Umntwana Wexoxo
“Umntwana wexoxo ixoxo.”
Lesi saga sesiJapane sisho ukuthi umntwana ukhula afuze umzali wakhe ncamashí. Umama wayeyi-geisha.
NGAKHULELA esikhungweni sama-geisha esasiphethwe umama. Ngakho kusukela lapho ngisemncane, ngangizungezwe amakhosazana ayiziphalaphala ayegqoka ama-kimono emali eshisiwe. Ngangazi ukuthi lapho ngikhula, ngangiyowajoyina. Ukuqeqeshwa kwami kwaqala ngo-1928 ziyisithupha enyangeni yesithupha lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala. Kwakuthiwa isibalo u-666 siqinisekisa ukuthi umuntu uzophumelela.
Ngafunda ubuciko obungokwesiko baseJapane—ukudansa, ukucula, ukudlala izimfijoli, ukwenza umbuthano wetiye, njalonjalo. Nsuku zonke ngemva kwesikole ngangiphuthuma ekhaya, ngishintshe izingubo zokugqoka, bese ngiya ezifundweni zami. Lapho ngangiba nabangane bami basesikoleni ngoba sonke sasingabantwana bama-geisha. Kwakuyisikhathi esimatasa, futhi ngangisijabulela.
Ngalezo zinsuku ngaphambi kweMpi Yezwe II, imfundo yasesikoleni efunwa umthetho yayigcina eminyakeni engu-12 ubudala, ngakho ngaqala lapho ukusebenza. Njenge-geisha eyayisafufusa, ngangigqoka ama-kimono amahle anemikhono elenga icishe ifinyelele ezinyaweni zami. Ngangithokozile lapho ngiyokwenza isabelo sami sokuqala.
Ukusebenza Kwami Njenge-geisha
Umsebenzi wami ngokuyinhloko wawuhilela ukujabulisa abantu nokusebenza njengomnakekeli wezihambi. Lapho amadoda anothile ehlela ukuyodla ezindaweni eziphambili, ayeshayela isikhungo sama-geisha ucingo acele ama-geisha ambalwa. Kwakulindeleke ukuba ama-geisha athokozise izivakashi kusihlwa futhi aqikelele ukuthi ngasinye sihamba sanelisekile, sinomuzwa wokuthi siye sazijabulisa.
Ukuze senze lokhu, kwakudingeka sisiqaphele kusengaphambili isidingo sesivakashi ngasinye futhi sisanelise—ngisho nangaphambi kokuba isivakashi siqaphele ukuthi sinesidingo. Ngicabanga ukuthi into enzima kunazo zonke kwakuwukuzivumelanisa nezimo ngokuphazima kweso. Uma ngokungazelele izivakashi zifuna ukubuka umdanso, sasidansa. Uma zithanda umculo, sasithatha izimfijoli zethu sidlale umculo oceliwe noma sicule noma iliphi iculo eliceliwe.
Umcabango ovamile oyiphutha ukuthi wonke ama-geisha ayizifebe eziphambili, ezibiza imali eshisiwe. Akunjalo. Nakuba ekhona ama-geisha aziphilisa ngokudayisa imizimba yawo, akudingekile ukuba i-geisha izilulaze kanjalo. Ngiyazi ngoba angizange ngenze kanjalo. I-geisha ijabulisa abantu, futhi uma iyingcweti, amakhono ayo ayinikeza umsebenzi, izipho ezibizayo, nezipho zokubonga ezivela kumakhasimende.
Kuyavunywa, ambalwa afinyelela ezingeni eliphezulu. Ama-geisha amaningi aba ochwepheshe ebucikweni baseJapane obubodwa vó obungokwesiko. Kodwa nganginama-diploma emikhakheni yobuciko enjalo engu-7, kuhlanganise nomdanso waseJapane, ukulungisa izimbali, ukwenza umbuthano wetiye, isigubhu saseJapane esaziwa ngokuthi i-taiko, nezindlela zomculo ezintathu ezidlalwa nge-shamisen enezintambo ezintathu. Ngaphandle kwalezi ziqu, engangiziphilisa ngazo, mhlawumbe ngangiyoba nomuzwa wokuthi kunesidingo sokuba ngenze noma yini amakhasimende ayeyicela.
Lapho iJapane yayingasimeme ngokwezomnotho, ngezinye izikhathi amantombazane ayekhetha ukuba ama-geisha ukuze ondle imikhaya yakubo. Ayeboleka imali ukuze akhokhele ukuqeqeshwa kwawo nama-kimono. Amanye ayethengiswa imikhaya yakubo ezikhungweni zama-geisha. Abaniniwo, njengoba babekhokhe izindodla zemali, babefuna inkokhelo kulamantombazane. Ama-geisha ayeba mpofu kakhulu kulezi zimo, ngoba ukuqeqeshwa kwawo kwakwephuza ukuqala futhi ayeqala enesikweleti esikhulu. Amaningi awo ayephendukela noma ayephoqeleka ukuba angene ekuziphatheni okubi ukuze ahlangabezane nezindleko ezingokwezimali.
Umsebenzi wami wawufunwa kakhulu abantu abaziwayo kwezemidlalo, ezokuzijabulisa, ezamabhizinisi, nezombangazwe. Amalungu esigungu sikahulumeni nondunankulu babephakathi kwamakhasimende ami. Lamadoda ayengihlonipha futhi engibonga ngomsebenzi wami. Nakuba ngangingazihileli engxoxweni evamile ngaphandle kokuba ngiceliwe, ngezinye izikhathi kwakucelwa uvo lwami. Ngakho ngangifunda amaphephandaba futhi ngilalela umsakazo nsuku zonke ukuze ngihlale ngazi ezisematheni. Ngokuvamile imibuthano engangisebenza kuyo kwakungeyezingxoxo, ngakho kwakudingeka ngihlakaniphe futhi ngingazikhulumi izinto engangizizwile.
Ubani Umama?
Ngolunye usuku ngo-1941, lapho ngineminyaka engu-19 ubudala, ngabizelwa ethilomu lokudla elithile ngathola abesifazane ababili ababengilindile. Omunye wabo wathi ngizalwa nguye futhi wayezongilanda siye ekhaya. Lona omunye wesifazane wayeqasha ama-geisha futhi wangithembisa umsebenzi. Wayecabanga ukuthi kwakufanele ngisebenze ukuze ngondle umama ongizalayo kunokuba ngondle umama wokutholwa. Kwakungakaze kufike engqondweni yami ukuthi owesifazane owayengikhulisile wayengeyena umama wami wangempela.
Ngididekile, ngaphuthuma ekhaya ngiyotshela umama wokutholwa lokho okwakwenzekile. Wayeyibamba njalo imizwelo yakhe, kodwa manje wayehlengezela izinyembezi. Wathi wayefuna ukungitshela yena ukuthi lapho nginonyaka owodwa ubudala, ngathunyelwa esikhungweni sama-geisha. Lapho ngizwa iqiniso, angiphindanga ngabethemba abantu futhi ngaba unkom’idla yodwa.
Ngenqaba ukwamukela umama ongizalayo. Kwakusobala engxoxweni yethu emfushane ukuthi wayazi ngempumelelo yami futhi wayefuna ngisebenze ukuze ngimondle. Ngokubuka indawo okwakusebenza umngane wakhe kuyo, ngangazi ukuthi ukusebenza lapho kwakuhilela ukuziphatha okubi. Ngangifuna ukuphila ngamakhono obuciko bami, hhayi ngokuthengisa ngomzimba wami. Ngakho ngaleso sikhathi ngacabanga, futhi namanje ngisacabanga kanjalo, ukuthi ngenza isinqumo esihle.
Nakuba ngamcasukela umama wokutholwa, kwakumelwe ngivume ukuthi wayengiqeqeshile ukuze ngikwazi ukuziphilisa ngaso sonke isikhathi. Lapho ngicabanga ngakho ngokwengeziwe, kulapho ngazizwa ngimkweleta ngokwengeziwe. Wayewuqoke ngokucophelela nangesineke umsebenzi wami, engivikela kwabesilisa ababefuna ukusetshenzelwa ama-geisha ngenxa yezinjongo zokuziphatha okubi kuphela. Kuze kube namuhla, ngiyambonga ngalokho.
