Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 3/8 k. 16-k. 18 isig. 7
  • Izimbali Zibonisa Ukuthi Othile Uyakukhathalela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimbali Zibonisa Ukuthi Othile Uyakukhathalela
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindlu Ezimbozwe Ngepulasitiki Zokukhulisa Izithombo Kanye Namachibi Okwenziwa
  • Umkhiqizo Uhlelwa Kusengaphambili
  • Umsebenzi Onzima Ngenkathi Ematasa
  • Isigijimi Esinemibala Nesinephunga Elimnandi
  • Umuntu Okhathalela Ngempela
  • Izimbali Ezikhangayo Zase-Afrika
    I-Phaphama!—2007
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • “Masithumele Ikhadi”
    I-Phaphama!—1993
  • I-“Ylang-Ylang”—Uketshezi Oluvela Esiqhingini Samakha
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 3/8 k. 16-k. 18 isig. 7

Izimbali Zibonisa Ukuthi Othile Uyakukhathalela

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECOLOMBIA

Ujahidada ojabulile ukha isixha sezimbali azifumbathe ngesandla sakhe esikhuluphele abese egijimela kunina nalokhu akutholile okuyigugu. Emphemeni ongasemgwaqweni, indoda enothando ikhethela umkayo ama-“rose,” ukuze imbonise indlela emkhathalela ngayo. Indodana enokwazisa ishayela umthengisi wezimbali oseduze ucingo ifuna izimbali ezisanda kukhiwa okuthiwa ama-“pompon” ukuze ijabulise unina. Umama wekhaya okhuthele ufaka isixha sama-“carnation” amibalabala enqoleni yakhe esitolo. Azokwenza umuzi wakhe ohlotshiswe kahle ukhange nakakhulu.

IZIMBALI zijabulisa abasha nabadala. Ziyindlela enhle kakhulu yokudlulisa umcabango wokuthi “Othile uyakukhathalela.” Isaga seSpanishi sithi: “Noma ubani ongayibongi i-rose akasoze abonga lutho.” (Quien no agradece una rosa, no agradecerá ninguna cosa.)

Ukudayiswa kwezimbali kuyanda kunanini ngaphambili. Kulenkathi yezinto zokuthutha zasemoyeni ezisheshayo, manje izimbali sezingatshalwa kude nezitolo ezincane nezinkulu nemipheme yokudayisela engasemgwaqweni lapho zikhanga khona abadlulayo. Umagazini i-Time wathi imboni yezimbali “ikhula ngamandla futhi ishintsha ngokushesha: imikhiqizo eyengeziwe ivela eningizimu nenkabazwe—ikakhulu eColombia, esiye yaba umthumeli wezimbali wesibili ngobukhulu ilandela iHolland.”

Izindlu Ezimbozwe Ngepulasitiki Zokukhulisa Izithombo Kanye Namachibi Okwenziwa

Njengoba ineminyaka engaphezu kuka-25 ikuleli bhizinisi, iColombia ihamba phambili emhlabeni ngokuthumela ama-carnation, kanti ingeyesibili ekudayisweni kwezimbali jikelele. Ngo-1964 umfundi waseyunivesithi eCalifornia, e-U.S.A., wasebenzisa i-computer ukuze athole izindawo ezingavuma ukutshalwa izimbali unyaka wonke. Wathola ukuthi isimo sezulu nokuphakama usuka ogwini lolwandle kwendawo eyisigodi yaseBogotá, enyakatho nje nenkabazwe futhi cishe endaweni engamamitha angu-2 800 phezulu e-Andes Mountains, yayinezimo ezifanelekayo.

Inkangala eluhlaza ngokumangalisayo yaseSanta Fe de Bogotá, lapho kunamaphesenti angu-92 ezikhungo zaseColombia zokutshala nokuthumela izimbali, lapha nalapha kunamachibi okuzenzela nezindlwana ezimbozwe ngepulasitiki zokukhulisa izithombo. Ngaphakathi kulezi zakhiwo ezakhiwe ngamapulangwe noma ngensimbi, isimo sasentwasahlobo esilawulwa ngokucophelela sikhulisa izigidi zama-carnation, ama-pompon, ama-rose, ama-chrysanthemum, ama-alstroemeria, nezinye izinhlobo eziningi, esezizokhiwa futhi zipakishelwe ukuthunyelwa eNyakatho Melika, eYurophu nase-Asia.

