Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 2/22 k. 7-k. 9 isig. 5
  • Izwe Elingenabugebengu Lizoba Khona Ngokushesha!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elingenabugebengu Lizoba Khona Ngokushesha!
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfundo Edingekayo
  • Indlela Izwe Elisha Eliyoba Khona Ngayo
  • Izwe Elisha LikaNkulunkulu Liseduze
  • Ikhambi Elinengqondo—Ingabe Lingatholakala?
    I-Phaphama!—2003
  • Liphokophelephi Leli Zwe?
    I-Phaphama!—2007
  • Isikhathi Izwe Elisha Eliyofika Ngaso
    I-Phaphama!—1993
  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 2/22 k. 7-k. 9 isig. 5

Izwe Elingenabugebengu Lizoba Khona Ngokushesha!

UMA sibheka isimo sezwe namuhla, kuba sobala ukuthi kunzima ngempela ukugwema ukuthonywa ukuba senze okubi. Eqinisweni, sonke sizalwa singaphelele, sithambekele ekwenzeni izinto ezimbi. (1 AmaKhosi 8:46; Jobe 14:4; IHubo 51:5) Futhi njengoba uSathane uDeveli exoshiwe ezulwini, wenza imizamo emikhulu kunanini ngaphambili yokubangela izinkathazo.—IsAmbulo 12:7-12.

Imiphumela iye yaba mibi kakhulu. Ngokwesibonelo, ukuhlolwa kwezingane ezingu-4000 eScotland kwembula ukuthi eziyizingxenye ezimbili kwezintathu kulezo ezineminyaka ephakathi kwengu-11 nengu-15 zase zenze izenzo zobugebengu kakade. Ukuhlola okwenziwa kulo lonke elaseBrithani kwabonisa ukuthi intsha engaba yingxenye eyodwa kwezintathu yayingathandabuzi uma kuziwa ekwebeni. Kanti engaphezu kwengxenye yavuma ukuthi uma ibingathola ushintshi oweqile lapho ithenga, ibingawugcina.

Incwadi yesiNtaliyane ethi Lʹoccasione e lʹuomo ladro (Ithuba Nesigebengu) ichaza ukuthi kungani abantu beba. Le ncwadi ithi izigebengu “azinakuzithiba” nokuthi “azikwazi ukulwa nesifiso sokuzanelisa.” Le ncwadi inezela ukuthi izigebengu eziningi azibona ochwepheshe kodwa zimane “zingabaxhaphazi abazimisele ukusizakala ngezimo.”

Ngokuthakazelisayo, le ncwadi iphawula nesizathu esenza abantu abaningi “besabe ukwephula imithetho.” Iphetha ngokuthi isizathu asikhona ukuthi “besaba isijeziso somthetho kodwa kungenxa yokuthi banezindinganiso zokuziphatha ezibavimbela ekwenzeni kanjalo.” Abantu bangazifunda kuphi izindinganiso zokuziphatha ezinjalo ezifanele?

Imfundo Edingekayo

Ake ucabangele okufundwa emithonjeni eminingi yokuxhumana. Ngokwesibonelo, umyalezo ngokuvamile odluliswa amabhayisikobho nethelevishini uwukuthi ubudlova, ukuphinga nokuxhaphaza abanye kwamukelekile. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi abantu abanakho ukuzithiba. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli ngokuhlakanipha liyafundisa: “Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.”—IzAga 16:32.

Uma sicabangela inkulumo-ze yanamuhla, akufanele kusimangalise ukuthi abaningi “abakwazi ukulwa nokuzanelisa.” Ngokuphindaphindiwe, abantu batshelwa ukuthi: “Thenga manje ukhokhe kamuva.” “Zijabulise.” “Ufanelwe okungcono kakhulu.” “Zinakekele wena kuqala.” Ukuzanelisa kubhekwa njengento engokwemvelo nefanele. Kodwa umbono onjalo wobugovu uphambene nemfundiso yeBhayibheli ethi ‘ninakekele, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi ninakekele ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’—Filipi 2:4.

Awuvumi yini ukuthi abantu abaningi abangathembekile bangamaqili? Ngeshwa, kunabantu abaningi abazimisele ukusizakala ngezimo. Abazibuzi ukuthi isenzo esithile silungile yini. Okuwukuphela kwento abayikhathalelayo ukuthi, ‘Ngeke yini ngibanjwe?’

