“Igebe Elandayo Phakathi Kwabefundisi Nabantu Abavamile”
“KUNEGEBE elandayo phakathi kwabefundisi nabantu abavamile emasontweni abavangeli aseMelika,” kuphawula uRobert K. Johnston, uprofesa wemfundiso yenkolo namasiko. Kuyi-Ministerial Formation, umagazini woMkhandlu Wezwe WamaSonto, ukhuluma ngezinye zezici ezibangela lokhu kuhlukana: Njengoba kuphakama izingcindezi zemikhaya, abefundisi bafuna isimiso sokusebenza esifana “nesokushintshana kodokotela ngezimpelasonto.” Uma umfundisi esebenza isikhathi esengeziwe, ulindela ukuba akhokhelwe ngalokho. Ngaphezu kwalokho, uprofesa uthi, “njengoba izingcindezi zomthetho nezezimiso zokuziphatha zanda,” izikole zobufundisi zixwayisa abafundi bazo ukuba bavimbele izinkinga ngokuba “nabangane abaseduze phakathi ‘kweqembu’ labanye abefundisi kuphela” futhi baphathe amalungu ezifunda zabo “njengamakhasimende.” Akumangalisi ukuthi amalungu ezifunda amaningi, abheka abefundisi bawo njengabeqembu lesigaba esiphakeme elingahlanganiswa yilutho nezidingo nezinkinga zabantu abavamile abasontayo.
Hlobo luni lomfundisi onganciphisa igebe? Okunye ukuhlola kokuhlaziya izizathu zokuhluleka kwabefundisi enkonzweni yabo kwaveza ukuthi amalungu awabheki ulwazi lwemfundo lomfundisi neziqu zemfundo njengokubalulekile. Amalungu esonto awafuni isihlakaniphi, isikhulumi esiqephuzayo, noma umphathi onekhono. Ngaphezu kwakho konke, afuna umfundisi wawo abe “umuntu kaNkulunkulu” owenza lokho akushumayelayo. Uma leyo mfanelo intuleka, uProfesa Johnston uthi, “akukho ukwaziswa okudluliselwe noma ikhono elibonisiwe” okuyovala igebe.
IBhayibheli lithi ziyini izimfuneko zomdala ebandleni? “Ngakho-ke umbonisi kufanele abe ongasoleki, indoda emfazi munye, elinganiselayo emikhubeni, ehluzekile engqondweni, ehlelekile, engenisa izihambi, efanelekela ukufundisa, engeyena umxokozeli odakwayo, engeyena umuntu oshayayo, kodwa onengqondo, ongesona isilwi, ongeyena umthandi wemali, umuntu owengamela indlu yakhe siqu ngendlela enhle, onabantwana abazithoba ngokungathi sína ngokuphelele . . . Ngaphezu kwalokho, kufanele afakazelwe kahle abantu bangaphandle, ukuze angaweli esihlambeni nasogibeni lukaDeveli.”—1 Thimothewu 3:2-4, 7.