Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 8/22 k. 32
  • I-Phaphama! Yasiza Ekusindiseni Ukuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-Phaphama! Yasiza Ekusindiseni Ukuphila
  • I-Phaphama!—1996
I-Phaphama!—1996
g96 8/22 k. 32

I-Phaphama! Yasiza Ekusindiseni Ukuphila

Ngesikhathi omunye woFakazi BakaJehova e-Ecuador elindele umakhenikha ukuba aqede ukukhanda imoto yakhe, umkamakhenikha watshela uFakazi ukuthi wayekhathazekile ngendodana yakhe esencane, uByron. Yayihlushwa ukudlikiza komzimba izikhathi ezinhlanu noma eziyisithupha ngesonto, futhi odokotela abakwazanga ukuthola inkinga. UByron wayeze wayiswa ngisho nakodokotela abakhethekile eQuito, inhloko-dolobha.

“Ngesikhathi exoxa nonina,” uFakazi wachaza, “ngibone othile ependa imoto, ngase ngikhumbula isihloko se-Phaphama! esikhuluma ngoshevu womthofu. Lesi sihloko saphawula ukuthi olunye lwezimpawu zikashevu womthofu kwakuwukudlikiza komzimba. Ngamtshela lona wesifazane ukuthi ngizomlethela lesi sihloko.”

Lapho abazali bakaByron sebefunde lesi sihloko, benza ukuba indodana yabo iyoxilongelwa ushevu womthofu. Kwatholakala isilinganiso esiphakeme somthofu egazini likaByron. Usizo lwezokwelapha kanye nokugwema ukuthintana nomthofu okuqhubekayo kwaphumela entuthukweni ephawulekayo empilweni kaByron. “Ezinyangeni ezine ezidlule akazange abe nokudlikiza komzimba,” kusho uFakazi. “Kusukela lapho, uyise uye wakhuluma nodokotela abaningi ngalokhu, futhi ngaso sonke isikhathi ubonga i-Phaphama! ngokusindisa ukuphila kwendodana yakhe. Manje ngisho nabanye balabodokotela bafunda i-Phaphama!”

Siyaqiniseka ukuthi nawe futhi uyozuza ngokufunda i-Phaphama! Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela ongathola ngayo ikhophi noma ukuba othile akuvakashele ekhaya azoxoxa nawe ngeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela