Abesifazane Baphila Isikhathi Eside Kodwa Abaphili Kangcono
EMHLABENI wonke abesifazane bayephuza ukushada, baba nabantwana abambalwa futhi baphila isikhathi eside. “Ukuphila kwabesifazane kuyashintsha,” kubika umagazini i-UNESCO Sources. Phakathi kuka-1970 no-1990, isikhathi sokuphila kwabesifazane lapho bezalwa sanda ngeminyaka emine emazweni athuthukile kanti emazweni asathuthuka sanda ngeminyaka engaba ngu-9. “Lokhu kusho ukuthi emazweni athuthukile namuhla, abesifazane baphila iminyaka eyengeziwe engaba ngu-6,5 kunabesilisa. Emazweni asathuthuka umehluko uyiminyaka emihlanu eLatin America naseCaribbean, iminyaka emithathu nengxenye e-Afrika neminyaka emithathu e-Asia nasePacific.”
Nokho, kwabesifazane abaningi, ukuphila isikhathi eside akusho ukuphila kangcono. I-Our Planet, umagazini weZizwe Ezihlangene, iphawula ukuthi kwabesifazane abaningi emhlabeni, amalungelo obuntu ayisisekelo “aseyinto abayilangazelelayo abangakaze bayithole. Basawalwela.” Nokho, i-UN ithi abesifazane abayisigidi abanakuwathola ngisho namalungelo ayisisekelo ngoba iningi elishaqisayo labantu abangafundile, abangababaleki nabampofu emhlabeni kusengabesifazane. Naphezu kwentuthuko ethile, kuphetha i-UNESCO Sources, “ikusasa labesifazane . . . libonakala lifiphele.”