Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 3/8 k. 9-k. 11 isig. 2
  • Ukukhululeka Ekuntulekeni Kwemisebenzi—Kanjani Futhi Nini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhululeka Ekuntulekeni Kwemisebenzi—Kanjani Futhi Nini?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Umsebenzi
  • Ukubaluleka Kokusekela Ngokomzwelo
  • Ukukhululeka Osizini Lokuntuleka Kwemisebenzi
  • Phila Ukuphila Okulula Nokokulinganisela
    I-Phaphama!—2010
  • Inhlupho Yokuntuleka Kwemisebenzi
    I-Phaphama!—1996
  • Kungani Kunokuntuleka Kwemisebenzi?
    I-Phaphama!—1996
  • Indlela Yokuhlakulela Umbono Onokulinganisela Ngomsebenzi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 3/8 k. 9-k. 11 isig. 2

Ukukhululeka Ekuntulekeni Kwemisebenzi—Kanjani Futhi Nini?

NJENGOMDALI wakhe, umuntu angawujabulela umsebenzi wakhe, ochazwa ngokufanele ngokuthi ‘isipho sikaNkulunkulu.’ (UmShumayeli 3:12, 13; Johane 5:17) Umsebenzi othakazelisayo ungasijabulisa futhi usenze sizizwe siwusizo futhi sidingeka. Akekho umuntu ofuna ukuphelelwa umsebenzi, kungakhathaliseki ukuthi angase angawujabuleli kangakanani. Ngaphandle kokuqinisekisa iholo, umsebenzi okhokhelayo wenza ukuphila komuntu kuhleleke, kube nenjongo, nomuzwa wokuba umuntu. Akumangalisi ukuthi ngokuvamile “abantu abaswele imisebenzi bafuna umsebenzi ngaphezu kwanoma yini enye.”

Ukufuna Umsebenzi

Njengoba sesibonile kakade, isimo emkhakheni wezemisebenzi siyinkimbinkimbi kakhulu. Ngenxa yalokho, kunezindlela eziningi eziphumelelayo zokufuna umsebenzi. Noma obani abafanelekayo bangasebenzisa usizo lukahulumeni kwabaswele imisebenzi lapho lutholakala khona; futhi lapho kufanele khona, bangabhalisa emahhovisi abaswele imisebenzi futhi basebenzise izinkonzo ezinikezwayo. Abanye bathola imisebenzi ngokuvula eyabo imisebenzi. Kodwa kufanele kuqashelwe. Ngokuvamile abanemisebenzi yabo kumelwe babhekane nezindleko ezinkulu ekuqaleni okungase kungabi lula ukuzikhokha. Futhi kudingeka ukwazi nokuhlonipha imithetho yentela—okuyinto enzima kwamanye amazwe!—Roma 13:1-7; Efesu 4:28.

Ukuze bathole umsebenzi, abanye baye bazikhandla ngokuwufuna, besebenzisa indlela ethile futhi bephikelela. Abanye baye babhalela izinkampani ezifuna izisebenzi, noma baye bafaka izicelo zabo emaphephandabeni endawo—amanye anyathelisa izaziso zezicelo zemisebenzi mahhala. Ngokuvamile i-Phaphama! iye yanikeza iseluleko esiwusizo nesisebenzayo ngalendaba—kubantu abasha nabadala ngokufanayo.a—Bheka amabhokisi ekhasini 11.

Kumelwe uvumelane nezimo—uzimisele ukwenza imisebenzi enhlobonhlobo, kuhlanganise nemisebenzi ongayithandi. Ochwepheshe bathi phakathi kwezinto zokuqala ezibuzwayo ezingxoxweni zokufuna umsebenzi okuhlangenwe nakho komsebenzi wangaphambili nobude besikhathi obungasebenzi ngaso. Ukungasebenzi isikhathi eside kuyisici esibi kumuntu ongaba umqashi wakho.