Izinga lokushisa elihle lokutshala izimbali liphakathi kuka-18° no-20°C., ngokuvamile okuyizinga lokushisa lonyaka wonke emini kulenkangala. Lapha, amanzi emvula maningi, inhlabathi ivundile futhi ziyatholakala izisebenzi ezikhokhelwa kancane. Ebusuku, izinga lokushisa lingase lehle lifike eduze kwezinga-qhwa futhi ngezinye izikhathi kulale isithwathwa, izinga lokushisa libe ngu-2°C. ngaphansi kwezinga-qhwa. Okokuvimbela isithwathwa, izibani ezinamandla, noma okokuchela kuzivikela emakhazeni. Izibani ezikhanyisayo zenza imini ibe yinde, ngaleyo ndlela zenza ezinye izitshalo ziqhubeke zisebenza futhi zisheshisa nokukhula kwazo.

Umkhiqizo Uhlelwa Kusengaphambili

Izisebenzi ezingaphezu kuka-120-000 eColombia zisebenza esigabeni esithile semboni yezimbali. Phakathi kwazo kunoFakazi BakaJehova abaningi abahlala emiphakathini esakazeke kulenkangala. UBenito Quintana, umdala ongumKristu kwelinye lamabandla aseFacatativá, ungumqondisi womkhiqizo endaweni okutshalwa kuyo izithombo zibuye zidayiswe. Uyachaza: “Kusasele izinyanga, kudingeka sihlele umkhiqizo ukuze sihlangabezane nalokho okuzofunwa izimakethe ngezikhathi ezithile. Ama-carnation akhulile alandwa eHolland noma e-Italy, ama-pompon avela eFlorida. Abesifazane banquma amahlumela ngokucophelela, bawatshale emibhedeni ezindlini ezifudumele zokukhulisa izithombo lapho zichelelwa khona ngenkungu enjengefu zize zimile izimpande. Ama-pompon athatha izinsuku ezingu-12 lapho izinga lokushisa lingu-20° kuya ku-35°C. (68° kuya ku-95°F.), namahora amabili engeziwe okukhanya ebusuku. Ama-carnation adinga izinsuku ezingu-23 lapho izinga lokushisa liphakathi kuka-15° no-25°C. (59° kuya ku-77°F.), kungabibikho ukukhanya ebusuku. Sibe sesitshala izithombo emibhedeni kwezinye izindlu zokukhulisa izithombo lapho zinothiswa khona ngezakhi, zichelwe ngemithi futhi zichelelwe zize ziqhakaze, okuba ngemva kwezinyanga eziyisithupha uma kungama-carnation nezintathu uma kungama-pompon.”

Umsebenzi Onzima Ngenkathi Ematasa

Lapho kufika isikhathi sokukha izimbali, abesifazane abawenza kangcono kakhulu lomsebenzi, okutuswa ukuba bawenze bengagqoke magilavu futhi izandla zihlanzekile. Imishini ayikwazi ukubona ukuthi imiqumbe ivuleke kangakanani noma ukuthi isiqu siqondile yini, izici ezibonisa ukuthi imbali isezingeni eliphezulu yini.

UJudith Corredor, waseFacatativá, uyachaza: “Abesifazane banokubekezela futhi bakwazi ukuthinta ngendlela ethambile futhi banejubane nekhono elidingekayo. Lapho singena ezindlini zokukhulisa izithombo emini,” kuqhubeka uJudith, “inkangala ngokuvamile isuke imbozwe inkungu; kusuke kubanda kakhulu, izinga lokushisa lize libe ngaphansi kwezinga-qhwa. Amantombazane amaningi afaka izikhafu. Phakathi nosuku liyafudumala, ngezinye izikhathi lifike koma-90 [ngaphezu kuka-32°C.]. Umsebenzi onzima, ikakhulukazi ngesikhathi sonyaka esimatasa lapho sijahwa khona futhi kudingeka sisebenze isikhathi esengeziwe.”

Isigijimi Esinemibala Nesinephunga Elimnandi

Ngemva kokukhiwa, izimbali zifakwa egumbini elikhethekile elinomoya omningi nokukhanya. Lapha, abesifazane bayazikhetha bazihlunge ngokwezinga lokuqhakaza nokuqonda, ubukhulu nobude beziqu. Izimbali zibe sezisongwa ngepulasitiki ekhanyayo, zibe ngu-25 esixheni ngasinye, zilungele ukupakishwa. Kukhethwa kuphela ezinhle kunazo zonke ezizothunyelwa kwamanye amazwe.

Amadoda apakisha izimbali emabhokisini akhethekile anemifingcizo abhalwe igama lendawo etshala futhi ithengise izimbali—ama-carnation, aba izixha ezingu-24 ebhokisini. Umfowabo kaBenito, u-Alejandro Quintana, opakishayo, uthi: “Kudingeka sisebenze sisheshe, njengoba izimbali ziphakathi kwezitshalo ezisheshe zibune. Inkampane yethu inamaphampu amabili amunca umoya ofudumele emabhokisini, amabhokisi angu-112 ngesikhathi, ebe efaka umoya obandayo amahora amabili, ngaleyo ndlela ehlisa izinga lokushisa lezimbali lithi alifinyelele ezingeni lokuba yiqhwa. Kube sekuvalwa izimbobo ezisemabhokisini, futhi izimbali zigcinwe endaweni ebandayo kuze kube yilapho zilayishwa khona emalolini ukuze zithuthelwe esikhumulweni sezindiza.”

E-El Dorado International Airport yaseBogotá izimbali ziyahlolwa ukuze zithunyelwe ngaphandle bese zifakwa ezindaweni ezibandayo amahora ambalwa kuze kube yilapho izimpahla sezilayishwe ezindizeni ezinkulu ukuze zithunyelwe phesheya. Ezinsukwini ezimbalwa nje, lezi zimbali zizobe zivuleka emakhaya, emahhovisi, emagumbini abagulayo, nakwezinye izindawo, zidlulisa isigijimi esinemibala nephunga elimnandi sokuthi othile uyakukhathalela.

Umuntu Okhathalela Ngempela

Cishe yonke indawo esihamba kuyo emhlabeni, sithola izimbali ezisijabulisayo. Zitholakala phezulu ezintabeni emaphethelweni odedangendlale bezindawo ezineqhwa nezinguzunga zeqhwa, emahlathini nasotshanini, ngasemifuleni emikhulu nemincane, phansi ogwini lolwandle ngisho nasogwadule olushisayo nolomile. Izimbali bezilokhu zikhona ngaphambili kakhulu kokuba kuvele umuntu emhlabeni. Izazi zezitshalo zigomela ngokuthi ‘izitshalo eziqhakazayo ziyisisekelo sokuphila kwezilwane nabantu. Ngaphandle kwazo, izilwane nomuntu kwakungeke kube khona.’

Inokuqonda, iNkosi uSolomoni yathi: ‘UNkulunkulu wenzile konke kube-kuhle esikhathini sakho.’ (UmShumayeli 3:11) Lokhu kuhlanganisa nesipho sikaNkulunkulu sezimbali ngazo zonke izinhlobo nobuhle bazo. Kusukela endulo ziye zajabulisa abancane nabadala. Ngempela, uNkulunkulu uyakhathalela!

[Ibhokisi ekhasini 17]

Ukwenza Izimbali Zihlale Isikhathi Eside

• Sikela iziqu emanzini zitsheke ngaphambi kokufaka izimbali evazini. Amaconsi amanzi anamathele eziqwini azovimbela umoya ukuba ungangeni bese uvimbela ukumuncwa kwamanzi nezakhi kamuva.

• Umagazini i-GeoMundo ucaphuna izazi zezimbali zaseColombia zithi iphilisi i-aspirin, isipuni sikashukela, noma i-cola encane kuhlanganiswe namanzi kuyogcina izimbali zizintsha isikhathi esijana. Shintsha amanzi njalo ngosuku lwesibili noma lwesithathu, usebenzisa amanzi ahlanzekile avamile, nakuba amanzi afudumele engase asetshenziswe ukuze imiqumbe ivuleke ngokushesha.

• Izimbali esezithanda ukubuna zingavuselelwa ngokufaka iziqu emanzini ashisayo imizuzu eyishumi nokuzichela ngamanzi apholile. Susa izimbali eduze nezinto ezikhipha ukushisa, emoyeni ocinanisayo, futhi zingahlali elangeni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela