Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 11/8 k. 26-k. 27 isig. 7
  • Isiqondiso Sikabani Ongasethemba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiqondiso Sikabani Ongasethemba?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isandla SikaNkulunkulu Siqondisa Abantu Bakhe
  • Bambelela Uqinise Esandleni SikaNkulunkulu!
  • “Yimani Niqine Nibone Insindiso KaJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • ‘UJah Uyinsindiso Yami’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Isimangaliso OLwandle Olubomvu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UNkulunkulu Ukhulula Abantwana Bakwa-Israyeli
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 11/8 k. 26-k. 27 isig. 7

Umbono WeBhayibheli

Isiqondiso Sikabani Ongasethemba?

“ASIHAMBE!” kusho ubaba endodaneni yakhe eneminyaka emihlanu ubudala. Lobaba welula isandla, futhi ngaphandle kokungabaza indodana ibamba isandla sikayise ngesandlana sayo. Kungakhathaliseki ukuthi bayaphi, lomntwana uthembele esiqondisweni somzali wakhe futhi uyalandela enethemba. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, lomntwana ubambelela ngokuqinile.

Njengoba siphila kulezi zinsuku zokungaqiniseki kwezomnotho, kwezombangazwe, nokungaqiniseki ngokomuntu siqu, ubungeke yini usamukele isiqondiso esivela emthonjeni ongawethemba ngokuphelele? Nokho, siphila esikhathini lapho abantu abangenazimiso zokulunga besizakala ngokungabi nalwazi kwabanye. Ngakho, kunesizathu esihle sokuqaphela ukuthi ubani esimethembayo. Mhlawumbe wake wadumala kakhulu esikhathini esidlule lapho othile owawunethemba lokuthola kuye isiqondiso ekudumaza.

Noma kunjalo, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sithembele kuNkulunkulu. Umprofethi u-Isaya waloba: “Ngokuba yimina-Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.” (Isaya 41:13) Futhi umphostoli uPetru waluleka: “Ngakho-ke, zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele; kuyilapho niphonsa konke ukukhathazeka kwenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:6, 7.

Noma kunjalo, ungase ubuze, ‘Yisiphi isizathu enginaso sokuthembela esiqondisweni sikaNkulunkulu?’ Lezi zizathu ezizwakalayo ezilandelayo zitholakala emlandweni wama-Israyeli asendulo.

Isandla SikaNkulunkulu Siqondisa Abantu Bakhe

Uchungechunge lwezenzakalo olwafinyelela umvuthwandaba ebusuku ngo-Nisan 14, 1513 B.C.E., lwaqeda ukuzimisela kukamashiqela owayecindezela ngomsebenzi uFaro nabaseGibithe, kangangokuba bakhulula abantu bakaNkulunkulu, ama-Israyeli ebugqilini. (Eksodusi 1:11-13; 12:29-32) Ngo-Nisan 15, isizwe esijabulayo sakwa-Israyeli salibangisa ehlane siya eZweni Lesithembiso. Indlela enqamulelayo yayiphuma ngasenyakatho yeMofi, ngasogwini lolwandle lwaseMedithera, ngasezweni elalihlala amaFilisti asabekayo, bese-ke iyongena eZweni Lesithembiso. Nokho, kwakunenye indlela uNkulunkulu ayezobahambisa ngayo.—Eksodusi 13:17, 18; Numeri 33:1-6.

UNkulunkulu wanikeza isiqondiso esibonakalayo esizweni sakwa-Israyeli sasendulo, esasibonakala njengensika yefu emini nanjengensika yomlilo ebusuku. (Eksodusi 13:21, 22) Kanye nalesi senzakalo esingaphezu kwamandla emvelo, uJehova wasebenzisa njengommeleli wakhe wasemhlabeni indoda ekholekile uMose. (Eksodusi 4:28-31) Ngakho-ke, kwakunobufakazi obuqand’ikhanda bokuthi isandla sikaNkulunkulu sasiwaqondisa ama-Israyeli.

