe nakho okubi kanjalo ingase ingasabeli kahle ngisho noma kwenziwa imizamo yokuyisiza. Kungase kudingeke uchithe isikhathi esiningi nomzamo. Ngokuqinisekile akukhona ukuhlakanipha noma ukubonisa uthando ukuyijivaza noma ukuyilahla. Ingabe singenza imizamo esuka ekujuleni kwenhliziyo sibonise umusa odingekayo nothando ukuze sifinyelele labo abasengozini?

Akubona nje abazali kuphela kodwa ngisho nabangane nezinye izingane zasekhaya kumelwe ziqaphe ngokukhethekile ukuthambekela kwentsha okungase kubonise isimo esingokomzwelo esintengantengayo noma esiphazamisekile. (Bheka ibhokisi elithi “Kudingeka Usizo Lochwepheshe,” ekhasini 8.) Uma ubona izimpawu ezithile, shesha ukulalela. Uma kungenzeka, zama ukwenza osemusha akhulume ngokubuza imibuzo enomusa ukuze umqinisekise ukuthi ungumngane wangempela. Abangane abathenjwayo nezihlobo bangase basekele abazali ekusingatheni izimo ezinzima; kodwa-ke kufanele baqaphele ukuba bangathathi indima yabazali. Ngokuvamile ukuthambekela kwentsha ekuzibulaleni kusuke kuyisicelo sokufuna ukunakwa—ukunakwa abazali.

Esinye sezipho eziphambili umuntu angasinika intsha siyithemba eliqinile lekusasa elijabulisayo, okuyisisusa sokuphila. Intsha eningi isiyakuqaphela manje ukuba yiqiniso kwesithembiso seBhayibheli sesimiso sezwe esingcono esiseduze.

Abasindiswa Engcupheni Yokuzibulala

Owesifazane osemusha waseJapane oweyecabanga ngokuzibulala njalo uthi: “Ngiye ngafisa ukuzibulala izikhathi eziningi. Lapho ngisemncane, othile engangimethemba wanginukubeza ngokobulili. . . . Esikhathini esidlule, ngiye ngabhala iziqeshana zamaphepha eziningi ezithi ‘Ngifuna ukufa.’ Sengingomunye woFakazi BakaJehova, futhi manje ngikhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele, kodwa lo muzwa uyangifikela ngezinye izikhathi. . . . Kodwa uJehova uye wangivumela ukuba ngiqhubeke ngiphila, futhi kubonakala sengathi ungitshela ngomusa ukuthi, ‘Qhubeka uphila.’”

Intombazane yaseRussia eneminyaka engu-15 ubudala yachaza: “Lapho ngineminyaka engu-8 ubudala, ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi akekho ongidingayo. Abazali bami babengenaso isikhathi sokukhuluma nami, futhi ngangizama ukuzixazululela mina izinkinga zami. Ngaba unkom’idla iyodwa. Ngangixabana njalo nezihlobo zami. Ngakho-ke ngacabanga ukuzibulala. Yeka ukuthi ngajabula kanjani lapho ngihlangana noFakazi BakaJehova!”

UCathy wase-Australia osevile eminyakeni engu-30 ubudala, washo lawa mazwi akhuthazayo abonisa ukuthi ukuphelelwa yithemba kungaphenduka kube yithemba: “Njalo ngangicabanga izindlela ezihlukahlukene zokuzibulala futhi ekugcineni ngakuzama. Ngangifuna ukubaleka kuleli lizwe, eligcwele ubuhlungu, ulaka nokuphelelwa yithemba. Ukucindezeleka kwakwenza kwaba nzima ukudabula ‘kunoxhaka’ engangizizwa sengathi ungixhakathisile. Ngakho-ke, ukuzibulala kwakubonakala kuyikhambi ngaleso sikhathi.

“Lapho ngizwa okokuqala ukuthi kuzokwenzeka ukuba umhlaba ube yipharadesi, elinokuphila okunokuthula nokujabulisayo kubo bonke, ngalilangazelela ngempela. Kodwa kwabonakala kuyiphupho nje. Nokho, kancane kancane ngaqala ukuqonda umbono kaJehova ngokuphila nokuthi ngamunye wethu uyigugu kangakanani emehlweni akhe. Ngaqala ukuqiniseka ukuthi kunethemba ngekusasa. Ekugcineni, ngaphuma kulowo ‘noxhaka.’ Nokho, kwakunzima ukuphuma. Ngezinye izikhathi ukucindezeleka kwakungehlula, futhi ngangizizwa ngidideke kakhulu. Nokho, ngokugxilisa inhliziyo kuJehova uNkulunkulu ngakwazi ukusondela kuye futhi ngazizwa ngilondekile. Ngibonga uJehova ngakho konke aye wangenzela kona.”

Lapho Ukufa Kwentsha Kuyobe Kungasekho

Ngokutadisha iBhayibheli, osemusha angabona ukuthi kunokuthile okungcono esingabheka phambili kukho—lokho umphostoli uPawulu ongumKristu akubiza ngokuthi “ukuphila kwangempela.” Waluleka insizwa enguThimothewu: “Yala labo abacebile . . . bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinikeza zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele; basebenzele kokuhle, bacebe emisebenzini emihle, . . . bezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambisise ukuphila kwangempela.”—1 Thimothewu 6:17-19.

Empeleni, iseluleko sikaPawulu sisho ukuthi kufanele sizihlanganise nabanye abantu, sibasize ukuba babe nethemba eliqinile ngekusasa. “Ukuphila kwangempela” kuthenjiswe nguJehova ezweni lakhe elisha ‘lamazulu amasha nomhlaba omusha.’—2 Petru 3:13.

Intsha eningi eyayisengozini manje isiyaqonda ukuthi ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa nokuziphatha okubi kuwumgwaqo omude omazombezombe oya ekufeni, kuyilapho ukuzibulala kuyindlela enqamulelayo eya khona lapho. Isiyaqaphela ukuthi leli lizwe, elinezimpi, inzondo, ukuziphatha okubi, nezindlela ezingenaluthando, lizodlula ngokushesha. Iyabona ukuthi lesi simiso sezwe ngeke sisalungiseka. Ikholelwa ngokuqinile ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba langempela, ngoba uyoletha izwe elisha lapho kungeyona intsha nje kuphela kodwa sonke isintu esilalelayo singeke siphinde sife—cha, hhayi ngisho nokuphinde sifune ukufa.—IsAmbulo 21:1-4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela