Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 4/8 k. 32
  • Insiza-kufundisa Yendlela Yokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Insiza-kufundisa Yendlela Yokuphila
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 4/8 k. 32

Insiza-kufundisa Yendlela Yokuphila

Uthisha othile waseZimbabwe, e-Afrika, waphawula ukuthi eNyatsime College, lapho efundisa khona, kunesifundo okuthiwa “Imfundo Yendlela Yokuphila.” Wachaza izinkinga ayenazo emkhayeni wayesevuma ukuthi wayedinga usizo lokuzixazulula.

Echaza okwenzeka ngemva komshado wakhe, wathi: “Cishe izinkinga zaqala ngokushesha nje futhi zaholela ekutheni sinqume ukuhlala ngokuhlukana ngo-November 1989.” Kwakukhona nezinye izinkinga. Wabhala: “Ngiyindodana eyizibulo kumama, owayengunkosikazi kababa wokuqala. Lapho ngenza unyaka wesibili wokufundela ubuthisha, ubaba washona, eshiya ezandleni zami abafowethu nodadewethu abangelamayo abangu-16.”

Ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova kwasiza lothisha ukuba axazulule izinkinga zomkhaya wakhe. Yena nomkakhe sebebuyisene futhi bajabulile. Wabhala: “Mina nomkami siye safunda kokuhlangenwe nakho kwethu okubuhlungu ukuthi imizamo yomuntu yokuxazulula izinkinga zakhe ngaphandle kukaNkulunkulu iyize.” Nokho, kuthiwani ngokusiza abafundi abafundisayo ezinkingeni zabo?

Wabhala: “Ngatusa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo kuthisha-nhloko nakwabanye othisha njengencwadi efanelekayo. Bonke bavuma, futhi isikole sa-oda izincwadi ezingu-56, esengizilethile.”

Sikholelwa ukuthi nawe uyozuza kakhulu kulensiza-kufundisa enemifanekiso ekhangayo, enamakhasi angu-320. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo ikhophi yayo noma ungathanda ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela