Usizo Kwabanezinyawo Ezibuhlungu
“IZINYAWO zami ziyangibulala!” Ngokusobala, ihaba lelo. Nokho, inkinga yobuhlungu bezinyawo inkulu kangangokuba e-United States igcina izinkulungwane zochwepheshe bezifo zezinyawo benomsebenzi owanele.
Ngemva kokubukeza ukuhlinza izinyawo okungaphezu kuka-2000 ayekwenze enkathini yeminyaka engu-14, uDkt. Michael Coughlin, udokotela owelapha ukugogeka kwamalunga omzimba, wathola isimanga. “Ngokumangalisayo,” esho, “ngathola ukuthi cishe konke lokhu kuhlinza kwakwenziwe kwabesifazane.” Kungani abesifazane ngokukhethekile babethambekele ekuhlushweni izinyawo?
Ukulingana, Imfashini, Izinyawo
“Ukuhlola okwenziwa kwabesifazane abangu-356 kwabonisa ukuthi ngokwesilinganiso, cishe abayisishiyagalolunye kwabayishumi babegqoka izicathulo ezincane kakhulu kunezinyawo zabo! Ngokwengxenye inkinga ibangelwa indlela izicathulo zabesifazane ezenziwa ngayo. “Abenzi bezicathulo abasalusebenzisi unyawo lwensimbi olwalukwazi ukwenza isithende esincane nengaphambili elivulekile,” kuchaza uFrancesca Thompson udokotela owelapha ukugogeka kwamalunga omzimba.a
Ngakho, lapho abesifazane abaningi belinganisa izicathulo, bathola ukuthi uma isicathulo sibalingana kahle ngaphambili, isithende siyaxega; kodwa uma isithende sibalingana kahle, siyabaqina ngaphambili. Abanye bakhetha isicathulo esibalingana kahle esithendeni kodwa esibaqinayo ngaphambili, ngoba uma bekhetha esibalingana kahle ngaphambili kuyosho ukuphuma kwesithende njalo uma benyathela.
Ukumpintsha ingxenye yonyawo engaphambili ekhaleni elincane kubonakala kukubi ngokwanele. Kodwa abaklami babe sebenyusa isithende sesicathulo ngamasentimitha ambalwa. Nakuba kubhekwa njengokuyimfashini, isithende esiphakeme siletha sonke isisindo ezinzwaneni, futhi siphoqelele unyawo ukuba lungene shí ekhaleni lesicathulo okungenzeka ukuthi kakade lincane. “Ngeke usithole isicathulo esinesithende eside esinempilo,” kusho uDkt. David Garrett, udokotela owelapha ukugogeka kwamalunga omzimba. Abanye bathi izicathulo ezinesithende eside ekugcineni zingakulimaza izinyawo, amaqakala, izihluzu, amadolo, neqolo. Futhi zingafushanisa imisipha yemilenze nemisipha ehlanganisa izicubu namathambo, okungenza kube lula ukulimala kakhulu, ikakhulukazi kubagijimi.
Unyawo lowesifazane alukujwayeli kahle ukulinyazwa elikutholayo. Empeleni, ngokuhamba kweminyaka ingaphambili lonyawo lithambekele ekuvulekeni—ngisho nalapho umuntu esemdala. Kodwa akunjalo ngesithende. “Isithende sinethambo elilodwa kuphela,” kusho uDkt. Thompson, “futhi sihlala silingene ngisho nalapho usuneminyaka engu-84 njengoba sasinjalo lapho useneminyaka engu-14.” Lokhu kukwenza kube nzima nakakhulu ngowesifazane ukuthola isicathulo esilingana kahle ukusuka esithendeni kuya ozwaneni.
Amacebiso Okuthenga
Njengoba ukulinganwa izicathulo zabo nemfashini yazo kubaphikisa, abesifazane bangabuvimbela kanjani ubuhlungu bezinyawo? Impendulo iqala esitolo sezicathulo. Ezinye izazi zitusa okulandelayo:
● Thenga izicathulo ngasekupheleni kosuku, lapho izinyawo zakho sezithanda ukuvuvukala.
● Zilinganise zombili izicathulo—hhayi nje esisodwa.
● Qiniseka ukuthi isithende sikulingana kahle nokuthi ubude, ububanzi, nokuphakama kwekhala kukahle.
● Kucabangele ukuthi isitolo singase sibe nokhaphethe abantofontofo, okungenza ngisho nezicathulo ezimpintshayo zizwakale zikahle okwesikhashana.
● Gwema izicathulo ezenziwe ngesikhumba esiqinile noma ngepulasitiki. Ngokungafani nesikhumba esithambile noma esingashukiwe (suede), isikhumba esinjalo asinwebeki njengoba uhamba.
● Uma uthenga izicathulo ezinezithende ezinde, zama isoli yangaphakathi yesikhumba ukuze zithofozele kangconywana. Cabangela ukugqoka izicathulo ezinesithende eside isikhashana kuphela, ngezinye izikhathi phakathi nosuku ulokhu usebenzisa izicathulo ezinesithende esifushane.
Ngaphezu kwalokhu okungenhla, ngaso sonke isikhathi khumbula ukuthi izicathulo kumelwe zingakumpintshi ngesikhathi uzithenga. Ngokuphambene nenkolelo evamile, asikho isikhathi sokuzejwayela. “Ungalingi neze uvumele umdayisi akwenze ucabange ukuthi isicathulo esenza unyawo lube buhlungu sizokulingana ngemva kokusejwayela,” kuxwayisa uDkt. Coughlin. “Okuwukuphela kwento eyolimala unyawo lwakho.”
Kodwa kuthiwani uma kufanele ukhethe phakathi kwesicathulo esikuqinayo ngaphambili esinesithende esilingana kahle noma esikulingana kahle ngaphambili kodwa esinesithende esixegayo? UDkt. Annu Goel, udokotela owelapha ukugogeka kwamalungu omzimba, uthi kumelwe unqume ukuthi ikuphi okulula ukukulungisa. Uthi: “Zimbili izindlela zokwenza lokhu. Okokuqala, ungathenga izicathulo ezivuleke ngokwanele ngaphambili bese uzigxusha ukuze wenze isithende sikulingane kahle. . . . Indlela yesibili ukuthenga isicathulo esinesithende esilingana kahle bese unweba ingxenye yesicathulo engaphambili. Kodwa ngokuvamile lokhu kwenzeka ezicathulweni ezenziwe ngesikhumba kuphela.”
Njengoba abesifazane abaningi ngokwesilinganiso behamba amakhilomitha angu-15 ngosuku, bayobe benza kahle ngokuhlola izicathulo zabo. Njengoba umagazini i-American Health usho, “ngokuphatha izinyawo ngenhlonipho enkulu—ikakhulu ngokugqoka izicathulo ezikulinganayo—ungavimbela izinkinga eziningi zezinyawo ukuba zenzeke.”
[Umbhalo waphansi]
a “Unyawo lwensimbi” luyifoloma emise okonyawo okwenzelwa kuyo isicathulo.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Izinkinga Ezine Ezivamile Zezinyawo
Izinhlumba. Inhlumba yiqhubu eliba sekuqaleni kukaqukula. Uma zingelona ufuzo, izinhlumba zingase zibangelwe izicathulo ezikuqinayo noma ezinezithende ezinde. Ukusebenzisa ukushisa noma iqhwa kungakuphumuza okwesikhashana ezinhlungwini, kodwa kudingeka uhlinzwe ukuze inhlumba isuke ngokuphelele.
I-Hammertoe. Izinzwane ezigobele phansi zingase zibangelwe izicathulo ezicindezela ingaphambili lonyawo kakhulu. Ukuhlinza kungase kudingeke ukuze kulungiswe lokhu kukhubazeka.
Amakhona. Amaqhubu amise okwenhlamvu kaphayini ezinzwaneni, abangelwa ukugudlana nokucindezeleka, ngezinye izikhathi okuwumphumela wokugqoka izicathulo ezincane kakhulu. Ukwelapha kwasekhaya kungase kunikeze inkululeko yesikhashana, kodwa ukuhlinza ngokuvamile kudingekile ukuze kulungiswe izinzwane ezikhubazekile ezibangela ukugudlana.
Izingqweqwe. Ungwengwezi lwesikhumba esiwugqinsi esifile luvikela izinyawo ekugudlaneni okwenzeka njalo. Ukuzicwilisa emanzini afudumele afakwe i-Epsom salts kungazithambisa. Kodwa ungazami ukuzisika, njengoba lokhu kungase kubangele izifo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
The Complete Encyclopedia of Illustration/J. G. Heck