‘Wonke Umuntu Emhlabeni Kufanele Awufunde Lomagazini’
UMFUNDI othile wase-Alabama, e-U.S.A., wazwakalisa ukwazisa okujulile nge-Phaphama! wabe esebhala:
“Ngisanda kuqeda ukufunda umagazini omdala i-Phaphama!, onesihloko esithi “Ukunqoba Nakuba Bebhekene Nokufa.” (May 8, 1993) Angikwazanga ukuwubeka phansi. Ubufundisa, uveza amaqiniso.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu emhlabeni kufanele athole ithuba lokuwufunda lomagazini!”
I-Phaphama! inyatheliswa ngezilimi ezingu-78 ukuze ikhanyisele abanye. Izihloko zayo zidingida inkolo nesayensi, kanye nezindaba zezenhlalo, ezingokomzwelo, nezomkhaya ezisezingqondweni zabantu abaningi.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongayithola ngayo i-Phaphama! noma ungathanda ukuba othile afike kwakho ukuze axoxe nawe ngokubaluleka kwemfundo yeBhayibheli, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini eliseduze nawe kwasekhasini 5.