Ukuze Ngikhulumisane Nomntanami, Ngafunda Olunye Ulimi
UKUZALWA kwendodana yethu, uSpencer, ngo-August 1982 kwakungesinye sezikhathi ezijabulisa kakhulu ekuphileni kwethu. Yayiwusana oluphile njengosheleni! Mina nomyeni wami sasihlele ukuba silinde iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba sithole umntwana wethu wokuqala. Njengoba kwakudlula izinyanga ngemva kokuzalwa kwakhe, saba nenjabulo enkulu lapho simbona ekhula! Umbiko wokuhlola kukadokotela kwanyanga zonke wawumuhle njalo. Ngangibonga uJehova ngesibusiso esihle kangaka.
Nokho, lapho uSpencer esenezinyanga ezingu-9 ubudala, ngaqala ukusola sengathi kukhona okwakungahambi kahle. Wayengasabeli emazwini noma emisindweni ethile. Ukuze ngihlole ikhono lakhe lokuzwa, ngangizifihla bese ngishaya amapani noma ezinye izinto. Ngezinye izikhathi wayephenduka, kodwa kwakuguquguquka. Ekuhlolweni kwakhe lapho esenezinyanga ezingu-9, ngaxoxa nodokotela ngokukhathazeka kwami, kodwa wangiqinisekisa ngokuthi indodana yami yayiphilile nokuthi kwakungenasidingo sokukhathazeka. Noma kunjalo, njengoba kwakudlula izinyanga, wayengasabeli futhi engakhulumi.
Waphinde wahlolwa lapho esenonyaka ubudala, ngaphinde ngatshela udokotela ngokukhathazeka kwami. Nangaleso sikhathi futhi, akatholanga lutho olungalungile, kodwa wasithumela esazini sokusebenza kwezindlebe. Ngamyisa lapho uSpencer ukuze ayohlolwa, kodwa imiphumela yayiguquguquka. Ngaphindela okwesibili nokwesithathu, kodwa ngatshelwa ukuthi imiphumela yayisaguquguquka. Udokotela waba nomuzwa wokuthi njengoba uSpencer ayekhula, imiphumela yokuhlola yayizoba ngcono. Iminyaka emithathu yokuqala ekuphileni komntwana ibalulekile ekufundeni ukukhuluma. Ngase ngiqala ukukhathazeka kakhulu. Ngaqhubeka ngibuza lesi sazi sokusebenza kwezindlebe ngokuhlola okwakungaveza imiphumela eqinisekile. Ekugcineni, sangitshela ngokuhlola kwe-auditory brain stem okutholakala eMassachusetts Eye and Ear Infirmary.
Ngakhungatheka
Ngesonto elilandelayo saya esibhedlela saseBoston. Ngathandaza kuJehova ukuba anginike amandla okubhekana nemiphumela, kungakhathaliseki ukuthi injani. Enhliziyweni yami nganginomuzwa wokuthi uSpencer wayenenkinga yokuzwa nokuthi kwakuzodingeka insiza-kuzwa nje kuphela. Yeka indlela enganginephutha ngayo! Ngemva kokuhlola, uchwepheshe wasibizela ehhovisi lakhe. Imiphumela yayiqinisekile: USpencer wayenenkinga engathi sína yokulimala kwezinzwa zokuzwa. Lapho ngibuza ukuthi kwakusho ukuthini ngempela lokho, lochwepheshe wachaza ukuthi indodana yami yayingakwazi ukuzwa inkulumo neminye imisindo eminingi. Ngangingalindele ukuzwa lokhu; ngakhungatheka.
Ngokushesha, ngazibuza, ‘Kwakungenzeka kanjani lokhu? Kwakungabangelwa yini?’ Ngacabanga ngesikhathi ngikhulelwe nalapho ngibeletha. Konke kwakuhambe kahle. USpencer wayengazange abe nesifo sezindlebe noma umkhuhlane omubi. Ngakhungatheka ngokomzwelo! Ngangizokwenzenjani? Ngashayela umkhaya wakithi nabangane abambalwa ucingo ngabatshela ngemiphumela yokuhlola. Omunye umngane onguFakazi wangikhuthaza ukuba ngibheke lokhu njengenselele; kwakuzodingeka ngifundise uSpencer ngendlela ehlukile. Ngambonga uJehova ngalamandla engangiwadinga.
Yini Eyayizolungela USpencer?
Ngangingazi lutho ngokukhulisa umntwana oyisithulu noma ukuthi kwakusho ukuthini ukuba yiso. Ngangizoyikhulisa kanjani indodana yami futhi ngikhulumisane nayo ngokugcwele? Ngaba nemicabango eminingi nokukhathazeka okukhulu.
Ngesonto elilandelayo saphindela esibhedlela, futhi uchwepheshe wasitshela ngezinto esasingakhetha kuzo. Wachaza ukuthi enye inqubo, yokufundisa ukukhuluma, yayigxila ekuthuthukiseni ikhono lokukhuluma namakhono okufunda izindebe. Enye inqubo kwakuwukusebenzisa indlela yokukhuluma ngezandla, okuwulimi lwabantu abayizithulu. Kwakunohlelo olwalunganikeza isifundo sokukhuluma ngezandla futhi kamuva olwaluzohlanganisa nokufunda izindebe namakhono okukhuluma. Lochwepheshe watusa nokusebenzisa izinsiza-kuzwa ukuze kuthuthukiswe ikhono elincane lokuzwa indodana yami eyayinalo. Khona-ke savakashela isazi sokusebenza kwezindlebe sendawo, esafakela uSpencer izinsiza-kuzwa. Ngesikhathi silapho, lesi sazi sasikisela ukuthi uSpencer wayezoba umfundi omuhle kakhulu wenqubo yokukhuluma.
Yini eyayizolungela uSpencer? Ngacabanga ngalokho okwakubaluleke ngempela. UJehova ufuna ukuba sikhulumisane nabantwana bethu; lokhu kubalulekile uma sifuna ukuba nokuphila komkhaya okuphumelelayo. Sasingayithatha inqubo efundisa ukukhuluma futhi sigxile ekuthuthukiseni ikhono lokukhuluma namakhono okufunda izindebe. Kwakungenzeka ukuthi uSpencer athuthukise amakhono akhe okukhuluma kuze kube seqophelweni lapho abanye babengamqonda khona. Kodwa lokho kwakuzothatha iminyaka eminingi! Sasizokwenzenjani? Sanquma ukusebenzisa indlela yokukhuluma ngezandla.
Ngenyanga eyalandela uSpencer wabhaliswa kulokho ngaleso sikhathi okwakubizwa ngokuthi uhlelo lokukhulumisana oluphelele. Mina noSpencer sasifunda ukukhuluma ngezandla okuyisisekelo, futhi uSpencer wafundiswa nokukhuluma isiNgisi kanye nokufunda izindebe. Ngaboniswa indlela engangingayifundisa ngayo indodana yami. Kwadlula izinyanga, futhi uSpencer wayethuthuka kahle kakhulu. Nokho, kwakusenezikhathi lapho ngangizizwa ngikhungathekile. Ngangidumala lapho ngizwa abanye abantwana bethi “Mama” noma befunda ukuthi “Jehova.” Kodwa-ke ngangizibuza, ‘Kungani ngizizwa ngalendlela? Indodana yami ijabulile futhi iphilile.’ Ngathandaza kuJehova ukuba angisize ngilazise ilungelo lokuba nomntwana omuhle kangaka.
Lapho uSpencer eseneminyaka emibili ubudala, senza amalungiselelo okuya emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova lapho isimiso sasizohunyushwa khona nge-American Sign Language (ASL). Ngaxoxa ngokudumala kwami nombhangqwana othile owawusuneminyaka eminingi usebenza noFakazi abayizithulu. Wangitshela ngemihlangano yoFakazi BakaJehova ye-ASL yanyanga zonke eyayiqhutshwa eMassachusetts futhi wangikhuthaza ukuba ngiye khona.
Ngalalela iseluleko sawo, futhi mina noSpencer saqala ukuya khona. Lapho, saba nethuba lokuhlangana futhi sibe nobudlelwane nabantu abadala abayizithulu. Ebandleni lethu lesiNgisi, uSpencer wayengazuzi emihlanganweni. Wayehlala eduze kwami, njengoba ngangiwukuphela komuntu ayengakhulumisana naye. Ukukhungatheka kwakhe phakathi nalemihlangano kwaqhubeka njengoba ayekhula, futhi ukuziphatha kwakhe konakala. Nokho, lapho siya emihlanganweni eyayiqhutshwa ngolimi lwezandla, kwakungabi njalo. Wayekwazi ukujwayelana ngokukhululekile nabo bonke abantu ngaphandle kokusizwa unina njengomhumushi. Wakha ubuhlobo ayebudinga ngempela nabantu ebandleni. Sobabili sathuthuka ekusebenziseni ulimi lwezandla, futhi ngafunda indlela yokuba uthisha ongcono esifundweni sethu seBhayibheli somkhaya. Yeka indlela okwakukuhle ngayo! Manje, ngokokuqala ngqá, ngangiya nendodana yami emihlanganweni futhi ngibe nje UNINA kunokuba umhumushi wayo!
Isikhathi Soshintsho Olukhulu Kimi
Ngemvume yomyeni wami, lapho uSpencer eseneminyaka emithathu ubudala, ngambhalisa ohlelweni lwezingane eziyizithulu nezingezwa kahle, esikoleni esithile somphakathi. Kwakunemihlangano yamaqembu yokufundisa abazali, futhi ngasebenzisa leli thuba ukuze ngifunde okwengeziwe. Komunye umhlangano ithimba labantu abadala nentsha abayizithulu laxoxa naleli qembu. Ababekuleli thimba bachaza ukuthi babengaxoxi kakhulu noma babengaxoxi nhlobo nabazali babo noma imikhaya yakubo. Lapho ngibabuza isizathu, bachaza ukuthi abazali babo babengazange bafunde ukukhuluma ngezandla, ngakho babengakwazi ukukhulumisana nabazali babo ngokugcwele ngokuphila, imizwa yabo, noma izithakazelo zabo. Kubonakala sengathi babengazizwa beyingxenye yemikhaya yakubo.
Lesi kwakuyisikhathi soshintsho olukhulu kimi. Ngacabanga ngendodana yami. Kwakunzima ukucabanga ngayo ikhula futhi ihamba ekhaya ingenabo nhlobo ubuhlobo nabazali bayo. Ngazimisela kakhulu kunanini ngaphambili ukuthuthukisa amakhono ami okukhuluma ngezandla. Njengoba isikhathi sasiqhubeka, ngaqaphela ngokwandayo ukuthi isinqumo sokusebenzisa ulimi lwezandla sasisilungele. Ukukhuluma kukaSpencer ngaleyo ndlela kwakuqhubeka kuthuthuka, futhi sasixoxa nganoma yini, njengokuthi, “Sifuna ukuyolichitha kuphi iholide?” noma “Ufuna ukuba yini lapho ukhula?” Ngaqaphela ukuthi ngangiyophuthelwa kakhulu kangakanani ukube ngazama ukuncika enkulumweni ukuze sikhulumisane.
Lapho eseneminyaka emihlanu ubudala, uSpencer wafakwa ekilasini elivamile lezingane ezizwayo elinothisha owayekwazi ukukhuluma ngezandla. Waqhubeka kulolu hlelo iminyaka emithathu. Wayesizonda isikole, futhi kwakungemnandi ukumbona ebhekana nobunzima obukhulu kangaka. Ngokujabulisayo, ngangikwazi ukukhulumisana naye njengoba sasizama izindlela ezihlukene zokubhekana nokukhungatheka kwakhe. Nokho, ekugcineni ngaphetha ngokuthi lolu hlelo esikoleni somphakathi lwalungakuthuthukisi ukuzihlonipha kwakhe noma ukufunda kwakhe.
Ngo-1989 umshado wami wachitheka. Manje ngase ngingumzali ongayedwa onendodana eneminyaka eyisithupha enekhono lokukhuluma ngezandla elalithuthuka ngokushesha. Nakuba ngangikwazi ukukhuluma nayo, ngangazi ukuthi kwakudingeka ngithuthukise amakhono ami e-ASL ukuze ngilondoloze futhi ngiqinise ukukhulumisana phakathi kwethu.
Isikhathi Sokuthutha
Ngahlola izinhlelo eziningi zezingane eziyizithulu ezifundazweni eziningana futhi ngathola isikole esithile eMassachusetts lapho kwakusetshenziswa khona i-ASL nesiNgisi enqubweni ebhekwa njengezilimi ezimbili. Ngaphezu kwalokho, ngatshelwa ukuthi ngokushesha kwakuzoba nebandla loFakazi BakaJehova le-ASL endaweni yaseBoston, futhi umngane wami othile wasikisela ukuba sithuthele khona. Njengomzali ongayedwa, kwakunzima ukwamukela umcabango wokuthutha sishiye ikhaya lethu nomkhaya wakithi nabangane emaphandleni aseNew Hampshire siye endaweni yasedolobheni. NoSpencer wayekujabulela ukuhlala emaphandleni. Nokho, kwakunezinto ezimbili okwakufanele ngizicabangele. USpencer wayedinga ukuba sesikoleni lapho othisha nabafundi babekhulumisana ngokukhululekile ngezandla, futhi nganginomuzwa wokuthi kwakuzoba ngcono ukuba sebandleni nabanye oFakazi abayizithulu.
Sathutha eminyakeni emine edlule, lapho uSpencer eneminyaka engu-9 ubudala. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwamiswa iBandla Labakhuluma Ngezandla eMalden, eMassachusetts, futhi kusukela ngaleso sikhathi, uSpencer uye wathuthuka ngendlela emangalisayo. Ukuziphatha kwakhe kuye kwathuthuka kakhulu, futhi uyakujabulela ukuba semihlanganweni. Ngijabula kakhulu lapho ngimbona ekhuluma nabanye futhi akha ubuhlobo nabo. Abafowethu nodadewethu abayizithulu ebandleni bayizibonelo ezinhle endodaneni yami, bayisiza ukuba iqaphele ukuthi nayo ingafinyelela imigomo engokomoya. Futhi lokhu iye yakwenza. Manje inikeza izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi ikhonza njengommezeli ongabhapathiziwe. Iye yaveza isifiso sokubhapathizwa.
Yeka injabulo enginayo enkonzweni, lapho ngiyibuka ichazela ezinye izithulu ngokholo lwayo, ikhuluma ngezandla! Ukuzihlonipha kwayo kuye kwakhula ngokumangalisayo. USpencer uye wangitshela indlela azizwa ngayo ngebandla. Wathi: “Singabalapha. Abafowethu nodadewethu bangaxoxa nami.” Indodana yami ayisangiceli ukuba sihambe ngokushesha ngemva kwemihlangano. Kunalokho yimina engiyikhumbuzayo ukuthi sekuyisikhathi sokuhamba eHholo LoMbuso!
Esikoleni afunda kuso manje, uSpencer angakhuluma ngokukhululekile nezinye izingane eziyizithulu. Ukuxoxa kwakhe nazo kuye kwamsiza wabona umehluko phakathi kombono wezwe ngezingane nombono kaJehova ngazo. Mina noSpencer sikhulumisana ngokukhululekile futhi sinobuhlobo obuseduze, ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Lapho efika ekhaya ntambama, senza umsebenzi wakhe wesikole ndawonye. Siya emihlanganweni yethu nasenkonzweni yendlu ngendlu ndawonye. Nokho, uSpencer uyabona ukuthi akuzona zonke izingane esikoleni afunda kuso ezinalobu buhlobo obuseduze nabazali bazo.—Kolose 3:20, 21.
“Singaxoxa Nganoma Yini”
Esikhathini esingangonyaka esidlule, ngabona uSpencer engigqolozele njengokungathi wayefuna ukungitshela okuthile. Ngambuza ukuthi kukhona yini ayekudinga. Waphendula: “Cha.” Ngambuza imibuzo embalwa ngokuthi izinto zihamba kanjani esikoleni nokunye. Ngangibona ukuthi kukhona ayefuna ukungitshela khona. Khona-ke, phakathi nesifundo sethu somkhaya se-Nqabayokulinda, wathi, “Ubuwazi ukuthi abanye abazali babafundi esikoleni sethu abakwazi ukukhuluma ngezandla?” Ngambuka ngimangele. Wathi: “Ngiqinisile. Kunabazali abangakwazi ukukhuluma nezingane zabo.” Wachaza ukuthi abanye abazali babevakashele esikoleni futhi wayebabone bekhomba futhi belingisa lokho ababefuna ukukusho, bezama ukukhulumisana nezingane zabo. “Nginenhlanhla ngokuthi wafunda ukukhuluma ngezandla. Siyakhulumisana. Awumane nje ukhombe; singaxoxa nganoma yini.”
Yeka indlela lokhu okwangithinta inhliziyo ngayo! Abaningi bethu abayazisi imizamo yabazali bethu kuze kube yilapho sesikhulile. Kodwa indodana yami, eneminyaka engu-12 ubudala, yayingitshela indlela ebonga ngayo ngokuthi singajabulela ukukhulumisana okunenjongo.
Omunye wemigomo yami njengomama kwakuwukuba nobuhlobo obuhle nendodana yami futhi ngisondelane nayo. Mhlawumbe lokhu bekungeke kwenzeke ukube ngangingafundanga ukukhuluma ngezandla. Ukuzinikezela kwami kuJehova kwangishukumisela ukuba ngiyicabangele ngokungathi sína imithwalo yami yemfanelo njengomzali; lokhu kwenza ukuba zibe lula izinqumo ezibalulekile ngokuphathelene nokukhulumisana. Sobabili siye sazuza ngokomoya ngenxa yalezi zinqumo. Yeka indlela abaluleke ngayo amazwi kaDuteronomi 6:7, lapho abazali beyalwa khona ukuba badlulisele imiyalo kaJehova ezinganeni zabo ‘lapho behlezi endlini yabo, nalapho behamba endleleni, nalapho belala, nalapho bevuka.’ Ngiyabonga ngempela ngokuthi mina noSpencer singakhulumisana ngokukhululekile “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” (IzEnzo 2:11)—Njengoba ilandiswa uCindy Adams.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
‘Kwakunzima ukucabanga ngayo ikhula ingenabo nhlobo ubuhlobo nabazali bayo’