Ukubuka Okwezwe
Amanzi Angengcwele
Udokotela ohlinzayo e-Ireland wamangala lapho owesifazane oneminyaka engu-72 ubudala eba nesifo samehlo esibi kabili ngaphambi nje kokuhlinzwa kususwe ulwelwesi olwenza iso lingaboni. Yini eyabangela lesi sifo? Amanzi “angcwele” aseLourdes ayezichele ngawo ebusweni. “Inkinga,” kusho i-Irish Times, “iwukuthi ngokuvamile amanzi angcwele anamagciwane ayingozi.” Lesi sifo sasingase kalula simenze impumputhe lona wesifazane ukube wahlinzwa ngesikhathi esasibekiwe. I-Irish Times iyaqhubeka: “Ukubusiswa akuwabulali amagciwane. Futhi ukuchelwa ngamanzi angcwele okuhloselwe ukuba aphulukise, kungase eqinisweni kubangele izifo ezisongela ukuphila ezimweni ezithile.” Ngokwalombiko, abangane noma izihlobo ezinezinhloso ezinhle ezikuchela ngamanzi “angcwele” lapho ulaliswe esibhedlela zingase zibe “ingozi enkulu ekululameni kwakho.”
Inkinga Ngamabhomu Agqitshwayo
“Umkhankaso wembulunga yonke wokuqeda amabhomu agqitshiwe emhlabeni uye wathola lomgomo uyindida njengamabhomu agqitshwayo ngokwawo,” kuphawula i-Wall Street Journal. “Ayikho imishini efanele yokuqinisekisa ukuthi amabhomu agqitshwayo asuswa ngokuphephile.” Namuhla amasosha asasebenzisa imishini efanayo eyayisetshenziswa omkhulu bawo eMpini Yezwe II—imishini yamaza esanduku kanye neyokuthungatha izinsimbi. Kodwa kunzima ukuthungatha inhlobo entsha yamabhomu agqitshwayo, njengoba enziwe ngokuyinhloko ngepulasitiki futhi agqitshwa nezinsalela zeziqhumane nenye imfucumfucu ekhipha izinhlabamkhosi eziningi ezingamanga. Lapho imishini yokuthungatha izinsimbi ithola okuthile, kufakwa induku ye-fiberglass eceleni ngokucophelela. Injongo iwukuthola ibhomu eligqitshiwe ngokulithinta enhlabathini. Uma leli bhomu lithé ukutsheka bese kuthinteka ingxenye ephezulu, liqhumela ebusweni bomuntu. Nakuba ngokuvamile amabhomu agqitshwayo ebiza ngaphansi kwamaRandi angu-24 lilinye, ukuwasusa kungabiza amaRandi angaphezu kuka-4700 ibhomu ngalinye. Kugqitshwa amabhomu aphakathi kwezigidi ezingu-1,5 nezimbili enhlabathini unyaka ngamunye, futhi agoga noma abulale abantu abangaphezu kuka-25 000—kuhlanganise nezingane eziningi.
Ayikho Indlela Ezingaphunyuka Ngayo Izingane
“Izingane zizonke zaqala ukuba izisulu zezimpi zabantu abadala lapho impi isihlanganisa wonke umuntu: amabhomu nezikhali ezijikijelwayo awakhethi ubudala bomuntu lapho ebulala,” kusho i-Economist. “Izimpi zombango—ezivamile kulezi zinsuku—ngokuvamile ziqothula bonke abantu ezweni. Kwezinye izindawo izinhlangano zosizo sekufanele zinakekele ukukhishwa kwamasosha ayizingane ebuthweni ngendlela efanayo nezinakekela ngayo ukwabiwa kokudla. Nomaphi lapho ziya khona zilindele ukuthola izingane phakathi kwababaleki, abalimele kanye nabafile.” Nakuba bonke abantu bethi bayazithanda izingane, yizona ezihlupheka kunanini ngaphambili. Izinhlangano zosizo zilinganisela ukuthi izingane eziyizigidi ezingu-24 ezineminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala zaxoshwa yimpi ngonyaka odlule nokuthi kuye kwabulawa ezingaba izigidi ezimbili kuleminyaka eyishumi edlule. Ezinye eziyizigidi ezine kuya kwezinhlanu zakhubazeka. “Imiphumela engokwengqondo ayaziwa ngokunembile,” kusho i-Economist.
Impikiswano Yobumpohlo
“ISonto LamaRoma Katolika lilahlekelwa inani elikhulu lezisebenzi ezifanelekayo ngenxa yokugcizelela kwalo ubumpohlo babapristi,” ngokusho kombiko owanyatheliswa kuyi-ENI Bulletin. ENgqungqutheleni Yesine Yomhlaba Wonke Yabapristi Abashadile, eyayiseBrasília, kwabikwa ukuthi abapristi abangamaRoma Katolika abangu-100 000 kuwo wonke umhlaba baye bashiya ubupristi futhi balahla ubumpohlo. Ngokusho kowayengumpristi uJorge Ponciano Ribeiro, manje onguprofesa e-University of Brasília, umpristi oyedwa kwabahlanu uye washiya ubupristi washada. EBrazil kuphela kunabapristi abashadile abangu-3500. URibeiro wathi: “Ubumpohlo benziwa imfuneko ukuze kugwenywe izinkinga phakathi kwesonto nezindlalifa zabapristi, hhayi ngenxa yokuthi iZwi likaNkulunkulu lingasakazwa kangcono yilabo abangahlanganyeli ebuhlotsheni bobulili.”
Amankonyane Ezindlovu Angamahlongandlebe
“Njengabantwana babantu, amankonyane ezindlovu adinga ukuyalwa ukuze akhule abe amalungu anokwethenjelwa emphakathini,” kuphawula i-New Scientist. “Izazi zezinto zasendle zithi izindlovu ezingamaduna eziyizintandane eSiqiwini sasePilanesberg eNingizimu Afrika zingamahlongandlebe ngoba azikaze ziyalwe izindlovu ezindala.” Lezi zindlovu ezingezwa ziye zahlasela abantu, zahlaba futhi zabulala obhejane abangu-19 kuleminyaka emithathu edlule, futhi ziye zazama ngisho nokukhwela obhejane. Kwafa abantu ababili, kuhlanganise nomzingeli onguchwepheshe owayethunyelwe ukuyobulala indlovu ekhathazayo ngemva kokuba ixoshe iqembu lezivakashi ezibona amazwe. Esikhathini ngasinye, isilwane esingezwa sasivela eqenjini lamathole ezindlovu angamaduna alethwa kulesi siqiwu evela eKruger National Park ngemva kokuba wonke umhlambi wazo ubulewe ukuze kulawulwe inani lezindlovu. Nakuba kunezimbangela eziningana zokucindezeleka kwalezi zindlovu, ososayensi banomuzwa wokuthi ukuntuleka kokuyala nokunakekela kwezilwane ezindala, okuyisici esivelele ekuphileni okuvamile kwemikhaya yezindlovu, kunengxenye ekuziphatheni kwazo okuyisigwegwe. Lesi sihloko sithi manje kuzothuthwa imikhaya ephelele yezindlovu ukuze amathole angamaduna “aqhubeke ethola ukuyala okuqinile kobuzali akudingayo.”
Ingozi Yokuqala Emkhathini
Ingozi yokuqala eqinisekisiwe emkhathini yenzeke ebangeni elingamakhilomitha angu-700 ngaphezu komhlaba, kusho i-New Scientist. Isiphuphutheki saseFrance okuthiwa i-Cerise sawa kanzima lapho ingalo esibambayo iwohloka ngemva kokushayiswa isigaxa esineminyaka eyishumi serokhethi ye-Ariane esasihamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-50 000 ngehora endaweni enokuphakama okufanayo. Amathuba ezingozi ezinjalo ayanda unyaka ngamunye njengoba kunqwabelana imfucumfucu ezungeza umhlaba. Kakade, kunezingcezu zemfucumfucu esemkhathini ezingu-20 000 ezaziwayo ezizungeza lembulunga. Nakuba lezo eziseduze nomhlaba ngokuvamile ziqedwa izinqubo ezingokwemvelo, njengokwanda komoya osemkhathini, lezo eziqhelile zingahlala lapho izinkulungwane zeminyaka. Lapho zingqubuzana nezinye izingcezu zemfucumfucu, ziqhephuka zibe izicucwana eziningi ezingangena ezimpahleni zokuzivikela emkhathini noma ongqimbeni lomkhumbi-mkhathi. Ngisho nopende omncane owomile ungaba ingozi. Okwamanje, kuneziphuphutheki ezingaba zine ezingasebenzi ezizungezayo uma kuqhathaniswa nesisodwa esisebenzayo, kanti amarokhethi asesebenzile aye aqhuma lapho ezungeza umhlaba akha ingxenye yesine yemfucumfucu esemkhathini.
Iziponji Zaba Nayo Kuqala
“Amasu esintu amaningi amahle kutholakala ukuthi sekuyiminyaka eminingi esetshenziswa imvelo,” kusho i-Washington Post. “Ngokwesibonelo, cabangela i-fiber optics. Ososayensi benza imicu esangilazi ukuze badlulise ukukhanya ezindaweni ezingamakhona ngo-1951. Kutholakala ukuthi iziponji ezisekujuleni kwamanzi eRoss Sea e-Antarctica sekuyiminyaka engenakubalwa zenza okufanayo.” Lezi ziponji ezinkulu, ezitholakala emanzini angaba amamitha angu-30 ukujula, zinemicu eyamukela ukukhanya bese ikudlulisa, ngisho nasemajikeni angamakhona, ikuyise olwelwesini olukhiqiza ukudla ngamandla okukhanya olusekujuleni kwalesi siponji. Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi ukukhanya okushaya eceleni nakho kuyathathwa, okubonisa ukuthi izinti eziseceleni kulesi siponji nazo ziyakwazi ukudlulisa ukukhanya kwalolu lwelwesi.
Abagembuli Bayalahlekelwa
“Izikhungo zokugembula zakhiwe ngendlela yokuthi abanikazi bangalahlekelwa neze imali,” kusho isazi sezomnotho saseBrazil uRicardo Gazel. “Amathuba aqinisekile okuthi umuntu uyothola imali ngokugembula mancane.” Exwayisa ngokuthi ukungena kalula ezikhungweni zokugembula cishe kuyobangela imilutha yokugembula eyengeziwe, uGazel uyanezela: “Kunethemba elikhohlisayo lokuthola imali ngaphandle komzamo. Abantu banamathemba okuthi mhlawumbe ngenhlanhla, bazoceba ngokushesha.” Ngaphezu kwalokho, lapho imcaphuna ekhuluma ngokuphathelene nokungabi bikho kwesisekelo sokuba isonto noma uhulumeni ugxeke lokhu, i-Veja ithi: “Uhulumeni uyinhlangano yokugembula enkulu kunazo zonke kulelizwe. Kunezinhlobo eziyisithupha ezihlukene zemidlalo yamakhadi ezinakekelwe uhulumeni wezwe, ingasaphathwa eyemidlalo yamakhadi kahulumeni. Isonto alinakukugxeka ukuvunyelwa kokugembula ngokomthetho ngoba ukuze liqongelele imali yezifunda, isonto likhuthaza lomkhuba ezikhungweni zezitolo, lapho kuhlala kunetafula amalungu esonto alahlekelwa kulo imali ngokugembula.” NgokukaGazel, ‘ochwepheshe bathi imilutha yokugembula engalutholi usizo isengozini yokugcina isejele, yokuzibulala, noma yokusangana.’
Izigebengu Eziphatha Izinyoka
Izigebengu zikhathaza izakhamuzi zaseDiriamba, idolobhana laseNicaragua elingamakhilomitha angu-50 eningizimu yeManagua, ngokusebenzisa izinyoka ezinesihlungu. Njengoba kwabikwa ephephandabeni i-Nuevo Diario, leli qembu liqoqa amabululu emaqeleni aseduze, lisuse isihlungu sawo, bese liphanga abantu njengoba behamba emigwaqweni engaphandle kwedolobha ngokubasongela ngokuthi bazolunywa yilezi zinyoka. Intombazane ethile, eyaquleka lapho ibona amazinyo alenyoka, yathi lapho iphaphama yathola ukuthi imigexo yayo yegolide yebiwe. Leli qembu liye laphanga nabalimi ukudla nemali.