Wangifundisa izimiso. Esinye asigcizelela sasiwukuthi uyebo wami kufanele asho uyebo nocha wami asho ucha. Wangifundisa nokwamukela umthwalo wemfanelo nokuzithiba. Ngokulandela izimiso angifundisa zona, ngangiphumelela emsebenzini wami. Ngiyangabaza ukuthi ngangiyoluthola usizo olunjalo kumama ongizalayo. Cishe ukutholwa kwami kwangivikela ekuphileni okuyingozi kakhulu, futhi ngafinyelela esiphethweni sokuthi ngangijabula ngempela ngokuthi kwakwenzekile.
Indodana Phakathi Nempi
Ngabeletha indodana ngo-1943. Ngokuvumelana nesiko elivamile laseJapane, elithi “isono” asikho, angizange ngicabange ukuthi ngangenze okuthile okungalungile noma okuyihlazo. Ngangiyijabulela indodana yami. Yayiyigugu kunakho konke enganginakho—othile engangingamphilela futhi ngimsebenzele.
Ngo-1945 ukuqhuma kwamabhomu kwakudlangile eTokyo, futhi kwadingeka ukuba ngibaleke edolobheni nendodana yami. Kwakungenakudla, futhi yayibangwa nezibi. Abantu babenqwabelene esiteshini sesitimela bedidekile, kodwa ngandlela-thile sakwazi ukugibela isitimela esasiya enyakatho eFukushima. Salala ehhotela ngalobo busuku, kodwa ngaphambi kokuba ngimyise esibhedlela umfanyana wami, wabulawa ukungondleki kahle nokuphelelwa amanzi emzimbeni. Wayeneminyaka emibili kuphela ubudala. Ngafa olwembiza. Indoda eyayisebenza kubhayela kuleli hhotela yashisa isidumbu sendodana yami emlilweni eyayiwusebenzisa ekubiliseni amanzi okugeza.
Ngokushesha ngemva kwalokho impi yaphela, futhi ngaphindela emuva eTokyo. Leli dolobha lalicekelwe phansi amabhomu. Ikhaya lami nakho konke enganginakho kwakungasekho. Ngaya endlini yomngane wami othile. Wangiboleka ama-kimono akhe, ngase ngiqala ukusebenza futhi. Umama wokutholwa, owayebalekele endaweni engaphandle kwaseTokyo, wangiphoqelela ukuba ngimthumelele imali futhi ngimakhele indlu eTokyo. Ukuphoqelelwa okunjalo kwangenza ngaba nesizungu kakhulu kunakuqala. Ngangiselusizi ngenxa yendodana yami futhi ngilangazelela induduzo, kodwa akazange akhulume ngisho nokukhuluma ngomntanami. Wayezikhathalela yena kuphela.
Izibopho Zomkhaya
Isiko lalifundisa ukuthi zonke izinto esinazo sikweleta abazali nokhokho bethu ngazo futhi kuyisibopho sabantwana ukukhokhela abazali babo ngokubalalela ngokungakhonondi nangokubanakekela baze bafe. Ngakho ngasifeza isibopho sami, kodwa okwakufunwa umama wokutholwa kwakungaphezu kwamandla ami. Wayefuna nokuba ngondle abantwana ababili bomfowabo ayebatholile. Kuze kube yilapho sengineminyaka engu-19 ubudala, ngangicabanga ukuthi kwakungumfowethu nodadewethu.
Ama-geisha amaningi ayengashadile, futhi ayekugwema ukuba nabantwana bawo siqu. Ayevame ukuthola abantwana abangamantombazane emikhayeni empofu abese ebaqeqesha njengama-geisha ngenjongo eyodwa kuphela yokuthola ukondliwa ngokwezimali ukuze ajabulele ukuphila okunethezekile lapho esegugile. Ngokudabukisayo, ngaqala ukuqaphela ukuthi kungani nganginakekelwe futhi ngaqeqeshwa kangaka. Kwakumane kuyindlela yokuthola ukulondeka ngokwezimali esikhathini esizayo.
