“Umsebe Wokukhanya Enkathini Emnyama”
Ngumlobeli we-Phaphama! eJalimane
ESINYE isazi-mlando sawuchaza kanjalo umlando woFakazi BakaJehova wangenkathi yamaNazi. Kwakubukiswa umhlaba okokuqala ngqá i-video ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault, eRavensbrück Memorial, eJalimane. Le-video ilandisa ngendaba eshukumisayo yesibindi nokholo njengoba ixoxwa abangu-24 abasinda enkathini yamaNazi, kanye nezazi zomlando nenkolo eziyishumi.
Ikamu lokuhlushwa laseRavensbrück lake laba namakhulu oFakazi BakaJehova. Abanye oFakazi abasinda, ababeboshwe amaNazi eminyakeni engaphezu kuka-50 edlule, babekhona kulombukiso. Bona kanye nezazi-mlando nezikhulu zikahulumeni, babukeza izinsuku ezinzima lapho umbuso wamaNazi ugubuzela iYurophu ngefu lokwesaba. Izibukeli ezicela ku-350 zalalela ukulandisa okuvusa amadlingozi kobuqotho bobuKristu bamakhulu oFakazi abancamela ukufa ngesibindi kunokulahla ukholo lwabo.
Abezindaba Bayaphawula
Ekuseni ngo-November 6, 1996, usuku lokubukwa kwe-video, kwaba nomhlangano nabezindaba ehhotela laseBerlin. Izintatheli zabuka amazwibela e-video zabe sezilalela izinkulumo zezazi ezazikhuluma ngokubaluleka kwale-video entsha ekwambuleni ingxenye yomlando engaziwa kodwa ebalulekile. UDkt. Detlef Garbe, umqondisi weNeuengamme Memorial, wachaza: “Thina—oFakazi BakaJehova nabangebona oFakazi—akufanele sivunyelwe ukuba sikhohlwe umlando weziboshwa ezazinonxa-ntathu onsomi [uphawu olwalufakwa iziboshwa ezingoFakazi]. Kwakuwumsebe wokukhanya enkathini emnyama.”
OFakazi abaningana abasinda abavela kule-video ethi Stand Firm babekhona ukuze baxoxe ngokuhlangenwe nakho kwabo. Ingabe babenenzondo ngokuhlupheka kwabo? Ubuso babo obunokuzola nobuchachambile babubonisa ukuthi babengenanzondo.
Ngemva kwesiwombe semibuzo nezimpendulo, izintatheli zamenyelwa embukisweni wale-video ethi Stand Firm eRavensbrück Memorial, eqhele ngamakhilomitha angu-65. Cishe zonke zasamukela isimemo.
Umbukiso
Izulu eligqunqile nomkhemezelo okahle kulolu suku lwasekwindla olumakhaza kwathathelwa indawo umoya wenjabulo ehholo elisanda kulungiswa eduze kweRavensbrück Memorial. UProfesa Jürgen Dittberner, owayengumqondisi weNhlangano yezikhumbuzo yaseRavensbrück, eSachsenhausen naseBrandenburg wathi: “Isibindi esibangelwa izinkolelo esaboniswa oFakazi BakaJehova ngaphansi kwesimiso sezwe lonke sokusebenzela uhulumeni kumelwe sihlonishwe. . . . Sibakhumbula ngenhlonipho laba bantu abangazange balulahle ukholo lwabo futhi okwadingeka bahlupheke noma ngisho bafe ngenxa yalokho.”
U-Angelika Peter, ungqongqoshe wezemfundo, ezabasha nezemidlalo waseBrandenburg, eJalimane, wathumela umyalezo, owafundwa. Wawuthi: “Kubalulekile ukuthi namuhla sikhumbula ubuqotho obuyisibonelo boFakazi BakaJehova.” UDkt. Sigrid Jacobeit, umqondisi weRavensbrück Memorial, wathi: “Ngibheke phambili ngokulangazela nentokozo kulombukiso. Ngicabanga ukuthi lolu usuku olukhethekile kithi sonke.”
Kwabe sekucishwa izibani ukuze kuqale i-video. Imizuzu engu-78, abasinda ababekhona bevela emazweni angu-8 nazo zonke izibukeli, babona inhlekelele nokunqoba kulendaba ebuhlungu yomlando waseJalimane. Abaningi bahluleka ukubamba izinyembezi njengoba laba bantu abavamile bexoxa izenzo ezingavamile zothando nokholo ngaphansi kwezimo ezinyantisa igazi.
Ngemva kokuthula kwehlombe elalihlokoma, isazi-mlando uJoachim Görlitz safunda amazwi okugcina kaFakazi owayebulewe eBrandenburg. UGörlitz wayethole lencwadi emasontweni amabili ngaphambili ngenkathi enza ucwaningo oluthile eBrandenburg Memorial and Archive, angumqondisi wayo. Iphimbo lakhe lagedezela lapho efunda amazwi alendoda ethembekile engumKristu ikhuthaza ekholwa nabo ukuba babambelele ngeqiniso eNkosini yabo. UGörlitz wabe esephetha: “Bahlonishwa, ngikholelwa ukuthi lefilimu emayelana noFakazi BakaJehova izoba neqhaza elibalulekile emsebenzini wethu wemfundo.”
Isazi-mlando uWulff Brebeck sathi “ngalefilimu kwenezelwe umcebo omusha obalulekile—iphimbo labasinda ebelingezwakali njalo, . . . nephimbo labangasindanga.” UDkt. Garbe wanezela: “Lokhu okuhlangenwe nakho okubalulekile kwabantu abalukholo lwabo kuNkulunkulu nokuthemba izithembiso zeBhayibheli kwabanika amandla okuma beqinile phakathi naleso sikhathi esibi.”
Esiphethweni esifanelekayo salesi simiso, oFakazi abaningana abasinda baphinde bakhuluma nezilaleli. Kwakusobala kubo bonke ukuthi lamaKristu ayizinsika namanje asenokholo oluqinile olufanayo nolwawasindisa phakathi kwezilingo zawo eziningi.
Kusukela ngalowo mbukiso, kuye kwavela izihloko ezingaphezu kuka-340 ngoFakazi BakaJehova ne-video ethi Stand Firm emaphephandabeni kulo lonke elaseJalimane. Izinhlelo zomsakazo eziningana, kuhlanganise nolwalusesiteshini somsakazo sezwe lonke, zazinemibiko emihle nazo.
I-video ethi Stand Firm iyogcina isitholakala ngezilimi okungenani ezingu-24. Uhlelo oluthé ukulungiswa oluzosetshenziswa emakilasini luzokhishwa ngokuhamba kwesikhathi. Kusukela le-video ikhululiwe, inani elandayo lothisha liye laqala ukuyisebenzisa le-video ethi Stand Firm njengengxenye yohlelo lwezifundo ukuze isize intsha icabangele izici ezibalulekile njengobandlululo, ukucindezela kontanga nezwi likanembeza.
Kulelizwe elihlukaniswe inzondo nokukhohlisa, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba lendaba yobuqotho itshelwe umphakathi manje! Ngempela, lamaKristu athembekile awahluphekelanga ize.—Heberu 6:10.
[Izithombe ekhasini 15]
Umhlangano wezintatheli eBerlin. Kusukela kwesobunxele: UDkt. Detlef Garbe, abasinda Ekuqothulweni Kwesizwe uSimone Liebster noFranz Wohlfahrt, nesazi-mlando uWulff Brebeck