Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ingcweti Ephambili Ngiyabonga ngesihloko esiwuchungechunge esithi “Ukufuna Ingcweti Ephambili.” (November 8, 1995) Njengoba nami ngiyingcweti, ngazazisa kakhulu lezi zihloko. Izinhlobo eziningi zendalo kaNkulunkulu, ubuciko obusankondlo bamaHubo, nezinye izindima zeBhayibheli ezinamazwi abekwe kahle konke kubonisa ukuthi uJehova akadali nje ngobuciko kodwa ubuye abujabulele!
B. R., United States
Njengoba ngiye ngahileleka emsebenzini wobuciko iminyaka engaphezu kwengu-30, ngithanda ukutusa bonke ababe nengxenye ekulungiseleleni lesi sihloko esihle kangaka! Kwakungamakhasi angu-9 obuhlakani obuhle kakhulu nokucabanga ngoNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova, namakhono akhe okudala amakhulu kakhulu.
P. M., United States
AmaMormon Ngifunde isihloko esithi “ISonto LikaMormon—Ukubuyiselwa Kwazo Zonke Izinto?” ngokulangazela. (November 8, 1995) Ngakhuliswa emkhayeni wamaMormon, ngabhapathizwa futhi ngamiswa esikhundleni sobupristi njengomMormon ngaphambi kokuba ngibe omunye woFakazi BakaJehova. Nokho, kunenkulumo edonse ukunakekela kwami. Nithi ‘incazelo yamaMormon yesono sombhangqwana wokuqala oshadile yayihilela ukuba nobuhlobo bobulili nokuzala abantwana.’ Ngokukhumbula kwami, sasifundiswa ukuthi u-Adamu no-Eva bona ngokudla isithelo esingokoqobo.
D. A., United States
Siyaxolisa uma lenkulumo ibangele ukudideka okuthile. Besingasho ukuthi amaMormon akholelwa ukuthi isono ngokwaso sasiwubuhlobo bobulili, nakuba ungase uthole lowo mqondo ekulandiseni kwethi “The Book of Mormon.” (2 Nephi 2:22, 23, 25) Kunalokho, sithe isono “sasihilela” ubulili. Kanjani? Ngenxa yokuthi, ngokwemfundiso yamaMormon, sacaba indlela yokuba abantu bazale. Ngokwencwadi ethi “Mormon Doctrine,” kaBruce R. McConkie, ngaphambi kokuba one, u-Adamu “wayengenakuba nabantwana. . . . Ngokwenjongo emiswe kusengaphambili, u-Adamu kwakumelwe one . . . Njengoba engofayo manje wayengaba nabantwana.” Ngokuphambene, iBhayibheli alifundisi ukuthi u-Adamu kwakudingeka one ukuze azale. (Genesise 1:28) Futhi alisho ukuthi ukona kwabo kwakungenxa yenjongo kaNkulunkulu emiswe kusengaphambili. Kunalokho, lithi kwakungenxa yesifiso sabo sokuzibusa. (UmShumayeli 7:29) Ngakho-ke nakuba siwahlonipha amalungelo amaMormon okukholelwa kulokho akuthandayo, lokhu kubonisa ukuthi izimfundiso zethi “The Book of Mormon” zimane nje azivumelani neBhayibheli.—ED.
Njengomuntu ongakaze azi ngempela ukuthi angakhuluma ngani namaMormon, ngingasho manje ukuthi sengiyazi ngempela ngawo, ngosizo lwalezi zihloko. AmaMormon angasho kanjani ukuthi akholelwa ukuthi kokubili iBhayibheli nethi The Book of Mormon zivela kuNkulunkulu kodwa angaboni ukuthi ziyaphikisana?
J. M., United States
Izithombe Zobulili Ezingcolile Zama-computer Ngithanda ukunibonga ngesihlokwana esithi “Izithombe Zobulili Ezingcolile Zama-computer Ziyatholakala Ezinganeni” esikwesithi “Ukubuka Okwezwe.” (November 8, 1995) Ngasifunda lesi sihlokwana, futhi inhliziyo yami yacishe yama! Kwabonisa ngempela ukuthi ziyingozi kangakanani lezi zinhlelo nendlela ezingafinyelelwa ngayo izingane. Lesi sihloko sizosiza amaKristu ukuba ahlole izici ezinhle nezimbi ezihlobene nalobu buchwepheshe bama-computer.
D. P., United States
Ukugula Okubangelwa Ukudla Ngasijabulela isihloko senu esithi “Zivikele Ekuguleni Okubangelwa Ukudla.” (November 22, 1995) Umsebenzi wami ukupheka, futhi ngingathanda ukunezela iphuzu elithile. Uma uthanda ukudla inyama engavuthiwe kahle, lokhu kungase kungenzeki lapho kunokukhathalela ukugwema ukugula okubangelwa ukudla. Yiqiniso, ukupheka inyama emazingeni okushisa aphakeme cishe kuyenza yome futhi kungase kwenze kube nzima kakhudlwana ukuba igayeke. Indlela enhle yokuyipheka kahle inyama futhi ingomi ukuyenza isitshulu noma uyithose ngebhodwe elivalekayo.
J. P. K., United States
Siyabonga ngaleli cebiso lokupheka.—ED.