Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 3/22 k. 14
  • Ingabe Uququda Amazinyo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uququda Amazinyo?
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Udinga Amazinyo Okufakelwa?
    I-Phaphama!—1993
  • I-orthodontics—Yini Ehilelekile?
    I-Phaphama!—1998
  • Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele
    I-Phaphama!—2000
  • Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 3/22 k. 14

Ingabe Uququda Amazinyo?

KUSUKELA emandulo abantu bebewaququda amazinyo uma becindezelekile. IBhayibheli likusebenzisa ngokuphindaphindiwe ukuququda, noma ukugedla amazinyo okubonisa intukuthelo noma ukudabuka. (Jobe 16:9; Mathewu 13:42, 50) Kuleli lizwe lanamuhla eligcwele intukuthelo nokucindezeleka, izigidi zabantu ziwaququda ngokoqobo amazinyo, futhi abaningi abakuqapheli lokho. Bangase bazilimaze amazinyo.

Kungani abanye abantu beququda amazinyo? Izimbangela ziyinkimbinkimbi futhi azikaqondwa ngokuphelele. Kodwa kwezinye izimo ukucindezeleka okungokomzwelo yikho okuvame ukuba yimbangela. I-UC Berkeley Wellness Letter iyaphawula: “Abantu abaququda amazinyo bavame ukubika ukuthi banezinkinga zomshado noma zezimali, babhala ukuhlolwa, banovalo lokulahlekelwa umsebenzi, noma bacindezelekile.” Okunye okwenezela kule nkinga nokungenzeka kuyimbangela kuhlanganisa ukuthintana okuyiphutha komhlathi ongenhla nongezansi, ukuphazamiseka kokulala, noma ukuphuza uphuzo oludakayo. Ngakho-ke, i-Wellness Letter isikisela ukuba izisulu zizame ukunciphisa uphuzo oludakayo; zenze izinto ezizoziphumuza ngaphambi kokuyolala, njengokugeza ngamanzi afudumele; noma zixoxe ngenkinga ezicindezelayo nomngane noma umeluleki ezimethembayo.

Phakathi nosuku ungase uzithole uququda amazinyo noma uwagudlanisa. Kodwa ungazi kanjani ukuthi awukwenzi yini lokhu lapho ulele? Ngezinye izikhathi ukuququda okungamahlalakhona, okwaziwa ngokuthi i-bruxism, kubanga umsindo omkhulu kangangokuba ungamvusa othile enilele ekamelweni elilodwa naye. Ungase uvuke uphethwe ikhanda elibuhlungu ezihlamfunweni, noma kuqhuma imihlathi.a Udokotela wakho wamazinyo angase aqaphele ukuthi amazinyo akho asedleke kakhulu. Angase akunike okuthile okungase kukusize, njengento efakwa emazinyweni lapho ulele. Nakuba into efakwa emlonyeni njengale ingaklanyelwe ukukuyekisa ukuququda amazinyo, ingavikela amazinyo akho ekulimaleni okwengeziwe. Kunoma ikuphi, khululeka! Lapho unciphisa ukukhathazeka, nokuququda amazinyo kungancipha.

[Imibhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-Phaphama! ka-June 22, 1991 amakhasi 20-2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela