Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/22 k. 32
  • “Iyiqoqo Lamagugu Olwazi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Iyiqoqo Lamagugu Olwazi”
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 8/22 k. 32

“Iyiqoqo Lamagugu Olwazi”

Indoda esebenzela umagazini i-THENEWS waseLagos, eNigeria, yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova kulelozwe futhi yachaza i-Phaphama! ngalamazwi angenhla. Yachaza:

“Njalo lapho ngifunda ikhophi ye-Phaphama!, ngishukumiseleka ukuba nginibhalele. Kodwa ngokuvamile, lapho nje sengizobhala incwadi, kufika omunye umagazini omuhle ngokufanayo, eqinisweni ongcono, uphinde ungibambe futhi.

“Ngiqonde ukuthini ngakho konke lokhu? Ngokwami, i-Phaphama! iyiqoqo lamagugu olwazi. Angivamile ukubona incwadi enothé kanje, enhle, enokulinganisela, nebhalwe yahlelwa ngobuciko kanje. Iyisipho esibaluleke kakhulu esintwini.

“Ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngifisa ukusho lokhu: Ngibonga ngiyanconcoza. Qhubekelani phambili nomsebenzi omuhle.”

Sethemba ukuthi nawe uyozuza ngokufunda i-Phaphama! Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungayithola kanjani enye ikhophi noma uma ungathanda ukuba othile akuvakashele lapho uhlala khona akazoxoxa nawe ngeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ohlwini olusekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela