Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 10/22 k. 31
  • Kungakubulala Yini Ukudabuka Kwenhliziyo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungakubulala Yini Ukudabuka Kwenhliziyo?
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuchopho Bakho—Buyinkimbinkimbi Eyisimangaliso
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuzimisela Ukukhonza UJehova Ngenhliziyo Epheleleyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Zuza Inhliziyo Ejabulisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Isifo Senhliziyo—Usongo Ekuphileni
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 10/22 k. 31

Kungakubulala Yini Ukudabuka Kwenhliziyo?

NGOKUDABUKISAYO, kuyisenzakalo esiyinsakavukela: Umuntu osegugile obonakala engumqemane osanda kulahlekelwa umngane wakhe womshado ngokufa uyaquleka futhi afe ezinsukwini noma emasontweni ambalwa. Iyini imbangela yokufa? “Ukudabuka kwenhliziyo,” kusho abangane.

Lokhu kungase kube isimo esingokoqobo. Sekuyisikhathi eside abacwaningi bazi ukuthi ukucindezeleka okungapheli kugcwalisa inhliziyo ngamakhemikhali angayibangela ukuba ingashayi kahle noma ngisho nokufinyela kwemisipha. Kodwa kuseyindida ukuthi lenqubo iqala kanjani ebuchosheni.

UStephen M. Oppenheimer, isazi sezinzwa esikoleni sezokwelapha eJohns Hopkins University eBaltimore, eMaryland, e-U.S.A., ukholelwa ukuthi useyitholile ingxenye yobuchopho exhumanisa inhliziyo nemizwelo. I-insular cortex iyingxenye encane yobuchopho lapho isimiso sezinzwa ezizisebenzela ngokwazo, esilawula imisebenzi enjengokuphefumula nokushaya kwenhliziyo, sihlangana khona nesimiso sokusebenza kwemizwelo, esiphathelene nemizwelo, njengentukuthelo, ukwesaba, nenjabulo. UDkt. Oppenheimer wathola ukuthi ukushukunyiswa kwe-insular cortex emagundaneni kubangela ukulimala kwemisipha yenhliziyo okufana nalokho okwenzeka kubantu abahlaselwa ukungashayi kwenhliziyo kahle. Ukushukunyiswa kwe-insular cortex kubantu kuye kwabonisa ukuthi nakho kubangela izinguquko ekushayeni kwenhliziyo nasemfuthweni wegazi. Lemiphumela ibonisa ukuthi ngempela ukudabuka kwenhliziyo kungambulala umuntu.

Abanye bathi ukudabuka kwenhliziyo kwakuyimbangela yokufa kukaJesu Kristu, okwaprofethwa lokhu ngaye: “Ukuthukwa [kuyidabukisile, NW] inhliziyo yami, ngigula kakhulu.” (IHubo 69:20) Ingabe lamazwi kumelwe aqondwe njengoba enjalo? Mhlawumbe, ngoba amahora andulela ukufa kukaJesu ayebangela umunyu—hhayi ngokomzimba kuphela kodwa nangokomzwelo. (Mathewu 27:46; Luka 22:44; Heberu 5:7) Ngaphezu kwalokho, kungenzeka ukudabuka kwenhliziyo kwabangela ukuba kuphume “igazi namanzi” enxebeni lomkhonto kuJesu ngemuva nje kokufa kwakhe. Ukuqhuma kwenhliziyo noma komthambo wegazi omkhulu kungophisela igazi esifubeni noma kuyi-pericardium—ulwelwesi olunoketshezi olumboze inhliziyo. Noma ngabe wayegwazwe kuphi kwakungabangela ukuphuma kwalokho okwakuyobonakala ‘njengegazi namanzi.’—Johane 19:34.

Yiqiniso, ngokungangabazeki kwakuhileleke ezinye izici ekufeni kukaJesu ngokushesha, kuhlanganise nendlela abethelwa ngayo nokuxhashazwa akukhuthazelela ngaphambi kwalokho. Yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuthi ngaphansi kwalezi zimo ezinzima, uJesu wagcina ubuqotho bakhe! Ngenxa yalokho, waphakanyiswa kakhulu uYise, uJehova. (Filipi 2:8-11) Ngaphezu kwalokho, wenza kwaba nokwenzeka ukuba siphile phakade emhlabeni oyipharadesi.—Johane 17:3; IsAmbulo 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela