Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izikole Zisenkingeni Ngangime esitobhini sebhasi lapho othile enginikeza umagazini othi “Izikole Zisenkingeni.” (December 22, 1995) Uye waba inzuzo ngaphezu kwencwadi ethile engisanda kuyifunda ekhuluma ngalesi sihloko kuphela. Ngiyobonga kakhulu uma kungathunyelwa isikhokhelo se-Phaphama! ekhaya.
V. C., United States
Ingxenye ekhuluma ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini yangikhumbuza ngesikhathi ngisafunda esikoleni. Kwakumelwe nginikeze inkulumo yombiko kodwa ngangingasazi kahle isiNgisi ngaleso sikhathi. Lapho ngiqeda ukuyinikeza, uthisha wami wathi wayehlabeke umxhwele ngempela futhi wathi kwakuyimi kuphela owayemi kahle futhi ebheka izilaleli. Ngakwazi ukwenza lokhu ngenxa yokuqeqeshwa okuhle esikuthola eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini eHholo LoMbuso.
G. A., United States
Angiqaphelanga ukuthi lezi zihloko zaziyovusa umzwelo onamandla kangaka kimi. Lapho ngisafunda esikoleni, abazali bami babexinwe kakhulu izinkinga zabo siqu bengakwazi ukungisekela. Ngenxa yalokho, ngangiba nesizungu kakhulu lapho ngisesikoleni. Ngenxa yezihloko ezinjengalezi, ngiyaqaphela ukuthi uJehova uyayithanda intsha futhi akafuni ukuba izizwe inesizungu kulelizwe.
M. M., United States
IMali Isihloko esithi “Elokuqala Ngqá EMali” (December 22, 1995) sasisihle kakhulu. Ngiye ngasifunda izikhathi ezintathu. Yeka indlela engifisa ngayo ukuba izimo zami zingivumele ngibe isithunywa sevangeli! Futhi lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi kunabantu abaningi abanganethezekile njengathi kodwa abajabulayo. Yeka isikhumbuzo esifike ngesikhathi!
D. L., United States
Amadwala Andizayo Ezinsukwini ezimbalwa nje ezidlule ngangizibuza ukuthi uyini umehluko phakathi kwenkanyezi etshuzayo ne-meteorite. Cabanga ukuthi ngamangala kanjani lapho ngifunda isihloko esithi “Amadwala Andizayo” (December 8, 1995), esasichaza lona kanye leli phuzu. Siyabonga ngokunyathelisa izihloko ezisijwayelanisa nendalo kaJehova.
R. P., Switzerland
Ukufunda Ku-Andrew Ngisanda kufunda isihloko esikhuluma ngensizwa ene-Down’s syndrome, esithi “Esakufunda Ku-Andrew.” (December 8, 1995) Nathi sinomntwana okhubazekile engqondweni, futhi okuningi okushiwo abazali baka-Andrew kubonisa indlela nathi esizizwa ngayo. Ngokuvamile kunzima kubafowethu abangamaKristu ukuqonda ubunzima obukhethekile obubangelwa ukuba nomntwana okhubazekile ngokwengqondo nokucindezeleka okungokomzwelo okuba semkhayeni. Ngakho siyabonga ngalesi sihloko.
J. B., England
Ngicabanga ukuthi lesi kwakungesinye sezihloko ezinhle kakhulu futhi ezidinga ukucophelela kwenake nazinyathelisa. Emakhasini amathathu kuphela, nadingida indlela okufanele sibabheke ngayo labo abanokuphazamiseka. Sanikeza isifundo esijulile ngokuhlalisana kwabantu.
M. L., Spain
Ekuqaleni kwalonyaka umkami wabeletha umfana one-Down’s syndrome. Njengabazali baka-Andrew, sabhekana nalokho abazali abaningi abaye bakuzwa lapho bethola ukuthi umntwana wabo ukhubazekile—ubuhlungu nokudabuka kanye nemibuzo ngesikhathi samanje nesizayo. Ngokombono wethu, siye sakwazi ukwamukela ukukhubazeka komntwana wethu. Ngokushesha uzoba nezinyanga eziyisithupha ubudala, futhi uthuthuka kahle. Ngemva kosuku azalwa ngalo, umkami wakhexa umlomo lapho evakashelwa abafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu. Sakuzwa ngempela lokho okushiwo ukuba nomkhaya ongokomoya. Futhi ngaphandle kothando lwabafowethu nodadewethu, ukhona uJehova. Siyabonga ngalesi sihloko.
G. C., France