Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imikhaya Enomzali Ongayedwa Ngisanda kuthola i-Phaphama! yami ka-October 8, 1995, futhi ngifunde uchungechunge oluthi “Imikhaya Enomzali Ongayedwa—Ingaphumelela Kangakanani?” Ngibonga ngiyanconcoza ngalezi zihloko. Zifike ngesikhathi. Sekuyiminyaka eyisikhombisa nengxenye ngingumama ongayedwa, futhi bekunzima kakhulu. Nginendodakazi eneminyaka engu-15 ubudala ebhekene nenkathi enzima neyokuvukela. Futhi, isimo sami sasemsebenzini asizinzile neze. Nokho, ngiyabonga ngokuba sebandleni loFakazi BakaJehova elisekelayo nelinothando. Noma nini lapho ngiye ngadinga usizo ngemoto yami noma ngidinga nje othile ozolalela, abafowethu baye baba usizo ngaso sonke isikhathi.
D. R., United States
Bengingumzali ongayedwa kusukela ngo-1978. Ngenxa yokucindezeleka okuguquguqukayo, bengingeyena umzali omuhle ngaso sonke isikhathi. Kodwa-ke, ngiwalalela njalo amakhasethi omagazini. Sengililalele kabili kakade elalomagazini, futhi liyadlala emsakazweni wami njengamanje. Uma nje labomagazini besaqukethe ukwaziswa okuhle kangaka, nginomuzwa wokuthi umkhaya wami uzophumelela!
T. O., United States
Ingabe Kunzima Ukuthokozisa UNkulunkulu? Ngingumzali ongayedwa, futhi ngakhala lapho ngibona isembozo sikamagazini ka-October 8, 1995 onezihloko ezikhuluma ngabazali abangabodwa. Kodwa isihloko engasifunda kuqala sasithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Izindinganiso ZikaNkulunkulu Zinzima Kakhulu Ukuba Zifinyelelwe?” Yebo, njengomama obonakala eshiyeka, lesi sihloko saba impumuzo enkulu. Sangibonisa ukuthi angisona isehluleki. Kumane nje kuyithuba lami lokubonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ngiyambonga uJehova ngalesi sihloko esihle.
R. N., United States
Kwakuyisihloko esangithinta ngokujulile. Kuyamangalisa ukucabanga ukuthi nakuba uJehova enamandla onke, uzimisele ukusithethelela amaphutha esiwenzile. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi singajabula ngokuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu, nakuba siyoshiyeka ngezinye izikhathi.
D. C., United States
Ubumpumputhe Obubangelwa Imifula Muva nje, umnyango kahulumeni usakaze amaphilisi okuvimbela ubumpumputhe obubangelwa imifula emzaneni wakithi. Ngokushesha ngemva kwalokho ngathola umagazini ka-October 8, 1995, onesihloko esithi “Ubumpumputhe Obubangelwa Imifula—Ukunqoba Uhlupho Olwesabekayo.” Ngasihlanganyela nomakhelwane bami. Lapho inxusa likahulumeni libona lesi sihloko, lababaza: “Inhlangano yenu ingaphezu nje kokuba inkolo!” Ngaphezu kwalokho, udokotela wendawo wenza isikhokhelo sakho kokubili INqabayokulinda ne-Phaphama! Abaningi ensimini yethu bayabacela labomagazini. Bayakujabulela ukubona ukuthi bakhuluma ngalokho okwenzekayo eNigeria.
A. A., Nigeria
I-Iditarod Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “I-Iditarod—Kuthathé Iminyaka Engamakhulu Ayishumi Ukuba Izinze” (October 8, 1995), futhi ngizizwe ngishukumiseleka ukunibonga ngesihloko esifundisa kakhulu futhi esivusa amadlingozi! Saveza umfanekiso ocacile ojatshulelwa umfundi. Eqinisweni ngazizwa sengathi ngangingomunye wabashayeli bezihlibhi kulolo hambo lwamakhilomitha angu-1800! Ngazuza nokwazisa okujulile ngoJehova—ozimfanelo zakhe zibonakala endalweni yakhe engabantu neyizilwane.
J. H., United States
Ukunqoba Okungokomthetho Ngafunda isihloko esithi “Ukunqoba Kwedlanzana—Ezweni Elinombono Ofanayo.” (October 8, 1995) Lapho ngisesikoleni esiphakeme, kwakudingeka ngingangeni emakilasini e-judo. Ngakhuthazeka lapho ngifunda ukuthi abafowethu baseKobe bebelwa nalendaba ezinkantolo ukuze bavikele inkululeko yabo yokukhulekela nelungelo labo lokuthola imfundo. Njengoba isikole sidlulisele icala eNkantolo Ephakeme, ngithandazela ukuba abafowethu bathole isahlulelo esihle.
Y. K., Japan