Umuntu owasisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi sakhe esikoleni efunda amakhono amasha unethuba elihle lokuthola umsebenzi wokuqala. “Ukuntuleka kwemisebenzi,” kusho u-Alberto Majocchi, uthisha wesayensi yezezimali, “kuthinta ikakhulukazi abangenawo amakhono emisebenzi.”

Ukubaluleka Kokusekela Ngokomzwelo

Esinye isici esibalulekile ukuba nombono oqondile. Lokhu kungenza umehluko phakathi kokuthola umsebenzi nokungawutholi. Abantu abantula imisebenzi bakwazisa kakhulu ukusekelwa ngokomzwelo, okubasiza ukuba bagweme ukuzehlukanisa noma ukuzithela ngabandayo. Futhi kusiza ekunqobeni ukungazihloniphi okungabangelwa ukuziqhathanisa nabanye abangakaphelelwa imisebenzi.

Ukuphila ngalokho onakho kungase kungabi lula. “Njengoba ngangikhathazekile, ngangikuthola kunzima ukusisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi enganginaso,” kusho uStefano. “Lesi simo sangikhungathekisa kakhulu,” kukhumbula uFrancesco, “kangangokuthi ngaqala ukugxeka abanye babangane bami abathandekayo.” Kulapho kubaluleke khona ukusekela komkhaya. Ukuntuleka kwemali kudinga ukuzivumelanisa nezimo kwawo wonke amalungu omkhaya, ukuze kuncishiswe ukuphila okunethezekile. UFranco, owaxoshwa eneminyaka engu-43 ubudala ngemva kokusebenzela inkampani eyodwa iminyaka engu-23, uthi: “Kusukela esikhathini engaxoshwa ngaso, umkami wayenesimo sengqondo esiqondile futhi engumthombo omkhulu wesikhuthazo.” U-Armando umbonga kakhulu umkakhe “ngokusebenzisa ukuhlakanipha lapho ethenga.”—IzAga 31:10-31; Mathewu 6:19-22; Johane 6:12; 1 Thimothewu 6:8-10.

Izimiso zeBhayibheli zingasisiza ukuba sigcine isimo sengqondo esiqondile futhi singakhohlwa izindinganiso ezibaluleke kakhulu. Labo i-Phaphama! eyaxoxa nabo, okukhulunywe ngabo ngenhla, baye bathola isiqinisekiso esiduduzayo eBhayibhelini. Lokhu kuye kwabenza basondelana eduze noNkulunkulu. (IHubo 34:10; 37:25; 55:22; Filipi 4:6, 7) Ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu kubaluleke kakhulu, ngoba uyathembisa: “Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.”—Heberu 13:5.

Kungakhathaliseki ukuthi umuntu uyasebenza noma cha, iZwi likaNkulunkulu likhuthaza ukuba ahlakulele izimfanelo eziwusizo ekuphileni kwansuku zonke. Akumangalisi ukuthi oFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi bayathandwa futhi baziswe njengezisebenzi ezithembekile. Balandela iseluleko seBhayibheli sokuba bakhuthale futhi babe nokwethenjelwa, bangavilaphi.—IzAga 13:4; 22:29; 1 Thesalonika 4:10-12; 2 Thesalonika 3:10-12.

Ukukhululeka Osizini Lokuntuleka Kwemisebenzi

Kunembangela eyinhloko yokuntuleka kwemisebenzi—ubugovu nokuhaha komuntu. Njengoba iBhayibheli lisho, ‘umuntu ubusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.

Inkinga yokuntuleka kwemisebenzi—nezinye izinkinga futhi—iyoxazululwa ngokususwa kokubusa komuntu, manje ‘okusezinsukwini zako zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-3) Kunesidingo sezwe elisha ngempela. Yebo, izwe lapho umphakathi wabantu abalungile ungahlala khona futhi usebenze ngaphansi kokubusa okunobulungisa futhi okuhle, lapho ukuhaha kuyobe kungasekho khona. (1 Korinte 6:9, 10; 2 Petru 3:13) Yingakho uJesu afundisa abantu ukuba bathandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike nokuba intando yaKhe yenziwe emhlabeni.—Mathewu 6:10.

Lichaza ngokwesiprofetho ukuqedwa kwezinye zezinkinga zesintu eziyinhloko, iZwi likaNkulunkulu libonisa imiphumela yalowo Mbuso: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, . . . nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko.” (Isaya 65:21-23) Ngokushesha usizi lokuntuleka kwemisebenzi luyophela unomphela. Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngekhambi likaNkulunkulu, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka i-Phaphama! ka-October 22, 1994, amakhasi 16-18; August 8, 1991, amakhasi 6-10; July 8, 1983, amakhasi 15-17; neka-December 8, 1982, amakhasi 3-8.

[Ibhokisi ekhasini 11]

Ukuvula Imisebenzi Ekhaya

• Ukuba umzanyana, ukunakekela izingane

• Ukuthengisa imifino noma izimbali ezitshalwe ekhaya

• Ukuthunga, ukulungisa, nokuchibiyela izingubo

• Ukubamba amatoho ezimbonini

• Ukubhaka nokupheka ukudla

• Ukuhlobisa izindwangu, ukukhilosha, ukunitha; ukufekethisa, ukubumba izitsha; neminye imisebenzi

• Ukuthunga izihlalo

• Ukuphatha amabhuku ezimali, ukubhala ngomshini, nemisebenzi ye-computer eyenzelwa ekhaya

• Umsebenzi wokuphendula izingcingo

• Ukucwala izinwele

• Ukuqashisa indawo

• Ukukhela nokufaka izincwadi ezimvilophini zabakhangisi

• Ukugeza nokupholisha izimoto (ikhasimende liletha imoto kwakho)

• Ukunakekela nokuvivinya izilwane ezifuywayo

• Ukulungisa nokwenza okhiye (ishabhu libe kwakho)

• Izikhangiso eziningi zalemisebenzi zingafakwa mahhala noma ngemali ephansi ephephandabeni lezokuthenga langempelasonto noma emabhodini ezaziso ezitolo ezinkulu

[Ibhokisi ekhasini 11]

Ukuvula Umsebenzi Ngaphandle Kwekhaya

• Ukugada indlu (lapho abantu beseholidini futhi befuna ukugadelwa indlu yabo)

• Ukuhlanza: izitolo; amahhovisi; amakhaya nezindlu ngemva kokwakhiwa, ngemva komlilo, ngemva kokuthutha kwabantu; umsebenzi wasendlini (emakhaya abanye); amafasitela (emabhizinisini nasemakhaya)

• Ukulungisa: amathuluzi anhlobonhlobo (imitapo yezincwadi iqukethe izincwadi zokulungisa okulula ukuzilandela)

• Imisebenzi yezandla: ukwakha imijondolo; ukwakha amakhabethe, izivalo, ovulandi; ukupenda; ukubiyela; ukufulela

• Umsebenzi wasepulazini: izilimo, ukuvuna izithelo

• Ukulungisa nokunakekela izithombo zangaphakathi: emahhovisi, emabhange, emagcekeni asezikhungweni zezitolo, emaphasishini

• Ukubheka izakhiwo: ukuzihlanza, ukuba umphathi (ngezinye izikhathi kuhlanganisa nendawo yokuhlala mahhala)

• Umshwalense, izindawo ezithengiswayo

• Ukufaka ukhaphethe, ukuwuhlanza

• Imizila yamaphephandaba (abadala nabancane), neminye imisebenzi yokudiliva: izikhangiso, izikweleti zikamasipala

• Ukuthutha impahla, ukuyigcina

• Ukulungisa igceke, ukuchweba imithi, ukunakekela utshani egcekeni, ukugawula imithi

• Ukushayela ibhasi lesikole

• Ukuthatha izithombe (izithombe zabantu nemibuthano yomphakathi)

• Ukutholela abadobi ukudla kokudoba

• Ukwenana ngomsebenzi: ukwenana ukukhandelwa imoto ngokwenza umsebenzi kagesi, ukuthunga ngokulungisa amapayipi amanzi, njll.

[Isithombe ekhasini 10]

“Nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.”—Isaya 65:22

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela