Intsha Iyabuza. . .
Ngingayiqeda Kanjani Lemizwa?
“Nakuba manje ngibuthola bunengeka ubungqingili, ngezinye izikhathi ngibuthola bungikhanga. Lemizwa iyangiphazamisa, ngezinye izikhathi imini nobusuku. Ngiye ngathandaza kuJehova ngokungaphezi, ‘Susa lemizwa emibi!’ Ingabe iyoke iphele?”—UDennis.a
INTSHA eningi engamaKristu—abesilisa nabesifazane—iye yacela usizo oluphuthumayo ngendlela efanayo. Izizwa ithambekele ebungqingilini kodwa ayifuni ukuhlanganyela ekuziphatheni okuxekethile, ezifweni, nasekuwohlokeni kokuziphatha okuphawula leyondlela yokuphila. Okubaluleke nakakhulu, ifuna ukuthokozisa uNkulunkulu, futhi eZwini lakhe ubulahla ngokungagwegwesi ubungqingili.—Roma 1:26, 27; Kolose 1:10.
Ngokuvamile kuthiwa ongqingili abanakushintsha. Nokho, lokhu akulona iqiniso. Amanye amaKristu okuqala ayeke ahlanganyela ebungqingilini, kodwa ashintsha. (1 Korinte 6:9-11) Yebo, ngokuphambene nezinganekwane ezithandwayo, abantu bangashintsha futhi bayashintsha. Nokho, nakuba osemusha engase aphumelele ekugwemeni izenzo zobungqingili, angase akuthole kunzima ukusiqeda ngokuphelele isifiso sobungqingili. Enye insizwa yavuma: “Ngiye ngazama ukushintsha imizwa yami. Ngiye ngathandaza kuJehova ngicela usizo. Ngifunda iBhayibheli. Ngiye ngezwa izinkulumo ezikhuluma ngalendaba. Kodwa angazi ukuthi ngiphendukele kuphi.”
Alikho ikhambi eliwumlingo noma elisheshayo. UDennis uyakhumbula: “Ngahlanganyela ebulilini nabantu bobulili obuhlukile ngomzamo wokuba ‘indoda.’ Konke lokhu kwakuyize futhi kwamane kwabangela ubuhlungu obengeziwe.” Nakuba kunjalo, ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, umuntu angabhekana nemizwa enjalo.
Ukuqaphela Imikhuba Yokucabanga Engalungile
Okokuqala, qaphela ukuthi izenzo zandulelwa imicabango. (Isaya 55:6, 7; Jakobe 1:14, 15) Ngempela, uDkt. Wayne W. Dyer uyaphawula: “Awunakuba nomuzwa (umzwelo) othile ungazange uqale ngokuba nomcabango.” Ngakho umnyombo wezinkanuko zobungqingili kungase kube indlela yokucabanga okusontekile ngokuqondene nawe, abobulili obuhlukile, uthando, nokunye. Ngaphambi kokuba umuntu ‘aguqule ingqondo yakhe’ futhi ashintshe imicabango enjalo, kumelwe aqale ngokuyiphawula. (Roma 12:2) Ukwenza kanjalo kunganikeza umuntu ukuqonda okubalulekile kokuthi kungani ngempela ekhangwa abobulili obufana nobakhe.
Umuntu angakwenza kanjani lokhu? Enye indlela iwukuthandaza, njengoba kwenza umhubi: “[Ngihlole,] Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi.” (IHubo 139:23, 24) Kungase kusize futhi nokuxoxa ngemizwa yakhe nomKristu othembekile novuthiwe. Njengoba izAga 27:17 zikubeka, “insimbi ilola insimbi.” Ngakho enye insizwa yathulula isifuba kumdala othile ongumKristu owayaziwa ngokuba oqondayo nonozwela. Kwakungelula neze ngayo ukuthemba omunye umuntu ngemfihlo yayo, kodwa kwakheka ubuhlobo obuyigugu. Ithi: “Ngingaxoxa naye nganoma yini.” Lomdala akalaleli nje kuphela, kodwa ngokubuza ngekhono, usiza lensizwa ukuba iveze imizwa nemicabango yayo.—Qhathanisa nezAga 20:5.
Uma owesilisa eye waba noyise ongamamukeli noma oxhaphazayo, angase athole ukuthi ukukhangwa abobulili obufana nobakhe empeleni kuwumzamo oyize wokugcwalisa isidingo sothando lukayise. Njengoba engazange abe nesibonelo somuntu wesilisa, angase abe nalokho uDkt. Joseph Nicolosi akubiza ngokuthi “umuzwa wobuthakathaka nokungafaneleki ngokuphathelene nalezozimfanelo ezihlobene nobudoda, okuwukuthi, amandla, nokuqiniseka.” Uma umuntu ezihlaziya ngokucophelela izici ezithile anomuzwa wokuthi uyazintula, angase amangale lapho ethola ukuthi lezi yizo kanye izici azithola zikhanga kwamanye amadoda.
