Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukulandisa Ngiyabonga ngochungechunge oluvelele oluthi “Ingabe Kufanele Silandise Ngezenzo Zethu?” (September 22, 1996) Ngiye ngathola lezi zihloko ziphumelela ngendlela ephawulekayo ekuqaleni izingxoxo ezimnandi nabameli, abezemishuwalense, izikhulu zamabhizinisi, abanyathelisi, izikhulu zikahulumeni wendawo nabanye engiye ngaxoxa nabo esigodini sezamabhizinisi edolobheni lakithi. Ngabonisa isikhulu sezokupaka izimoto isihloko esithi “Akulona Iphutha Lami.” Wangiphuca lomagazini, ethi “sebembalwa abantu abawavumayo amaphutha abo.” Wathi ufuna ukuba zonke izisebenzi ziwufunde.
B. S., United States
Ukuzijabulisa Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingazijabulisa Kanjani?” (September 22, 1996) Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi kunentsha eningi ebandleni lethu. Sivame ukwenza izinto ndawonye. Ngokwesibonelo, siyahamba siyoshumayela ekuseni bese kuthi ntambama siyobhukuda. Kuyajabulisa kakhulu! Ngezinye izikhathi abanye ebandleni bayasijoyina. Futhi kuyabaduduza abazali bethu ukwazi ukuthi sijwayelene nabantu abafanele.
I. W., Germany
I-sickle-cell Anemia Ngiye ngasifunda ngokuphindaphindiwe isihloko esithi “Isifo Se-sickle-cell Anemia—Ulwazi Luyisivikelo Esingcono Kakhulu.” (October 8, 1996) Sichaza isimo engikuso! Sekuyiminyaka engu-18 manje nginalesi sifo. Ngakhala lapho ngisifunda. Ngajabula lapho ngibona ukuthi nacabanga ngalabo abahlushwa yilesi sifo.
R. S., Italy
Ngine-sickle-cell anemia. Ngangingazi ukuthi kanti kunabanye abaningi kangaka abanayo. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqonde ukuthi kungani nginezinhlungu nendlela okubaluleke ngayo ukuphuza izinto eziningi eziwuketshezi. Umama wanikeza othisha bami amakhophi alesi sihloko ukuze baqonde isifo esingiphethe.
A. H., United States
Umfowethu omncane wabulawa i-sickle-cell anemia. ENigeria, abantu abangu-60 000 babulawa yiyo minyaka yonke. Ngakho lesi sihloko sasingatha inkinga yangempela. Yonke imikhaya yaseNigeria kufanele isifunde lesi sihloko. Sasifundisa futhi sadluliselwa ngombono omusha.
F. A., Nigeria
Ngifisa ukuzwakalisa indlela engizizwa ngayo ngesihloko esiphathelene ne-sickle-cell anemia. Sengisibekezelele iminyaka engu-26 lesi sifo ngingenakho lokhu kwaziswa. Nginibonga kakhulu ngakho.
D. C., Zambia
Uthando Oluhlanganisayo Bafowethu abathandekayo, ngifisa ukunibonga ngokunyathelisa isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Uthando Oluhlanganisayo.” (October 8, 1996) Ukholo lwami luye lwavivinywa kaningi kuleminyaka edlule, kuhlanganise nokufa kwabazali bami ngokuzumayo. Kodwa uvivinyo olukhulu kakhulu luye lwavela kothile ebandleni. Lesi sihloko siye sanginikeza amandla nenduduzo, njengoba ngiqaphela ukuthi uJehova uyakwazi futhi uyakuqonda ukukhala kwami nobuhlungu benhliziyo engiye ngabuzwa. Ngafunda ukuthi ngisho nomphostoli uPawulu wabhekana nobuhlungu obufanayo. Ngiyethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uJehova uyowapholisa amanxeba ami.
S. B., Canada
Kulesi simiso esibi, kulula ukuba umuntu alahlekelwe umbono ngezinto ezingokomoya. Lesi sihloko sangiduduza futhi sangishukumisa kakhulu. Muva nje, ziye zangicindezela kakhulu izinkathazo zokuphila kwansuku zonke. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukubaluleka kokuthembela othandweni lukaJesu, kunokuthembela emizwelweni yethu engaphelele.
A. M., United States
Nginokucindezeleka okubangelwa ukungalingani kwamakhemikhali emzimbeni. Lesi sihloko siye sangisiza ukuba ngithathe esinye isinyathelo ekubhekaneni nokucindezeleka kwami.
B. U., United States