Liyini Ikhambi?
“KUNENKOLELO eyandayo yokuthi inhlalakahle yesintu, mhlawumbe ngisho nokusinda kwethu njengabantu, kuyoxhomeka ekhonweni lethu lokuthungatha izifo eziqubukayo. . . . Ngabe sikuphi namuhla ukuba i-HIV ibiyigciwane elitholakala emoyeni? Futhi sinasiphi isiqinisekiso sokuthi isifo esifanayo ngeke siqubuke esikhathini esizayo?” kusho uD. A. Henderson—owafeza indima eyinhloko ekuqedweni kwengxibongo—lapho etshela iqembu lososayensi eGeneva, eSwitzerland, ngo-1993.
Zingathungathwa kanjani izifo eziqubukayo? Isimiso esixwayisa kusengaphambili ngezifo eziwumqedazwe emazweni ashisayo inxanxathela yembulunga yonke yezikhungo zokucwaninga ezingu-35 eziphethwe i-World Health Organization (WHO). Nokho, ukuhlolwa kwalezi zikhungo kwabonisa ukuthi zingaphansi kwengxenye kuzo ezazihlomele ukuthungatha i-encephalitis yaseJapane, ama-hantavirus, ne-Rift Valley fever—zonke okuyizifo ezibulalayo. Amaphesenti angu-56 kuphela ayengathungatha i-yellow fever, igciwane elithwalwa umiyane elibangela ukuhlanza, ukungasebenzi kwesibindi, nokophela ngaphakathi. Ngo-1992 okungenani abantu abangu-28 eKenya babulawa i-yellow fever ngaphambi kokuba odokotela bathole imbangela. Izinyanga eziyisithupha babecabanga ukuthi balwa nomalaleveva.
Okunye ukushiyeka kwezinhlelo zokuhlola kuwukuthi azikwazi ukubona ukuqubuka kwezifo ezithatha kancane ezibangelwa amagciwane. Ngokwesibonelo, i-HIV ingazifihla ngaphakathi kumuntu, idlulele kwabanye, bese ivela njengengculaza ngemva kweminyaka engafinyelela kweyishumi. Umqedazwe wengculaza okhona manje waqubuka cishe ngasikhathi sinye emazwekazini amathathu futhi ngokushesha wahlasela amazwe angu-20 ahlukene. Ngokusobala, sasingekho isixwayiso sawo sangaphambi kwesikhathi!
Naphezu kwalezi zinkinga, ososayensi abaningi basabheka esikhathini esizayo ngokuqiniseka, bekhuluma ngethemba ngezinto ezintsha ezinkulu ezitholwayo nempumelelo eyofika ngokuqinisekile eminyakeni ezayo. I-International Herald Tribune iyabika: “Ososayensi abaningi bathi ithemba eliphambili lempumelelo yangempela i-biotechnology, ukushintshwa kwezakhi zofuzo kumangqamuzana aphilayo. Ososayensi bezinkampani ze-biotech banethemba lokukhiqiza amangqamuzana anezinto ezibulala amagciwane, okuwukuthi, uhlobo olusha lwezibulala-magciwane eziklanywe ngezakhi zofuzo.”
Nokho, lokhu kunezici ezingathandeki. Ukushintsha izakhi zofuzo kuye kwenza kwaba nokwenzeka ukufaka izakhi zofuzo egciwaneni elingenangozi ukuze leli gciwane liyise lezi zakhi zofuzo kubantu. Lobu buchwepheshe bungasetshenziswa ngokunenzuzo, mhlawumbe eqinisweni benze kube nokwenzeka ukukhiqiza okubizwa ngokuthi izibulala-magciwane eziklanywe ngezakhi zofuzo. Kodwa lobu buchwepheshe bungasetshenziselwa nezinjongo ezimbi.
Ngokwesibonelo, cishe izakhi zofuzo ze-Ebola zingafakwa ngengozi noma ziklanywe zibe igciwane, njengemfuluwenza noma isimungumungwana. Khona-ke lelo gciwane elibulalayo lingasakazwa ngokukhwehlela noma ngokuthimula. UDkt. Karl Johnson, oye wachitha isikhathi eside ehlola izifo ezinjenge-Machupo ne-Ebola, wathi ngokushesha kungase kufike isikhathi lapho “noma iluphi uhlanya olunemishini yezinkulungwane ezimbalwa zama-dollar nemfundo yasekolishi yesayensi yezinto eziphilayo lungase lwakhe amagciwane ayingozi kakhulu kune-Ebola.” Ezinye izazi zesayensi yezinto eziphilayo zikhathazeke ngokufanayo.
Ikhambi
Ukuxazulula izinkinga zezifo ezithathelwanayo akuyona nje indaba yokwenza imithi emisha. Kuhilela ukuxazulula izinkinga ezihlobene nezifo njengobumpofu, impi, ababaleki, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ukuminyana kwamadolobha, izindlela zokuphila ezingenampilo, ukungcola, nokubhujiswa kwendawo ezungezile. Ake ukhulume iqiniso. Ucabanga ukuthi abantu bangazixazulula lezi zinkinga eziyinkimbinkimbi?
IZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” Khona-ke, kufanele sithembele kubani? Lombhalo uyaqhubeka: “Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba.” UJehova kuphela, uMdali wesintu, ongaxazulula izinkinga isintu esibhekene nazo.—IHubo 146:3-6.
IZwi likaJehova eliphefumulelwe, iBhayibheli, lapho libika isiprofetho esikhulu sikaJesu esiphathelene ‘nesibonakaliso . . . sesiphelo sesimiso sezinto,’ labikezela ngosizi lwezokwelapha oluhlupha isizukulwane sethu. UJesu wathi: ‘Kuyoba khona . . . ezindaweni ngezindawo izifo eziwumshayabhuqe.’—Mathewu 24:3-8; Luka 21:10, 11.
Nokho, iBhayibheli libhekisela futhi esikhathini esizayo emhlabeni ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24; Mathewu 6:9, 10) Ngakho labo abathemba uJehova banesizathu esinamandla sokukholelwa ukuthi ngokushesha isintu esilalelayo ngeke sithole ukukhululwa okuhlala njalo ezifweni ezibulalayo ezihlupha abantu kuphela kodwa nasezinkingeni ezibangela izifo. AmaKristu eqiniso ayayazisa imizamo yomkhakha wezokwelapha kulempi enzima yokulwa namagciwane abulalayo. Nokho, ayazi ukuthi ikhambi elihlala njalo lezifo nokufa livela kuNkulunkulu, “owelapha zonke izifo zakho.”—IHubo 103:1-3; IsAmbulo 21:1-5; 22:1, 2.
[Isithombe ekhasini 10]
IBhayibheli lithembisa isikhathi lapho engeke abekhona oyothi, “Ngiyagula”