Yini edingekayo? Njengoba kuboniswe ngenhla, kudingeka izindinganiso zokuziphatha okuhle. Yizona eziyovimbela abantu ekwenzeni izenzo zobugebengu, ekubushayeni indiva ubungcwele bokuphila nobungcwele bomshado, ekweqeni imingcele yokuziphatha okufanele nasekuphazamiseni amalungelo abanye. Njengoba iBhayibheli lisho, labo abangazifundi izindinganiso ezinjalo ‘abasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:19) Ubugebengu babantu abanjalo abangamhloniphi uNkulunkulu yibona obusivimbela ekubeni sijabulele izwe elingenabugebengu.

Indlela Izwe Elisha Eliyoba Khona Ngayo

Yiqiniso, abantu abaningi bazama ngokusemandleni abo ukuba bathembeke, ukuba baphathe abantu abaphila nabo ngenhlonipho nangokubacabangela, futhi bagweme izenzo ezingekho emthethweni. Kodwa bekungaba ubuwula ukucabanga ukuthi bonke abantu emhlabeni bayokwenza lowo mzamo. Abaningi ngeke, njengoba nabaningi ababephila ezinsukwini zendoda elungile uNowa babengazimisele ukwenza okulungile. Kulelo lizwe elaligcwele ubudlova, uNowa nomkhaya wakhe kuphela abagwema ukuziphatha kokungamhloniphi uNkulunkulu, kanjalo bamukeleka kuye. Ngokubhubhisa abangamesabi ngoZamcolo wembulunga yonke, uMdali wethu wenza kwaba khona izwe elalingenabo ubugebengu okwesikhashana.

Kubalulekile ukuba sikhumbule ukuthi umlando weBhayibheli weSikhukhula nokubhujiswa kwabangamhloniphi uNkulunkulu awuyona nje indaba ethakazelisayo kuphela. UJesu Kristu wachaza: “Njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaNowa, kuyoba njalo nasezinsukwini zeNdodana yomuntu.” (Luka 17:26; 2 Petru 2:5; 3:5-7) Njengoba nje uNkulunkulu abhubhisa lelo lizwe elinobudlova ngaphambi kweSikhukhula, uyolibhubhisa naleli lizwe eligcwele ubugebengu.

Leli qiniso liqinisekiswa incwadi enokwethenjelwa, njengoba kwabonisa umphostoli kaJesu othandekayo uJohane: “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Ukuphela kwaleli lizwe kuyovula indlela yezwe elisha lapho, njengoba kusho iBhayibheli, ‘uNkulunkulu eyohlala khona nesintu, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.’—IsAmbulo 21:3, 4.

Lapho lichaza ukuthi lelo lizwe elisha liyoba khona kanjani, iBhayibheli libuye lithi: “Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:22) Lapho sekusele abaqotho kuphela emhlabeni, lesi siprofetho seBhayibheli siyogcwaliseka: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11.

Ezweni elisha likaNkulunkulu, ngisho nezilwane ziyobe zingenabudlova. IBhayibheli liyabikezela: “Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba. . . . Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:6-9; 65:17; 2 Petru 3:13.

Izwe Elisha LikaNkulunkulu Liseduze

Izindaba ezinhle ziwukuthi izimo ezinjalo ezinokuthula zizoba khona maduzane emhlabeni wonke. Kungani siqiniseka kangaka? Ngenxa yalokho uJesu aprofetha ukuthi kwakuyokwenzeka ngaphambi nje kokuphela kwezwe. Phakathi kwezinye izinto, wabikezela: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukuswelakala kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” Wanezela: “Ngenxa yokwanda kokungabi namthetho uthando lwesibalo esikhulu luyophola.”—Mathewu 24:7, 12.

Omunye umphostoli kaJesu naye wabikezela: “Ezinsukwini zokugcina [zaleli lizwe] kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, . . . abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, . . . abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngokuqinisekile, siphila “ezinsukwini zokugcina” zaleli lizwe! Ngakho-ke, ngokushesha liyothathelwa indawo yizwe elisha likaNkulunkulu lokulunga!

Ukufunda iBhayibheli kuye kwaqinisekisa izigidi ukuthi izwe elingenabugebengu lingaba khona, futhi zenza ngokuvumelana nesimemo sokuba zifundiswe ngezindlela zoMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. (Isaya 2:3) Ungathanda yini ukuhlanganyela nazo? Ingabe uzimisele ukwenza umzamo ukuze uzuze ukuphila ezweni elisha elingenabugebengu?

UJesu wabonisa ukuthi yini eyinhloko edingekayo. Wachaza: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” Ngakho, inhlalakahle yakho yaphakade ixhomeke ekufundeni kwakho iZwi likaNkulunkulu bese usebenzisa lokho okufundayo.—Johane 17:3.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

IBhayibheli lichaza izwe elisha elingenabugebengu nendlela esingase silijabulele ngayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela