Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zalemibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 25. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Yimiphi imibala eyayisetshenziswa kakhulu ezintweni zasethempelini nasezingutsheni ezazigqokwa abapristi abaphakeme? (Eksodusi 36:35)
2. Zingaki izikhulu zasePheresiya ezazikhonza njengabeluleki abaseduze beNkosi u-Ahashiveroshi futhi ezavumelana ngokwahlulelwa kweNdlovukazi uVashiti? (Esteri 1:13-15)
3. Yimuphi umuzi wasendulo uMelkisedeki ayekhonza kuwo njengenkosi nompristi? (Genesise 14:18)
4. Hlobo luni lwegama elisetshenziswe ezinguqulweni zeBhayibheli zesiLatini ukubonisa isigxobo uJesu alengiswa kuso? (Bheka uMathewu 10:38, umbhalo waphansi we-NW)
5. Wayengubani umukhwe kaMose? (Numeri 10:29)
6. UJesu wathi yini amaJuda wonke ayengenakuyisho ngokuqondene noMthetho kaMose? (Johane 7:19)
7. Uyini umuntu, uma singathekisa, ezandleni zoMbumbi Omkhulu? (Isaya 64:8)
8. Umpristi ophakeme wakwa-Israyeli wayengena kangaki eNgcwelengcwele? (Heberu 9:7)
9. Nakuba abantu bengase batshale futhi banisele, udumo lwani oluya kuNkulunkulu? (1 Korinte 3:7)
10. UJesu wathi kwakuyini kuye ukwenza intando kaYise? (Johane 4:32, 34)
11. Becabanga ukuthi kwakunobuhle obungokwenkolo, abaFarisi babegeza izandla zabo baze bafinyelele kuphi ngaphambi kokuba badle? (Marku 7:3)
12. UJesu wathi umuntu “kumelwe abe isigqila sabo bonke” ukuze athole siphi isikhundla? (Marku 10:44)
13. Yini uPawulu athi ayiyona into engokoqobo uma ibonakala? (Roma 8:24)
14. Kuthiwa yini iqembu lezilwane ezihamba ndawonye? (Genesise 32:16)
15. Yimuphi umfundi owabuza uJesu: “Ingabe uhlala wedwa njengomfokazi eJerusalema?” (Luka 24:18)
16. Yini uPawulu asiyala ukuba sibe “abakhule ngokugcwele” kuyo kuyilapho ‘siyizingane ngokuqondene nobubi’? (1 Korinte 14:20)
17. UNehemiya wakuqeda ngayiphi inyanga yesiJuda ukwakha kabusha izindonga zaseJerusalema? (Nehemiya 6:15)
18. Yimuphi umuzi owawuyinhloko-dolobha yombuso wasenyakatho wakwa-Israyeli iminyaka engaba ngu-200? (2 AmaKhosi 3:1)
19. Wayengubani uyise womprofethi uJoweli? (Joweli 1:1)
20. Hlobo luni lwesihlahla u-Isaya athi umuntu uyasitshala bese kamuva esisebenzisela ukupheka ukudla kwakhe, ukotha nokwenza unkulunkulu? (Isaya 44:14-17)
21. Yimuphi umlando olandela ukulandisa kweBhayibheli ngombhoshongo waseBabele? (Genesise 11:10)
22. Iyiphi inkathi yesiprofetho eyayizofika ngokushesha ngaphambi kokuvela kukaMesiya? (Daniyeli 9:25)
23. Wayengubani unina weNkosi elungile uHezekiya? (2 AmaKhosi 18:2; 2 IziKronike 29:1)
24. Uma umuntu ebonakalisa “ukwenyanya izithombe,” yini okungalindelekile ukuba ayenze emathempelini? (Roma 2:22)
25. Abantu ngabanye abavuswe kwabafileyo bayokwahlulelwa ngasiphi isisekelo? (IsAmbulo 20:12, 13)
26. NgokukaJakobe, ukucabangela obani okuwuphawu lokukhulekela kweqiniso? (Jakobe 1:27)
Izimpendulo Zemibuzo
1. Obubende nobomvu
2. Isikhombisa
3. ISalema
4. U-crux
5. URehuweli
6. Ukuthi ayawulalela
7. Ubumba
8. Kanye ngonyaka
9. Lokukhulisa
10. Ukudla
11. Endololwaneni
12. Ukuba owokuqala phakathi kwabafundi bakaJesu
13. Ithemba
14. Iqambi
15. UKleyophase
16. ‘Amandla okuqonda’
17. U-Eluli
18. ISamariya
19. UPethuweli
20. Umfire
21. ‘Izizukulwane zikaShemi’
22. “Amasonto angamashumi ayisithupha nambili”
23. U-Abi noma u-Abiya
24. Ukuwaphanga
25. Ngezenzo zabo
26. Izintandane nabafelokazi