Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ukusiza Ingane Yakho Ukuba Ibhekane Nazo
UKUZAMAZAMA KOMHLABA, izivunguvungu, imililo, izikhukhula, iziphepho—yeka ukuthi siphela amandla kanjani lapho sibhekene nesibhengubhengu semvelo! Abantu abadala ngokuvamile bathola ukuthi kungathatha iminyaka ngaphambi kokuba imifanekiso ethusayo esengqondweni ebangelwe ukubhekana nenhlekelele engokwemvelo iqale ukushabalala. Akumangalisi ukuthi izingane zingase zidinge usizo olwengeziwe ukuze zilulame kokuhlangenwe nakho okunjalo.
I-U.S. Federal Emergency Management Agency (FEMA) iphawula ukuthi ngokushesha ngemva kwenhlekelele, izingane ngokuvamile zesaba ukuthi (1) zizoshiywa zodwa, (2) zizohlukaniswa nomkhaya, (3) isenzakalo sizophinde senzeke, futhi (4) kuzolimala noma kufe othile. Yini wena njengomzali ongayenza ukuze unciphise ukukhathazeka kwengane yakho ngemva kwenhlekelele? I-FEMA inikeza lokhu kusikisela.a
Zama ukugcina umkhaya undawonye. Ukuhlala ndawonye kunikeza isiqinisekiso enganeni yakho futhi kunciphise ukwesaba kwayo kokuthi izoshiywa. Kungcono ukungazishiyi izingane nezihlobo noma nabangane noma ezikhungweni zokukhosela ngesikhathi ufuna usizo. “Izingane ziyakhathazeka,” kuphawula i-FEMA, “futhi ziyokhathazwa ukuthi abazali ngeke babuye.” Uma kudingeka uye endaweni ethile, hamba nengane yakho uma kungenzeka. Ngaleyo ndlela ‘cishe akunakwenzeka ukuba ingane yakho ibe nomkhuba wokukunkonkoshela.’
Ziphe isikhathi sokuchaza isimo ngokuzola nangokuqinile. Tshela ingane yakho lokho okwaziyo ngenhlekelele. Uma kudingeka, phinda incazelo yakho izikhathi eziningana. Yisho kafushane lokho okuzokwenzeka ngemva kwalokho. Ngokwesibonelo, ungase uthi, ‘Namuhla ebusuku sonke sizohlala ndawonye endaweni yokukhosela.’ Khuluma nezingane uzenze ulingane nazo, uguqe phansi uma kudingeka.
Khuthaza ingane yakho ukuba ikhulume. “Ukuxoxisana kusiza kakhulu ekunciphiseni ukukhathazeka kwengane,” kusho i-FEMA. Lalela lokho ingane ngayinye ekutshela khona ngenhlekelele nokwesaba kwayo. (Qhathanisa noJakobe 1:19.) Yitshele ukuthi kungokwemvelo ukwethuka. Uma ingane yakho ibonakala inqikaza ukukhuluma, yazise ukuthi nawe uyesaba. Ukwenza kanjalo kungase kwenze kube lula ngayo ukuba izwakalise okwayo ukwesaba, ngaleyo ndlela kunciphise ukukhathazeka kwayo. (Qhathanisa nezAga 12:25.) “Uma kungenzeka, hlanganisa wonke umkhaya engxoxweni.”
Hlanganisa nezingane emisebenzini yokuhlanza. Lapho kuhlanzwa futhi kulungiswa indlu, zabele imisebenzana yazo izingane. “Ukuba nomsebenzi kuzozisiza ukuba ziqonde ukuthi zonke izinto zizolunga.” Nokho, ingane encane kakhulu ngokuvamile idinga ukunakekela okukhethekile. I-FEMA iyachaza: “Ingane enjalo ingase idinge ukunakekelwa okwengeziwe okungokomzimba, ukuyisingatha okwengeziwe; futhi lokhu kwenza kube nzima kakhudlwana ngabazali ukuba banakekele ezinye izinto okufanele zenziwe. Ngeshwa, ayikho indlela enqamulelayo. Uma izidingo zengane zinganakwa, inkinga iyoqhubeka isikhathi eside ngokwengeziwe.”
Kunephuzu elilodwa lokugcina okufanele likhunjulwe. I-FEMA yeluleka abazali: “Ekugcineni, kufanele unqume ukuthi yikuphi okungcono kakhulu ezinganeni zakho.” Ukusebenzisa lezi ziqondiso kungakusiza ukuba ubhekane kangcono kakhulu nesimo esinzima.
[Umbhalo waphansi]
a Kuthathwe encwadini ethi Helping Children Cope With Disaster nethi Coping With Children’s Reactions to Hurricanes and Other Disasters, ezinyatheliswe i-FEMA.