Ngakwamukela konke lokhu, nakuba ngangizibuza ukuthi kungani, ngaphandle kukamama wokutholwa, kwakudingeka ngondle “umfowethu” kanye “nodadewethu,” bobabili ababeyimiqemane futhi bekwazi ukusebenza. Nakuba kunjalo, ngabondla bobathathu, ngibenzela konke ababekufuna. Ekugcineni, ngosuku olungaphambi kokufa kwakhe ngo-1954, umama waguqa embhedeni wakhe, wakhothamisa ikhanda, wangibonga ngokuqondile. Wathi ngangikwenze konke. Lokhu kwazisa nokubonga kwayanela yonke iminyaka yokusebenza kwami. Umuzwa wokwaneliseka ngokuthi ngangiyifezile yonke imithwalo yami yemfanelo namanje usangilethela izinyembezi.
Ukunakekela Indodakazi Yami
Ngo-1947, ngabeletha intombazanyana, futhi nganquma ukuzikhandla ukuze ngiyiqongelelele umnotho. Ngangisebenza njalo ebusuku. Ngaqala nokudlala esiteji ezinkundleni ezinkulu zemidlalo yaseshashalazini zaseJapane, njengeKabukiza eGinza. Nalapha futhi ngangihola kahle.
Kungakhathaliseki ukuthi ngangidansa noma ngidlala i-shamisen, ngaso sonke isikhathi ngangihamba phambili. Nokho, naphezu kwempumelelo enganginayo eyayifiswa amanye ama-geisha, ngangingajabulile. Mhlawumbe ngangingeke ngibe nesizungu kangaka ukuba ngangishadile, kodwa ukuphila kwe-geisha akuhambisani nomshado. Okuwukuphela kwenduduzo enganginayo kwakungu-Aiko, intombazanyana yami, futhi ukuphila kwami kwakugxile kuye.
Ngokuvamile, ama-geisha aqeqesha amadodakazi awo, kungakhathaliseki ukuthi awazele noma awokutholwa, ukuba enze umsebenzi ofanayo. Ngalandela lowo mkhuba, kodwa kamuva ngaqala ukucabanga ngohlobo lokuphila engangiyilungiselela lona. Ukuba ngaqhubeka, kwakuyosho ukuthi izizukulwane ngezizukulwane zazingasoze zazi ukuthi kunjani ukuba nomkhaya wangempela. Ngangifuna ukuphuma eceleni njengojosaka. Ngangifuna ukuba u-Aiko, nabantwana bakhe ngemva kwakhe, bajabulele umshado nokuphila komkhaya okuvamile. Ngangingafuni ukuba umntwana wexoxo abe ixoxo!
Lapho u-Aiko engena eminyakeni yokweva eshumini nambili, waqala ukungezwa. Kusukela ekufeni kukamama wokutholwa eminyakeni embalwa ngaphambili, okuwukuphela kwabangane baka-Aiko ekhaya kwakungamantombazane engangiwaqashile. Wayesidinga ngempela isikhathi nokunakekela kwami. Ngakho nakuba ngangineminyaka eyevile kwengu-30 ubudala futhi sengithuthukile emsebenzini wami, nganquma ukuwushiya umsebenzi wama-geisha futhi ngenza umsebenzi wokudansa nokudlala i-shamisen kuphela. Ngayeka ngenxa ka-Aiko. Saqala ukudla ukudla kwakusihlwa ndawonye, futhi cishe ngokushesha waba ingane enhle. Ukuchitha isikhathi naye kwaba nemiphumela emihle kakhulu.
Ngokuhamba kwesikhathi, sathuthela endaweni ethulile, lapho ngavula khona ithilomu elincane. U-Aiko wakhula, futhi ngajabula lapho ngimbona eshada noKimihiro, indoda emnene eyabonisa ukukuqonda ukuphila engangikuphila.
Inkolo Iba Impikiswano
Ngo-1968, u-Aiko wabeletha umzukulu wami wokuqala. Ngokushesha ngemva kwalokho waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lokhu kwangimangaza ngoba kakade sase sinenkolo. Ngangifake i-altare elikhulu likaBuddha ekhaya ngemva kokushona kukamama wokutholwa, futhi ngangiguqa njalo phambi kwalo ngimkhulekela. Futhi, ngangiya emathuneni omkhaya nyanga zonke ngiyombikela konke okwakwenzekile.
Ukukhulekela okhokho kwakunganelisa. Nganginomuzwa wokuthi ngangenza okwakufanele ngikwenzele okhokho bami nokubabonga, futhi ngakhulisa u-Aiko ukuba enze okufanayo. Ngakho ngashaqeka lapho engitshela ukuthi wayengeke esahlanganyela ekukhulekeleni okhokho, nokuthi wayengeke angikhulekele lapho sengifile. Ngazibuza: ‘Kungenzeka kanjani ukuba ngikhulise umntwana onje, futhi wayengayijoyina kanjani inkolo efundisa abantu ukuba bangababongi okhokho babo?’ Eminyakeni emithathu eyalandela, kwaba sengathi ngangigubuzelwe ifu elimnyama.
Ushintsho olukhulu lwenzeka lapho u-Aiko ebhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Umngane othile ka-Aiko onguFakazi, emangazwe ukuthi ngangingekho lapho kubhapathizwa indodakazi yami, watshela u-Aiko ukuthi wayezongivakashela. Ngathukuthela, kodwa ngoba nje ngangifundiswe imikhuba emihle, ngamamukela lapho efika. Ngenxa yesizathu esifanayo, angizange ngenqabe lapho ethi wayezobuya ngesonto elizayo. Wangivakashela amasonto amaningi, engithukuthelisa kangangokuba ekuqaleni angifundanga lutho kulokho ayekusho. Nokho, kancane kancane lezi zingxoxo zangenza ngazindla.
Ngaqala ukukhumbula izinto umama ayevame ukuzisho. Nakuba ayefuna ukukhulekelwa ngemva kokufa kwakhe, wayengaqiniseki ngokuphila ngemva kokufa. Wayethi okufunwa abazali kakhulu ukuba abantwana babe nomusa futhi babahloniphe lapho besaphila. Lapho ngifunda imibhalo enjengomShumayeli 9:5, 10, neyabase-Efesu 6:1, 2, futhi ngibona ukuthi iBhayibheli likhuthaza okufanayo, ngezwa sengathi kusuka inkungu emehlweni ami. Ezinye izinto umama ayengifundise zona zazikhona naseBhayibhelini, njengokuthi uyebo wami kufanele asho uyebo nocha wami asho ucha. (Mathewu 5:37) Njengoba ngangizibuza ukuthi yini enye iBhayibheli eliyifundisayo, ngasamukela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
Ukudabuka nokukhungatheka enganginakho kukho konke ukuphila kwami kwaphela kancane kancane njengoba ngangithuthuka olwazini lweBhayibheli. Lapho ngiqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, ngahlabeka umxhwele ngokujulile. Lapha kwakuhluke kakhulu. Abantu babeqotho, benomusa, nobungane, futhi inhliziyo yami yathinteka. Ngashukumiseleka kakhulu lapho ngifunda ngesihawu sikaJehova. Uzithethelela ngothando zonke izoni eziphendukayo. Yebo, wayezothethelela wonke amaphutha ami esikhathi esidlule, futhi wayezongisiza ukuba ngijabulele ukuphila okusha!
Izinguquko Ekuphileni Kwami
Nakuba ngangifuna ukukhonza uJehova, nganginobuhlobo obuqinile nezokuzijabulisa. Ngase ngevile eminyakeni engu-50 ubudala, kodwa ngangisadlala esiteji. Ngangingumholi futhi ngingomunye wabahleli ababili babaculi be-shamisen lapho uDanjuro Ichikawa edlala i-Sukeroku eKabukiza. Njengoba bembalwa abadlali be-shamisen abangenza isitayela se-katoubushi esihambisana ne-Sukeroku, akekho owayezothatha isikhundla sami uma ngiyeka. Ngakho ngazizwa ngibophekile.
Nokho, uFakazi othile osekhulile, naye owayehileleke ohlotsheni oluthile olungokwesiko lokuzijabulisa kwaseJapane, wangibuza ukuthi kungani ngangicabanga ukuthi kwakufanele ngiyeke. Wachaza: “Abantu kufanele basebenze ukuze bazondle.” Wangisiza ukuba ngibone ukuthi ngangingenzi lutho olumelene nemibhalo nokuthi ngangingamkhonza uJehova futhi ngiqhubeke nokudlala kwami esiteji.
Ngaqhubeka isikhashana eKabukiza, inkundla ephambili yemidlalo yaseshashalazini yaseJapane. Khona-ke, imidlalo yasesiteji yaqala ukungqubuzana nezinsuku zemihlangano, ngakho ngacela ukuba kufakwe othile ngalobo busuku. Nokho, ngokushesha izikhathi zethu zemihlangano zashintsha, futhi ngangikwazi ukusebenza nokuya emihlanganweni. Nokho, ukuze ngifike emihlanganweni ngesikhathi, ngokuvamile kwakudingeka ngiphuthume ethekisini elindile ngemva komdlalo wasesiteji kunokuba ngiphumule nabanye abadlali njengoba sasivame ukwenza kanjalo. Ekugcineni, nganquma ukuyeka.
Ngaleso sikhathi sasilungiselela uchungechunge lwezinyanga eziyisithupha lwemidlalo yasesiteji esasizoyidlala emadolobheni amakhulu aseJapane. Ukukhuluma ngokushiya kwakuyobangela isiphithiphithi esikhulu. Ngakho, ngaphandle kokusho izinhloso zami, ngaqala ukuqeqesha omunye owayezongilandela. Lapho lolu hambo seluphelile, ngachazela umuntu ngamunye owayehilelekile ukuthi ngase ngiwenzile umsebenzi wami nokuthi ngiyayeka. Abanye bathukuthela. Abanye bathi ngiyazazisa futhi ngibabangela inkathazo ngamabomu. Kwakungelula, kodwa nganamathela esinqumweni sami futhi ngayeka ngemva kweminyaka engu-40 ngidlala esiteji. Kusukela ngaleso sikhathi, ngiye ngafundisa i-shamisen, futhi lokhu kunginikeza imadlana.
Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwami
Eminyakeni embalwa ngaphambili, nganginikezele ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu. Ngabhapathizwa ngo-August 16, 1980. Umuzwa ophuphuma enhliziyweni yami manje owokumbonga ngokujulile uJehova. Ngandlela-thile ngizibheka njengowesifazane waseSamariya okukhulunywa ngaye eBhayibhelini kuJohane 4:7-42. UJesu wakhuluma naye ngomusa, futhi waphenduka. Ngokufanayo, uJehova, ‘obheka okusenhliziyweni,’ ngomusa wangibonisa indlela, futhi ngenxa yesihe sakhe, ngiye ngakwazi ukuqala ukuphila okusha.—1 Samuweli 16:7.
Ngo-March 1990, lapho ngineminyaka engaba ngu-68 ubudala, ngaba iphayona, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova. U-Aiko naye uyiphayona, kanye nabantwana bakhe abathathu. Bakhula baba njengonina ngokuvumelana nesaga sesiJapane esithi: “Umntwana wexoxo ixoxo.” Umyeni ka-Aiko ungumdala ongumKristu ebandleni. Yeka indlela engibusiswe ngayo ngokuba phakathi komkhaya wami, wonke ohamba eqinisweni, nokuba nabafowethu nodadewethu abangokomoya abanothando ebandleni!
Nakuba ngibabonga okhokho bami, ngimbonga kakhulu uJehova, oye wangenzela okuningi ngaphezu kwanoma ubani. Ukubonga isihe sakhe esikhulu nenduduzo yakhe yikona ikakhulukazi okungishukumisela ukuba ngifune ukumdumisa kuze kube phakade.—Njengoba ilandiswa uSawako Takahashi.
[Isithombe ekhasini 19]
Ngiprakthiza, lapho ngineminyaka engu-8 ubudala
[Isithombe ekhasini 20]
Nginomama wokutholwa
[Isithombe ekhasini 21]
Ngangiziqhayisa ngendodakazi yami
[Isithombe ekhasini 23]
Ngangikhulekela umama phambi kwaleli altare lomkhaya
[Isithombe ekhasini 24]
Nginendodakazi yami, umyeni wayo, nabazukulu bami