Endaweni yesibili ayekanise kuyo, e-Etamu, “eceleni kwehlane,” uJehova wayala uMose ukuba baphindele emuva bayokanisa ngasogwini loLwandle Olubomvu, ePhi-Hahiroti. (Eksodusi 13:20) Lokhu kuhamba okwakubonakala kuwukudideka kwashukumisela uFaro ukuba aphethe ngokuthi ama-Israyeli ‘ayedidekile ezweni.’ Ngesibindi, uFaro washintsha umqondo. Manje ezimisele ukuphinde agqilaze ama-Israyeli, wabutha ibutho lakhe wawasukela.—Eksodusi 14:1-9.

Ngokuhambisa isizwe ngendlela ehlukile, ngokusobala ethafeni eliya oLwandle Olubomvu, kwabonakala sengathi uMose wayevalela ama-Israyeli phakathi kwezintaba eziphahle ikamu lasePhi-Hahiroti, uLwandle Olubomvu, namabutho kaFaro ayeshoshela. Kwabonakala sengathi ama-Israyeli ayeseyizisulu zokuhlulwa kalula noma zokuqothulwa.

Kwaba namuphi umphumela lokhu kuwo? Ingabe ayeyobonakalisa ukuthembela esiqondisweni sikaJehova? Lesi simo kwabonakala siqeda ithemba. Ngakho-ke, amanye aqala ukushaywa uvalo. Futhi amanye aqala ukububula kuMose. Amanye ayesekulungele ngisho nokuhoxa abuyele ebugqilini baseGibithe!—Eksodusi 14:10-12.

Bambelela Uqinise Esandleni SikaNkulunkulu!

Kulesi simo ama-Israyeli kwakudingeka abonise ukuthembela okunjengokomntwana kuMninimandla onke. Nakuba sonke isizwe sasingazi, uJehova wayenesizathu esihle sokuyala uMose ukuba banqamule uLwandle Olubomvu ePhi-Hahiroti. Ngokwenza ama-Israyeli aye eZweni Lesithembiso enqamula ngaseningizimu yezwe lamaFilisti, uJehova wabonisa ukuqonda kothando. Ngemva kweminyaka engu-215 eseGibithe, akungabazeki ukuthi ama-Israyeli ayengakulungele ukulwa nesizwe esinamabutho anamandla. Ngakho-ke, uJehova wakhetha indlela eyayingeke iwafake empini enjalo.a—Eksodusi 13:17, 18.

Ukukhululwa kwesizwe nokunqotshwa kukaFaro nebutho lakhe oLwandle Olubomvu kuwubufakazi obumangalisayo bamandla kaNkulunkulu okusindisa. Ngaphezu kwalokho, yeka ukuthi ayebonga kangakanani ama-Israyeli, okwathi nakuba ayengasiqondi isizathu sokuba uNkulunkulu awahambise ngendlela ethile, awangasishiya isandla sakhe! Abambelela aqinisa futhi abona ukuvuleka okuyisimangaliso koLwandle Olubomvu kanye nokuqothulwa kwezitha zawo. Ukuthembela kwawo esiqondisweni sikaJehova kwavuzwa.—Eksodusi 14:19-31.

Ake siphinde sicabangele isibonelo somntwana obambelele esandleni somzali. Lapho umntwana esaba, usabela kanjani? Kunokuba adedele noma axegise isandlana sakhe, umntwana ubambelela ngokuqinile esandleni somzali wakhe. Ngokwenza kanjalo, ubonisa ukwethemba ngokungantengi ukuthi umzali uzonikeza isiqondiso esingenaphutha namandla phakathi nobunzima.

Ngokufanayo, lapho sicindezeleka ekuphileni kwethu, kudingeka sibambelele ngokuqinile, sithembele ngisho nakakhulu esiqondisweni sikaNkulunkulu! IZwi lakhe, iBhayibheli, lingaba isibani esisiqondisayo. (IHubo 119:105) Futhi, masikhumbule ukuthi ukuthembela kuhambisana nokubekezela. Ngakho-ke, kumelwe sinikeze uJehova isikhathi sokuba axazulule izinto, ngisho noma okwesikhathi esithile singase singaqondi ngokugcwele ukuthi kungani esiqondisa ngendlela ethile. Yebo, singathembela esiqondisweni sikaNkulunkulu.—Eksodusi 15:2, 6; Duteronomi 13:4; Isaya 41:13.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngelithi Pihahiroth, bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, amakhasi 638-9, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela