Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 k. 26-k. 27 isig. 10
  • Kusukela Ekubeni Amabhodlela Kuya Ekubeni Ubuhlalu Obuhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kusukela Ekubeni Amabhodlela Kuya Ekubeni Ubuhlalu Obuhle
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Ubuhlalu EBida
  • Ukufunda Lobu Buciko
  • Ingilazi—Abenzi Bayo Bokuqala Babephila Kudala
    I-Phaphama!—1995
  • IVangeli Ngokwezazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingilazi Enombala—Kusukela Endulo Kuze Kube Manje
    I-Phaphama!—1991
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 k. 26-k. 27 isig. 10

Kusukela Ekubeni Amabhodlela Kuya Ekubeni Ubuhlalu Obuhle

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA

UJAHILE. Welula isandla ukuze uthathe ibhodlela eliphezu kwetafula, kodwa liyashelela esandleni, liwele phansi futhi liphuke. Uphefumulela phezulu, ushanela izingcezu eziphukile bese uzilahla emgqonyeni wezibi. Ngokwakho ukubona, lokho sekuwukuphela kwendaba.

Uma ubuhlala eBida, eNigeria, lokho bekungase nje kube isiqalo. Ngani? Ngoba phakathi kwabantu abangamaNupe abahlala lapho, izingcweti zingathatha ibhodlela eliphukile futhi zenze ngalo ucu oluhle lobuhlalu. Kuwubuciko obuye badluliselwa kusuka kwesinye isizukulwane kuya kwesinye—lobo obuye bangashintsha kakhulu emakhulwini eminyaka.

Ukwenza Ubuhlalu EBida

Ishabhu liyiqhugwane elincane, eliyindilinga elakhiwe ngodaka olomisiwe. Phansi enkabeni yalo kukhona iziko lokushisela izinto ezakhiwe ngobumba. Kuleli ziko, izingcweti zifaka izingcezu zezinkuni, ezizithungela zivuthe amalangabi. Umlilo uvuthelwa ube ingomane ngesivuthelo esisetshenziswa ngezandla. Njengoba kunezelwa izinkuni, ilangabi elibomvu liphumela ngaphezu kweziko. Ibhodlela lilengiswa ngensimbi ngaphezu kweziko, futhi ngokushesha ingilazi iyathamba futhi ilenge lapho isincibilikile.

Umenzi wobuhlalu wenza ubuhlalu obubodwa ngesikhathi. Ubeka insimbi ecijile ngaphezu komlilo eduze nensimbi enengilazi elengayo. Lapho isihloko sensimbi sesibomvu klebhu, usisondeza esigaxeni esilengayo sengilazi encibilikisiwe. Khona-ke, ngokuphendula insimbi ngeminwe, usongela ingilazi elingana nobuhlalu kulensimbi.

Ngokulandelayo, esebenzisa ummese omkhulu oyisicaba, uyenza bushelelezi futhi ayilolonge ingilazi ibe ubuhlalu. Uma enekhono ngokukhethekile, angasebenzisa izingilazi ezinemibala ehlukahlukene, eyilakanyisa ngandlela-thile ebuhlalwini ngabunye abenzayo. Ekugcineni, usebenzisa ummese ukuze ngokucophelela akhiphe ubuhlalu ensimbini abufake epanini elinomlotha lapho buzopholela khona. Ubuhlalu manje sebuphelele. Imbobo eyenziwe yinsimbi iba imbobo esetshenziselwa ukutshutsha intambo. Osekusele nje ukuba abugeze ubuhlalu abese ebuhlanganisa nobunye ubuhlalu enze umgexo.

Ukufunda Lobu Buciko

Umuntu ubufunda kanjani ubuciko bokwenza ubuhlalu? Abantwana bamaNupe baqala ngokubukela. Lapho befinyelela eminyakeni eyishumi, basiza ngokutheza nangokucanda izinkuni.

Isinyathelo esilandelayo siwukukwazi ukusebenzisa isivuthelo. Isivuthelo siyizikhwama ezimbili ezihlangene ezenziwe ngendwangu, ngasinye sazo siboshelwe endukwini. Ukuze asisebenzise isivuthelo, “lowo ovuthelayo” kumelwe abambe induku esandleni ngasinye abese ezinyakazisa ngokushesha aziyise phansi naphezulu. Udinga kokubili izikhwepha nokukwazi ukuqondanisa. Kumelwe abe ngoqine ngokwanele ukuba akwazi ukufutha isivuthelo ngokungaguquki kuso sonke isikhathi sokwenziwa kobuhlalu, futhi leso sikhathi singathatha amahora athile!

Kumelwe futhi akwazi ukuzihambisa kanyekanye izandla ukuze alondoloze isigqi esisheshayo, esingaguquki, efutha isivuthelo ngesivinini esifanele. Uma efutha ngesivinini esiphansi kakhulu, ukushisa komlilo ngeke kuyithambise ngokwanele ingilazi ukuba kusebenzeke ngayo. Uma efutha masinya kakhulu, ukushisa okuvela lapho kungabangela ukuba ingilazi iphunyuke ensimbini iwele emlilweni.

Ngokuvamile, umenzi wobuhlalu oqeqeshwayo usebenza ngesivuthelo iminyaka emihlanu. Ekugcineni, ufunda indlela yokulolonga ubuhlalu. Ingxenye yenselele yalomsebenzi ukufunda ukubekezelela ukushisa komlilo, okuthi lapho kuhlangene nokushisa kwelanga kwasezindaweni ezishisayo, kube uvivinyo.

Ufunda ngokuqhubekayo. Ngemva kokusiza umenzi wobuhlalu onokuhlangenwe nakho ngokumbambela izinsimbi, umfundi oqeqeshwayo ufunda ukwenza ubuhlalu obuncane, obungenambala. Ngokuhamba kwesikhathi, uqhubekela ekwenzeni ubuhlalu obukhudlwana nobuhlalu obuhlotshiswe ngokwelekwa ngengilazi enomunye umbala. Abenzi bobuhlalu abanokuhlangenwe nakho benza lomsebenzi ubukeke ulula, kodwa kuthatha isikhathi ukuzuza ikhono elidingekayo ukuze wenze ubuhlalu obuningi ngokulandelanayo, ubuhlalu obubodwa ngesikhathi, bonke obulinganayo, obufanayo ngesimo, nangendlela obenziwe ngayo.

Ukwenza ubuhlalu kuwubuciko obujabulisayo. Abenzi bobuhlalu bayajabula lapho bebona abantu ezweni lonke behlobe ngobuhlalu babo obunemibalabala—ubuhlalu obuncanyana bugqokwe abantwana, ubuhlalu obenziwe ngokucophelela bugqokwe abesifazane, nobuhlalu obusindayo obufakwa lapho kunemikhosi bugqokwe amadoda. Kuba nenjabulo futhi ngezikhathi zemikhosi lapho abantu bebuthana bezungeza ishabhu ukuze bahlabelele futhi basinele isigqi sesivuthelo.

Incwadi ethi History of West Africa ithi: “Umkhiqizo wobuciko wamaNupe . . . wengilazi . . . usengomunye wephuma phambili kuleli zwekazi.” Abanye bayavuma. Esinye isithunywa sevangeli esingumKristu sathi: “Sathenga ubuhlalu baseBida kanye nobakwezinye izindawo ukuze sinikeze abangane nabemikhaya yethu lapho siseholidini. Ngaso sonke isikhathi lapho sifika e-United States, abangane bethu bakhetha ubuhlalu baseBida!”

[Isithombe ekhasini 26]

Ukushisa ingilazi eziko

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela