Izincwadi ZeBhayibheli Ziyajatshulelwa EHungary
Uthisha eBalmazújváros wabhalela ihhovisi legatsha le-Watch Tower eHungary wathi: “Ngiboné incwadi edonse ukunakekela kwami. Uma kungenzeka, ngicela ningithumelele ikhophi yayo. Isihloko sayo sithi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.” Ngemva kokufunda lencwadi, uthisha-nhloko wesikole eBudapest wenza isicelo: “Singathanda uku-oda amakhophi angu-20 encwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli eSikole Sabaqalayo No. 6.”
Umuntu waseBalatonboglár owayefunde incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo wabhala: “Lencwadi yashukumisa umcabango, futhi izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini ezinikezwe kuyo zinembile. Lencwadi ingisize kakhulu, futhi ngithole izimpendulo zemibuzo ebenginayo. Ngingathanda ukuqinisa ukholo lwami ngokwengeziwe. Ngakho-ke, uma kungenzeka, ngicela ningithumelele izincwadi ezikhuluma ngeBhayibheli.”
OFakazi BakaJehova bayakujabula ukunikeza usizo kulabo abafisa ukukhula olwazini lweBhayibheli. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo ikhophi yanoma iyiphi yalezi zincwadi okukhulunywe ngazo ngenhla noma ungathanda ukuba othile eze ekhaya lakho ukuze axoxe nawe ngeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.