Umbono WeBhayibheli
Indima Onayo Emithandazweni Yakho
EQELENI elibheke umuzi othile, inkosi evinjezelwe ibutho ihlaba ikhefu kancane ukuze icabange ngodedangendlale wesigodlo sayo, isibhadlazi senhloko-dolobha, nesimo esidabukisayo somkhaya wayo. Ibutho elikhulu seliqoqene ngaseningizimu futhi manje liyahamba liqonde kulomuzi. Izikhulu eziphezulu zombuso ziye zambuka, futhi abantu abaningi baye bahlamuka basekela amahlubuka. Idangele, lenkosi ithandaza kuNkulunkulu. Njengoba iyindoda ekholwa kakhulu, liyakhula ithemba layo lokuthi uNkulunkulu uzokuzwa ukunxusa kwayo futhi abhuntshise amacebo alabo abayakhela uzungu. Khona-ke, ifulathela umuzi wayo owubukhazikhazi, yewuka intaba ishone ngasenyakatho ehlane elingalé komfula. Yini enye engayenza? Isimo manje sesisezandleni zikaNkulunkulu.
Ngendlela efanayo, amakholwa athobekile aphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo ngezikhathi zobunzima enesiqiniseko esiduduzayo sokuthi kanye nokunikeza iziqondiso ezicacile zendlela yokuthandaza, iBhayibheli lembula ukuthi uJehova uNkulunkulu ‘unguMuzwi wemithandazo.’ (IHubo 65:2) Siyaqinisekiswa ukuthi bonke abafuna uNkulunkulu abanhliziyo ziqotho uyobezwa.
Nokho, ingabe ukholo nomthandazo kwanele? Iyiphi ingxenye esiba nayo ukuze imithandazo yethu iphumelele?
Singaba Kanjani Nengxenye?
Lenkosi okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwakuyiNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo. Ibhekene nozungu eyayiluboshelwa indodana yayo u-Abisalomu kanye nomluleki wayo ongumzenzisi u-Ahithofeli, yakhetha ukubaleka eJerusalema ifune isiphephelo emzini osehlane oqinile wakwaMahanayimi empumalanga yoMfula iJordani. Cishe isindwa ukudumazeka, ukucindezeleka, nokukhathazeka, yanxusa uJehova ngomthandazo, ithi: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.” (2 Samuweli 15:11-15, 30, 31) Nokho, uDavide wenza okungaphezu kokuthandaza. Waba nengxenye engokoqobo ekuphumeleleni komthandazo wakhe. Kanjani?
Ingxenye yakhe wayiqala ngaphambili kakhulu kokulingwa ayebhekene nakho. Phakathi neminyaka eminingi, ngisho nangaphambi kokuba abe inkosi, uDavide wazibonakalisa engumkhulekeli kaJehova oqotho. (1 Samuweli 16:12, 13; IzEnzo 13:22) Waba seduze kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, lapho engaphansi kokulingwa, uDavide waba nokholo lokuthi uJehova wayeyowuzwa umthandazo wakhe futhi awuphendule ngendlela efanele.
Kungokufanayo nanamuhla. Ngokuvamile indlela eyinhloko esingaba nengxenye ngayo ukuze imithandazo yethu iphumelele iwukulandela iseluleko seBhayibheli njengendlela yokuphila yasikhathi sonke. Ukunamathela okuqotho kanjalo ezimisweni ezinikezwe uNkulunkulu kwakha ubuhlobo obuseduze naye. Lokhu kusondela kuNkulunkulu nokuba nokholo kufanele kube sekukhona ngaphambi kokuba ukulingwa kuqale. Kufanele kufane nesisekelo esiqinile okuzokwakhiwa kuso indlu; kufanele sibe sesikhona ngaphambi kokuba isakhiwo esisindayo sakhiwe phezu kwaso. Ngaleyo ndlela singakwazi—ngisho namanje, kungakafiki ukulingwa—ukuba nengxenye empumelelweni yemithandazo yethu eminingi.
Yiba Nendima Yenkuthalo!
Nakuba kuyiqiniso ukuthi ubuhlobo bukaDavide noNkulunkulu bafeza indima ebalulekile, waqaphela nokuthi wayengenakuba isibukeli esisonge izandla ekuphumeleleni komthandazo wakhe. Ngokuphambene, uDavide wafeza indima yenkuthalo njengoba kufakazelwa inkambo yokuhlakanipha eyalandela umthandazo wakhe.
Phakathi kwabangane bakaDavide abaqotho kwakunomArki ogama lakhe linguHushayi. UHushayi wahlangana nalenkosi eyayibaleka eNtabeni YemiNqumo. Nakuba ayefisa ukuphelezela uDavide eya ekudingisweni, uHushayi wazithoba ekunxuseni kukaDavide kokuba ahlale emzini. Kwakumelwe enze sengathi uthembekile ku-Abisalomu, azame ukubhuntshisa iseluleko somluleki oyimbuka u-Ahithofeli, futhi njalo azise uDavide ngezenzakalo. (2 Samuweli 15:32-37) Njengoba kwakulindelekile, uHushayi waphumelela ekuzuzeni ukwethenjwa u-Abisalomu. Manje uJehova wayesezongenela.
U-Ahithofeli ohlakaniphile, nokho oyiqili, wasikisela icebo elikhaliphile. Wanxusa u-Abisalomu ukuba amnike amadoda angu-12 000 azohlasela ngawo uDavide ngabo bona lobo busuku esabaleka, engahlelekile futhi engavikelekile—isenzakalo esasiyoqinisekisa ukuthi lokhu kuvukela kuyaphumelela! Nokho, okwamangalisa abaningi ukuthi u-Abisalomu wafuna iseluleko sikaHushayi kulendaba. Weluleka u-Abisalomu ukuba azinike isikhathi eqoqa ibutho lamadoda elikhulu kakhulu, elalizokhuzwa u-Abisalomu ngokwakhe. Ngesiqondiso sikaJehova, iseluleko sikaHushayi samukelwa. U-Ahithofeli, cishe eqaphela ukuthi ukulandela iseluleko sikaHushayi kwakusho ukunqotshwa nakanjani, waphindela kwakhe futhi wazibulala.—2 Samuweli 17:1-14, 23.
Kwakungekho kungabaza ngokuthi uJehova wayewuphendulile umthandazo kaDavide njengoba nje ayethandazile. Isibonelo sikaDavide sokwenza ngokuvumelana nomthandazo wakhe sinikeza bonke abafuna usizo lukaNkulunkulu ngomthandazo isifundo esibalulekile.
UJehova Uyoyenza Ingxenye Yakhe
Yiqiniso, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele isinkwa sabo sansuku zonke futhi wathembisa ukuthi uma bebeka izithakazelo zikaNkulunkulu kuqala, wayezozinakekela izidingo zabo. (Mathewu 6:11, 33) Ngokwesibonelo, uma umuntu engasebenzi, kumelwe enze ngokuvumelana nomthandazo wakhe acela kuwo okokuzisekela ngokwenza konke angakwenza ukuze athole noma adale umsebenzi.
Kungakhathaliseki ukuthi imithandazo yethu imayelana nani, ikhono lethu lokuba nengxenye ukuze iphumelele liyahlukahluka kakhulu. Kunezikhathi esingenza ngazo okuningi kanti kunezinye esingenza ngazo okuncane kakhulu, uma kukhona esingakwenza. Iphuzu elibalulekile alikhona lokho esingakwazi ukukwenza noma esingeke sikwazi ukukwenza, kodwa liwukuthi siyakwenza yini konke okusemandleni.
Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyazazi izimo zethu namakhono ethu. Ukuqaphela ngokugcwele lokho esingase sikwazi ukukwenza, futhi akasoze afuna senze okungaphezu kwesingakufeza. Kungakhathaliseki ukuthi singakwazi ukwenza okukhulu kakhulu noma okuncane kakhulu, uJehova uyosenzela okusihlulayo. Uyayazisa futhi uyayisekela imizamo yethu futhi uyosebenzelana nayo ukuze aveze umphumela ongcono kunayo yonke kulabo abahilelekile.—IHubo 3:3-7.
Iphakathi kobunzima, iNkosi uDavide yayingasho ngokuqiniseka: “Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe-kubantu bakho.” (IHubo 3:8) Kwangathi ukuthembela kwethu emandleni kaJehova kanye nokwenza ingxenye yethu, inkulu noma incane, kungaholela ekuphumeleleni kwemithandazo yethu.