Ungaphuthelwa Umhlangano Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo”
Ulindelwe izinsuku ezintathu ezivuzayo zokufundiswa ngeBhayibheli. Yiba khona lapho isimiso siqala ngomculo ngo-9:40 ngoLwesihlanu ekuseni. Jabulela inkulumo yokuqala, ethi “Niyemukelwa, Nina Badumisi BakaJehova Abajabulayo!,” kanye nenkulumo eyisihluthulelo, ethi “Nahlukaniselwe Ukuba Abadumisi Abajabulayo Emhlabeni Wonke.”
Isimiso sangoLwesihlanu ntambama siyogxila entsheni, kubazali bayo, nasemfundweni. Abaningi bayofuna ukuzwa inkulumo ethi “Ingabe Ngikulungele Ukushada?” Abazali kufanele bayilalelisise ingxoxo ethi “Abazali Abajabulayo Ngabantwana Babo.” Isimiso santambama siyophetha ngenkulumo ethi “Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova.” Lokho okulungiselelwe kufanele kusize intsha ukuba iqhubeke ngokuphumelelayo esikoleni.
Uchungechunge lwangoMgqibelo ekuseni, oluthi “Ukuphendula Isimemo Sokudumisa UJehova,” kumelwe lukhuthaze kwabaningi. Isimiso sasekuseni siyophetha ngenkulumo yobhapathizo. Ntambama, kuyoba nengxoxo engagudl’ iguma ephathelene nendlela uSathane aye wasebenzisa ngayo inkanuko yobulili ukuze abambe abantu ngogibe. Isimiso salolosuku siyophetha ngokunikezwa kokwaziswa okufanele kuhlomisele abantu bakaNkulunkulu ukuba bafeze inkonzo yabo ngokuphumelela ngokwengeziwe.
Isimiso sangeSonto ekuseni siyoba nokwaziswa okushukumisayo okugxilisa ukunakekela esidingweni esiphuthumayo sokubalekela endaweni ephephile ngaphandle kokulibala ngaphambi ‘kosizi olukhulu.’ (Mathewu 24:21) Lesisimiso siyophetha ngedrama ebalulekile ethi “Ukwazisa Abafanelekayo Eminyakeni Yabo Yobudala.” Ntambama, inkulumo yeningi ethi “Dumisani INkosi Engunaphakade!” iyoba ngesinye isici esivelele kulomhlangano.
Njengoba i-Afrika eseningizimu iyodwa ihlelelwe imihlangano engu-30, kuyoba nomhlangano ongekude nekhaya lakho. Bonana noFakazi BakaJehova abasendaweni yakini ukuze uthole isikhathi nendawo yalowo oseduze kakhulu nawe.