“Ngangingakaze Ngizihluphe Ngokufunda I-Phaphama!”
Lawo amazwi omfundi waseSan Jose State University, eCalifornia, owayenza Izifundo Zendawo Ezungezile. Uyaqhubeka: “Bengicabanga ukuthi lomagazini uzongishumayeza—‘Hamba uye esontweni’ noma, ‘Yiba uFakazi kaJehova.’ Nokho, lapho ngifunda lomagazini (January 8, 1996, ‘Iplanethi Yethu Esongelwayo—Ingabe Ingavikelwa?’), ngamangala ukubona ukuthi wawuveza amaqiniso! Izihloko zinemifanekiso ‘Yezinye Zezinkinga Ezinkulu Emhlabeni Zendawo Ezungezile,’ efundisa ngebalazwe elichaza izindawo ezinenkinga yokubhujiswa kwamahlathi, imfucumfucu enobuthi, ukungcoliswa komoya osemkhathini, ukuswelakala kwamanzi, izinhlobo zokuphila ezisengozini yokuqothulwa, kanye nokuwohloka komhlaba.
“Angikabi nezingane, kodwa ngiyakhathazeka ngokuthi ziyoba nawo yini umoya ohlanzekile wokuphefumula, amapaki okudlala, noma amanzi ukuze ziphile. . . . Ngiyanitusa ngalezi zihloko.”
Manje kunyatheliswa izigidi ezingu-18,3 zikamagazini ngamunye we-Phaphama! onyatheliswa ngezilimi ezingu-80, ezingu-56 zazo zinyatheliswa kanyekanye. Uma ungathanda ukufunda lomagazini njalo, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini, ngocingo noma eHholo LoMbuso lendawo, noma ubhalele ekhelini eliseduze ohlwini olusekhasini 5.