Kwamenza Wazizwa Engcono
UTARA PATEL ubhala ingosi enesihloko esithi “Ngingedwa” kwelithi The Daily, iphephandaba elinyatheliswa eBombay, eNdiya. Ngo-January wabhala ngesihloko esithi “Ingabe Ukuphila Kwakho Kunesithukuthezi? Ungakushintsha!,” esasikuyi-Phaphama! ka-January 22, 1995. “Nginesikhokhelo sayo,” esho nge-Phaphama!, “nakuba ngithambekele ekuyishayeni indiva njengoba ngiyibheka njengomunye womagazini bezwe abangcwele-ngcwele.”
Nokho, wanezela: “Njengoba ngangiqhubeka ngifunda ngijula ngalesihloko, ngakhuluma buthule, kuyiqiniso, ukuphila kwami kunesithukuthezi, kunesithukuthezi kabi. Ungabuzi nokubuza ukuthi kunesithukuthezi kanjani! Ngakho liyini ikhambi?” Wayeseqhubeka ecaphuna i-Phaphama! ngokuningiliziwe, ephetha ngokuthi: “Qhubeka ufunda. Yiba nemigomo yomuntu siqu. Sungula izinto. Yenza okuthile ngezandla zakho. Yiba nenjongo ekuphileni. Hilela uNkulunkulu.
“Kungakhathaliseki ukuthi leso seluleko singcwele-ngcwele noma cha, lapho ucabanga ngaso, yiseluleko esinengqondo. Ngandlela-thile [lomagazini] i-Phaphama! ungenza ngizizwe ngingcono. Yenza isikhokhelo sawo uma uthanda.” Khona-ke uTara Patel wanikeza ikheli laseNdiya ukuze umuntu athole ukwaziswa okwengeziwe.
Uma ungathanda ukuthola ikhophi ye-Phaphama! kanye nomagazini ongumngane wayo, INqabayokulinda, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.