Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 7/8 k. 1-k. 24 isig. 4
  • Yini Ongayenza Ngephunga Elibi Lomlomo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ongayenza Ngephunga Elibi Lomlomo?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Eyaziwayo Ngephunga Elibi Lomlomo?
  • “Sawubona! Linjani Iphunga Lomlomo Wakho?”
  • Indlela Yokuvimbela Iphunga Elibi Lomlomo
  • Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Usengozini Yokuba Nesifo Sezinsini?
    I-Phaphama!—2014
  • Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Udinga Amazinyo Okufakelwa?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 7/8 k. 1-k. 24 isig. 4

Yini Ongayenza Ngephunga Elibi Lomlomo?

Kuthiwa lingesinye sezikhalazo ezivame kakhulu emhlabeni, likhathaza abantu abadala abangaphezu kwamaphesenti angu-80 ngezikhathi ezithile. Lingabangela amahloni, ukukhungatheka, nosizi.

EMKHAKHENI wezobuchwepheshe, laziwa kabanzi ngokuthi i-halitosis, lisuselwa egameni lesiLatini elithi halitus, elisho “umoya,” nesijobelelo esithi -osis, esibhekisela esimweni esingalungile. Abanye balibiza nangokuthi i-oral malodor. Kodwa abantu abaningi balazi nje ngokuthi iphunga elibi lomlomo!

Ingabe unephunga elibi lomlomo? Nakuba kungase kube lula ngawe ukuzwa iphunga elibi lomlomo kwabanye abantu, kungase kube nzima ukuzwa elakho. Iphephabhuku le-American Dental Association, i-JADA, lichaza ukuthi ngokuvamile siyalijwayela iphunga lethu lomlomo elibi nokuthi ngisho nabantu “abanephunga lomlomo elibi kakhulu bangase bangayiqapheli ngokwabo lenkinga.” Ngakho, abaningi kithi baqaphela ukuthi banephunga elibi lomlomo lapho othile ebatshela. Yeka indlela okubangela amahloni ngayo!

Iqiniso lokuthi lokhu kuyinkinga evamile aliyona induduzo. Ngokuvamile iphunga elibi lomlomo libhekwa njengelicasulayo nelingamukeleki. Kwezinye izimo, lingabangela ngisho nokuphazamiseka ngokomzwelo okungathi sína. UDkt. Mel Rosenberg, umphathi weLaboratory of Oral Microbiology eTel Aviv University kwa-Israel uyachaza: “Iphunga elibi lomlomo, kungakhathaliseki ukuthi likhona ngempela noma liyacatshangelwa, lingaholela ekuzihlukaniseni nomphakathi, esehlukanisweni, ngisho nasekucabangeni ukuzibulala.”

Yini Eyaziwayo Ngephunga Elibi Lomlomo?

Sekuyisikhathi eside ochwepheshe bezempilo beqaphela ukuthi iphunga elibi lomlomo liwuphawu olukhulu lwempilo engeyinhle. Ngenxa yalokho, kusukela ezikhathini zasendulo odokotela baye bahlola amaphunga omlomo womuntu.

Cishe eminyakeni engamakhulu amabili edlule, umthaki wemithi waseFrance owaziwayo u-Antoine-Laurent Lavoisier wasungula umshini wokuhlola iphunga ukuze ahlole izakhi zephunga lomlomo womuntu. Kusukela ngaleso sikhathi, ososayensi baye basungula imishini ethuthukisiwe. Namuhla, izindawo zokuhlola eCanada, kwa-Israel, eJapane, naseNetherlands zisebenzisa i-halimeter, elinganisa izinga lamaphunga amabi emlonyeni. ENew Zealand, ososayensi baye basungula izikhungo zokukhulisa i-plaque, ezaziwa nangokuthi imilomo yokuzenzela. Lezi zakha indawo efana nesemlonyeni womuntu, enamathe, i-plaque, amagciwane, ngisho nephunga elibi.a

Ngosizo lobuchwepheshe besimanje, ososayensi sebefunde okuningi ngephunga lomlomo wethu. Ngokwesibonelo, ngokukamagazini i-Scientific American, “abacwaningi sebephawule izakhi eziyingozi ezibangela ukubola ezingaba ngu-400 ephungeni lomlomo elivamile.” Nokho, akuzona zonke lezi zakhi ezikhiqiza amaphunga amabi. Izimbangela eziyinhloko zephunga elibi lomlomo i-hydrogen sulfide ne-methyl mercaptan. Kuthiwa lamagesi enza imilomo yethu ibe nephunga elinjengeleqaqa.

Umlomo womuntu uthwala izinhlobo zamagciwane ezingaphezu kuka-300. I-Tufts University Diet & Nutrition Letter ithi: “Njengoba umnyama, ufudumele, futhi unomswakama, umlomo uyindawo ehamba phambili lapho kungachuma khona amagciwane abangela iphunga.” Kodwa izinhlobo ezine kuphela ngokuyinhloko ezibangela iphunga elibi lomlomo. Zihlala emlonyeni wakho, kodwa cishe awukawazi amagama azo. Amagama azo i-Veillonella alcalescens, i-Fusobacterium nucleatum, i-Bacteroides melaninogenicus, ne-Klebsiella pneumoniae. Zidla izilongotshane zokudla, amangqamuzana afile, nezinye izinto ezisemlonyeni. Lokhu kusebenza kwamagciwane kukhiqiza amagesi anephunga elibi. Lenqubo ifana naleyo eyenzeka lapho kubola imfucumfucu. Ngokufanelekile, iphephabhuku lezamazinyo i-J Periodontol liyachaza: “Ezimweni eziningi, i-halitosis iqala emlonyeni ngokwawo, njengomphumela wokubola okubangelwa amagciwane [ukubola kwezinto].” Uma inganakwa, lenqubo ingaholela ekuboleni kwamazinyo nasesifweni sezinsini.

“Sawubona! Linjani Iphunga Lomlomo Wakho?”

Lenqubo yokubola emlonyeni iyashesha lapho ulele. Ngani? Phakathi nosuku, umlomo uhlanjululwa njalo ngamathe agcwele umoya-mpilo futhi ane-asidi encane, asusa amagciwane. Nokho, ukukhiqizwa kwamathe ihora ngalinye kuncipha cishe ngo-1/50 kunezinga elivamile lapho ulele. Njengoba omunye umagazini ukubeka, umlomo owomile “uba isiziba samagciwane angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1 600,” okubangela “iphunga lasekuseni” elidumile nephunga lalo elibi.

Ukuncipha kwamathe kungabangelwa futhi ukucindezeleka lapho uphapheme. Ngokwesibonelo, isikhulumi sasobala esinovalo singase sibe nomlomo owomile lapho sikhuluma futhi kanjalo sibe ne-halitosis embi kakhulu. Ukoma komlomo futhi kuwumphumela noma uphawu lwezifo eziningana.

Kodwa iphunga elibi lomlomo alibangelwa ngaso sonke isikhathi amagciwane emlonyeni. Eqinisweni, ngokuvamile liwuphawu lwezimo nezifo ezihlukahlukene. (Bheka ibhokisi ekhasini 22.) Ngenxa yalokhu, lapho kunephunga elibi lomlomo eliphikelelayo, kungcono kakhulu ukufuna usizo lwezokwelapha.

Iphunga elibi lomlomo lingase liqubuke nasesiswini. Nokho, ngokuphambene nenkolelo evamile, lokhu akuvamile. Ngokuvamile, amaphunga athile amabi afinyelela emlonyeni wakho esuka emaphashini. Kanjani? Ngemva kokuba okunye ukudla, njengesweli noma u-anyanisi, sekugayekile, kungena emithanjeni yegazi kuye emaphashini. Khona-ke amaphunga ako aphuma ngomgudu wokuphefumula aye emlonyeni nasekhaleni lakho. Ngokukamagazini i-Health, “ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi abantu baba nephunga lesweli ngisho nalapho izigaxa zihlikihlwa nje ematheni ezinyawo zabo noma bazigwinye bengazihlafunanga.”

Ukuphuza uphuzo oludakayo nakho kuyogcwalisa igazi lakho namaphaphu ngephunga lotshwala. Lapho lokhu kwenzeka, cishe akukho ongakwenza ukuze ulungise isimo ngaphandle kokulinda. Amaphunga okudla okuthile ayohlala emzimbeni wakho amahora angaba ngu-72.

Indlela Yokuvimbela Iphunga Elibi Lomlomo

Iphunga elibi lomlomo alinakuqedwa ngokumane udle uswidi wokunandisa iphunga. Khumbula ukuthi iphunga elibi lomlomo ngokuvamile libangelwa amagciwane asemlonyeni. Umuntu kumelwe akhumbule njalo ukuthi ukudla okuncane okusala emlonyeni kondla amagciwane ayizigidigidi. Ngakho-ke, enye indlela ebaluleke kakhulu yokulwa nephunga elibi lomlomo iwukugcina umlomo wakho uhlanzekile, kanjalo unciphise amagciwane akuwo. Lokhu kwenziwa ngokususa njalo ukudla ne-plaque emazinyweni akho. Kanjani? Ukuxubha amazinyo akho ngemva kokudla nalapho usuyolala kubalulekile. Kodwa ukuxubha kumane kungesinye salezi zinyathelo.

Kunezindawo zamazinyo ezingafinyeleleki ngesixubho. Ngakho kubalulekile ukuvungula okungenani kanye ngosuku. Ochwepheshe batusa nokugeza ulimi lwakho ngesixubho ngesineke, oluyindawo yokucasha ethandwayo nendawo amagciwane achuma kuyo. Ukuhlola ngezikhathi ezithile nokukhuhlwa kwamazinyo udokotela nomhlanzi wamazinyo nakho kudingekile. Ukweqa noma isiphi kulezi zinyathelo kungabangela iphunga elibi lomlomo, futhi ngokuhamba kwesikhathi, izifo eziyingozi zamazinyo nezinsini.

Kunezinyathelo zesikhashana ezingathathwa futhi ukuze wenze iphunga lomlomo wakho libe lihle. Phuza amanzi, hlafuna ushungamu ongenashukela—yenza okuthile okuyokwandisa amathe emlonyeni wakho. Khumbula ukuthi amathe ayindlela yokuhlanza engokwemvelo ehlambulula amagciwane futhi yakhe indawo engathandeki kuwo.

Imithi yokugeza umlomo ethengwayo ingasiza, kodwa ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi akufanele uncike kuyo ngokuphelele lapho ulwa nephunga elibi lomlomo. Eqinisweni, ukugeza umlomo njalo ngemithi yokugeza umlomo ene-alcohol kungabangela ukoma komlomo. Eminye yemikhiqizo ephumelela kakhulu yokugeza umlomo ethengwayo inciphisa i-plaque ngamaphesenti angu-28 kuphela. Ngakho ngemva kokusebenzisa umuthi wokugeza umlomo, emlonyeni wakho kungase kusale amaphesenti angaphezu kuka-70 enani lamagciwane abekhona. Umagazini i-Consumer Reports uchaza ukuthi ochungechungeni lokuhlola, “iphunga elibi lomlomo ngokuvamile libuya ngemva kwesikhathi esiphakathi kwemizuzu eyishumi nehora ngemva kokugeza” ngomuthi wokugeza umlomo. Ngisho nemithi yokugeza umlomo enamandla, etholakala emazweni amaningi ngencwadi kadokotela kuphela, inciphisa i-plaque ngamaphesenti angu-55 kuphela. Ngemva kwamahora nje ambalwa, amagciwane ayanda abe inani lawo langaphambili.

Ngokusobala, lapho kuziwa ekuvimbeleni iphunga elibi lomlomo, kumelwe sigwenywe isimo sengqondo sokunganaki. Kunalokho, kufanele uphathe umlomo namazinyo akho njengamathuluzi ayigugu adinga ukunakekelwa ngaso sonke isikhathi. Ababazi nomakhenika abaqotho bavikela amathuluzi abo ekugqwaleni, ekulimaleni, nakomunye umonakalo ngokulandela izinqubo ezithile zokuwanakekela ngemva kokuqeda umsebenzi ngamunye. Amazinyo nomlomo wakho kuyigugu kakhulu kunanoma yimaphi amathuluzi enziwe umuntu. Ngakho kunakekele ngendlela ekufanele. Ngokwenza kanjalo, uyoqeda iphunga elibi lomlomo, kanye nokukhungatheka namahloni eliwabangelayo. Okubaluleke nakakhulu, umlomo wakho uyohlanzeka futhi ube nempilo kakhudlwana.

[Umbhalo waphansi]

a I-plaque okuthile okunamathelayo okwakheka phezu kwamazinyo. Ngokuyinhloko inamagciwane angalimaza amazinyo nezinsini zakho.

[Ibhokisi ekhasini 22]

Yini Ebangela Iphunga Elibi Lomlomo?

Okulandelayo kuphakathi kwezimo eziningi, ukugula, nemikhuba engabangela iphunga elibi lomlomo:

Ukucinana kwemigudu yokuphefumula

Ukuluma kwesisu okungamahlalakhona

Isifo sikashukela

Ukuphuza uphuzo oludakayo

Ukoma komlomo

I-empyema

Ukubhodla

Izifo zezinsini

I-hiatal hernias

Isifo sezinso

Isifo sesibindi

Ukuya esikhathini

Izilonda emlonyeni

Ukukhiqizwa kwamaqanda esizalweni

Ukungahlanzeki komlomo

Ukucinana komgudu wamakhala

Ukubhema ugwayi

Izinhlobo ezithile zomdlavuza

Izinhlobo ezithile zemithi

Ukubola kwamazinyo

Isifo sofuba

Izilonda ezibangelwa ukuhlinzwa amazinyo

[Ibhokisi ekhasini 24]

Ulimi Lwakho Nalo Ludinga Ukunakekelwa

Yiya esibukweni esiseduze, bese ubukisisa ulimi lwakho. Ingabe lunemisele emincane eminingi? Lokhu kungokwemvelo. Kodwa leyomisele esolimini lwakho ingafihla izigidi zamagciwane. Lapho engaphazanyiswa, lamagciwane angabangela inkinga ephikelelayo yephunga elibi lomlomo nezinye izimo ezingenampilo. Nokho, abantu bavame ukungalunaki ulimi lapho begeza umlomo.

Odokotela bamazinyo batusa ukugeza ulimi njalo ngesixubho esithambile njengekhambi le-halitosis. Abanye ochwepheshe batusa ukusebenzisa isikhuhlo solimi. ENdiya, sekuyiminyaka eminingi abantu besebenzisa izikhuhlo zolimi njengendlela yokuqeda iphunga elibi lomlomo. Eminyakeni eminingi edlule zazenziwa ngensimbi, kodwa namuhla zivame kakhulu izikhuhlo zepulasitiki. Kwezinye izindawo, kungase kudingeke uthintane nodokotela wakho wamazinyo ukuze uthole isikhuhlo.

[Izithombe ekhasini 23]

Inhlanzeko yomlomo efanele ihlanganisa ukuvungula kanye nokuxubha amazinyo nokugeza ulimi ngesixubho

[Umthombo Wesithombe ekhasini 21]

Life

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela