Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/8 k. 15
  • Ingabe Uyazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazi?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Izimpendulo Zemibuzo
I-Phaphama!—1997
g97 8/8 k. 15

Ingabe Uyazi?

(Izimpendulo zalemibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhla oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 26. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)

1. Nakuba uJehova avumela izitha zakhe ukuba zinqobe abantu bakhe lapho bengathembekile, kungani kamuva aziphindiselela kulezo zizwe? (Duteronomi 32:27; Isaya 64:2; Nahume 1:2)

2. Yiliphi igama uRaheli aletha indodana yakhe lapho esezofa ngesikhathi ebeletha? (Genesise 35:18)

3. Lapho uPawulu eqhathanisa izikhali zomKristu ezingokomoya nezikhali zempi engokwenyama, walufanisa nani ukholo? (Efesu 6:16)

4. Lapho uDavide ebalekela iNkosi uSawule, waphephela kuyiphi inkosi? (1 Samuweli 27:2)

5. UDeveli wathembisa uJesu yonke imibuso yomhlaba uma enzani? (Luka 4:5-7)

6. Yisiphi isenzo esiphuthumayo esathathwa uFinehasi esaqeda isifo esabulala ama-Israyeli angu-24 000? (Numeri 25:7-9)

7. Yimaphi amazwi kaJobe abonisa ukuthi ukufa kwacishe kwamthatha? (Jobe 19:20)

8. Yiluphi ukhuni olumnyama oluvame ukusetshenziswa nophondo lwendlovu ekuhlobiseni? (Hezekeli 27:15)

9. Yisiphi isizathu esenza ukuba inkosi yase-Asiriya uThigilati-Phileseri ihlasele i-Aramu, ithumbe iDamaseku, futhi ithumbele abantu eKhiri? (2 AmaKhosi 16:7-9)

10. Ngemva kokuzwa ukuthi indodana yakhe eyizibulo kuBati-Sheba yayifile, yini uDavide ayenza eyamangalisa izinceku zakhe? (2 Samuweli 12:21)

11. Yini uJesu ayibiza ngokuthi “isibani somzimba”? (Mathewu 6:22)

12. UJehova wathi uzomdonsa ngani uGogi ukuba ahlasele abantu bakaNkulunkulu okokugcina? (Hezekeli 38:4)

13. UMikayeli ingelosi eyinhloko waphikisana noDeveli ngesidumbu sikabani? (Jude 9)

14. Yisiphi isitshalo uNkulunkulu asinikeza umprofethi uJona njengomthunzi ngemva kokuthunywa kwakhe eNineve? (Jona 4:6)

15. Ngenxa yokuthi wayethokoze kakhulu lapho u-Esteri eba indlovukazi yakhe, yini u-Ahashiveroshi ayinika izifunda zakhe? (Esteri 2:18)

16. Ubani owacindezelwa ukuba asize ekuthwaleni isigxobo sokuhlushwa sikaJesu? (Luka 23:26)

17. Yimuphi umzukulu kaJuda okwathi ngoba engenamadodana, wendisela indodakazi yakhe encekwini yakhe engumGibithe ukuze iqhubekisele phambili uhlu lwakhe lozalo? (1 IziKronike 2:34, 35)

18. Ngaphambi kokuba uRaheli afe lapho ebeletha, yini umbelethisi wakhe amqinisekisa ngayo? (Genesise 35:17)

19. Yiziphi izinto ezasetshenziswa njengezimonyo ezanikezwa u-Esteri nabesifazane ayekanye nabo? (Esteri 2:12)

20. Ubani owaphakamisa indaba yokuba kutholakale umuntu ozothatha isikhundla sikaJuda ongathembekile? (IzEnzo 1:15-22)

21. Wayengubani uyise ka-Izebeli? (1 AmaKhosi 16:31)

22. Yimaphi amadoda amabili uJehova awanikeza umsebenzi wokwakha itabernakele? (Eksodusi 31:2, 6)

23. Yisiphi iseluleko uJesu asinikeza ngokuqondene nokwenza izifungo ngokuphamazela? (Mathewu 5:37)

24. Yisiphi isithombo esinephunga elinamandla okunguJesu kuphela okhuluma ngaso eBhayibhelini? (Mathewu 23:23)

Izimpendulo Zemibuzo

1. Ngenxa yegama lakhe elingcwele—ukuze athobise lezo zizwe eziqhoshayo nezizidlayo

2. UBenoni

3. Isihlangu esikhulu

4. INkosi u-Akhishi yaseGati

5. “Isenzo sokukhulekela”

6. Wagwaza leyo ndoda nowesifazane ngomkhonto

7. “Ngisinde ngokulambisa kuphela”

8. I-eboni

9. Yayifumbathiswe inkosi yakwaJuda u-Ahazi

10. Wayeka ukuzila wadla

11. Iso

12. Ngezingwegwe emihlathini yakhe

13. Ngesidumbu sikaMose

14. Umhlakuva

15. Ukuphumula

16. USimoni waseKhurene

17. USheshani

18. Ukuthi indodana yakhe yayizozalwa iphila

19. Amafutha emure namakha

20. UPetru

21. U-Etibali, inkosi yamaSidoni

22. UBesaleli no-Oholiyabe

23. “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, uCha”

24. Iminti

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela