Ingabe Uyoba Khona?
Phakathi nonyaka odlule, abantu abangaphezu kuka-8700 000 emhlabeni wonke baba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo” WoFakazi BakaJehova. Ingabe uyoba khona komunye weMihlangano Yesigodi “Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu”? Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona.
Ezindaweni eziningi, umhlangano uyoqala ngoLwesihlanu ngo-9:30 ekuseni ngesimiso somculo. Isimiso sokuvula siyoba nenkulumo ekhuthazayo ethi “Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?” Lokhu kuyohlanganisa nokwaziswa esingakusebenzisa ekusizeni izigidi zabanye ukuba zenze lokho uNkulunkulu akufunayo.
Inkulumo yantambama ethi “Ukusiza Abanye Bazi Izimfuneko ZikaNkulunkulu” iyohlomisa abeze emhlanganweni ukuba bahlanganyele ngokuphumelelayo emsebenzini wokwenza abafundi. Ngemva kwalokho, uchungechunge lwezingxenye ezimbili oluthi “Qaphela Izingibe Ezifihlekile Zokuzijabulisa” luyoxwayisa ngezingibe zobudemoni okufanele sizigweme. Isimiso sangoLwesihlanu siyophetha ngenkulumo ebalulekile ethi “Ukusekela Ngokwethembeka Ubuqotho BeZwi LikaNkulunkulu.”
Isimiso sangoMgqibelo ekuseni siyogcizelela ukubaluleka komsebenzi wokwenza abafundi ngochungechunge lwezingxenye ezintathu oluthi “Izithunywa Eziletha Izindaba Ezinhle Zokuthula.” Inkulumo yokugcina esimisweni iyobe iphathelene nokuzinikezela nobhapathizo, bese kulandela ukubhapathizwa kwabafundi abasha.
Inkulumo yangoMgqibelo ntambama ethi “Cabangela Imicabango KaJehova Ngezindaba” iyophendula imibuzo abaningi abaye baba nayo ngezihloko zamuva. Uyolujabulela uchungechunge olushukumisayo lwezingxenye ezimbili oluthi “UNkulunkulu Wokuthula Uyakukhathalela.” Khona-ke kuyojatshulelwa okuthile okukhethekile enkulumweni ephetha isimiso ethi “Phishekela Ukuthula KukaNkulunkulu Ekuphileni Komkhaya.”
Uchungechunge lwangeSonto ekuseni olunezingxenye ezintathu oluthi “Ukubona Izithunywa Zeqiniso,” luyoqokomisa isihloko somhlangano ngokubhekisela ezibonelweni zabaprofethi baseBhayibhelini. Isimiso sasekuseni siyophetha ngedrama yasendulo eyogcizelela izifundo ezibalulekile emlandweni weBhayibheli kaMahlulel’uGideyoni.—AbAhluleli 6:11–8:28.
Isimiso sokuphetha umhlangano ngeSonto ntambama siyoba nenkulumo yeningi enesihloko esithi “Ukuthula Kweqiniso Ekugcineni!—Kuvela Kumuphi Umthombo?” Ekugcineni, inkulumo eshukumisayo ethi “Ukuqhubekela Phambili Njengezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” iyophetha umhlangano.
Njengoba kunemihlangano engu-30 ehlelelwe i-Afrika eseningizimu kuphela, cishe uyoba khona oyoqhutshelwa eduze nangakini. Thintana noFakazi BakaJehova bendawo ukuze uthole isikhathi nendawo yomhlangano oseduze nawe.