“Izifundo” Ezibuhlungu Zesikhathi Esidlule
Enye intsha iyaqaphela ukuthi inkinga yayo ihlobene nokuhlangenwe nakho okubuhlungu kwesikhathi esidlule. Enye intombazane iyakhumbula: “Ngangichayeke ezincwadini zobungqingili ezinezithombe ezingcolile zobulili. Ngaqala ukuba nezinkanuko ezingezona ezingokwemvelo.” Insizwa ethile ithi: “Ngangiyisisulu sokuhlanganyela ubulili nobaba. Ngenxa yalokho, ukuhlanganyela ubulili nendoda kwakubonakala kungokwemvelo kimi.” Okuhlangenwe nakho okubuhlungu kanjalo kungase kufundise izisulu ukuba zizonde noma ngisho zisabe abobulili obuhlukile noma zifanise uthando nokusondelana ngokomzimba. Ngenxa yalokho esinye isisulu sichaza izinkanuko zaso zobulili ngokuthi “isidingo esingokomzwelo, hhayi esingokomzimba—isidingo sobumnene nokuqonda.”
Nokho, kuyavunywa ukuthi izimbangela zobungqingili ziyinkimbinkimbi, futhi izimo eziningi azichazeki kalula.b Nokho, kungakhathaliseki ukuthi yini eye yabangela ukucabanga okuyiphutha, kuningi umuntu angakwenza ukuze akulungise.
Ukuguqula Ingqondo Yakho
Indlela engcono kakhulu iwukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabangela insizwa ezithola ikhangwa amadoda anezimfanelo zobudoda enomuzwa wokuthi iyazintula. Noma intombi eyesaba abobulili obuhlukile. Enye indlela bobabili abangahlakulela ngayo umbono onempilo ngobudoda iwukutadisha isibonelo sikaJesu. (1 Petru 2:21) Wayeyisibonelo esiphelele sokusebenzisa amandla obudoda ngobumnene obunokulinganisela. (Mathewu 19:14; Johane 19:5) Ngenxa yalokho enye insizwa ikuthola kuwusizo ukutadisha incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.c Ithi: “Ukwazi uJesu kulungisa umbono wami ngalokho indoda efanele ibe yikho.”
Ukuzindla ngemibhalo yeBhayibheli ekhuluma ngezindaba ezinjengombono kaNkulunkulu ngobulili, uthando, nobuhlobo phakathi kwabantu bobulili obufanayo nakho kuwusizo ekulungiseni ukucabanga komuntu.—Genesise 1:27, 28; Ruthe 1:16, 17; 1 Samuweli 18:1; IzAga 5:18, 19; 1 Korinte 13:4-8.
Kubalulekile nokugwema ukugxila emicabangweni engalungile. Ngokuvamile lezizifiso zinamandla kakhulu lapho umuntu enesizungu, ecindezelekile, noma edumele. (IzAga 24:10) “Okuwukuphela kwendlela yokushintsha lokho esiyikho iwukushintsha imicabango emibi ibe mihle,” kusho owesifazane othile ongumKristu. Lapho efikelwa isifiso esingcolile, uzikhumbuza ngombono kaNkulunkulu ngobungqingili. Umfana othile osemusha uthi: “Noma nini lapho ngiba nezifiso zobungqingili, ngizindla ngombhalo weBhayibheli engiwuthandayo.” (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 10:4; Filipi 4:8.) Abanye baye bakuthola kuwusizo ukulala belalele amakhasethi ahlukahlukene asekelwe eBhayibhelini e-Watch Tower Society.
Njengoba indlela esicabanga ngayo ithonya indlela esiziphatha ngayo, indlela esiziphatha ngayo ingathonya indlela esicabanga futhi sizizwe ngayo. Ngakho umuntu kumelwe futhi ayeke ukuziphatha nobungane okuvusa noma okukhuthaza isifiso esingalungile. (1 Korinte 15:33) Kungase futhi kudingeke ukuba umuntu ‘aqaphele’ lapho kuziwa ezindaweni zomphakathi zokuphumula, emabhishi, ezindaweni zokugcina impahla, nezinye izindawo ezingase zimchaye ekulingweni.—IHubo 119:9.
Ukushaya indlwabu kungomunye umkhuba ongcolile okumelwe ugwenywe. Kongqingili abaningi besilisa nabesifazane, kuwukulutheka okungalawuleki. “Benginenkinga yokushaya indlwabu kusukela lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala,” kuvuma insizwa ethile. “Ukwakha amaphupho obulili kwakhuthaza imizwa yami yobungqingili.” Yilwa nalomkhuba ongcolile!d—Kolose 3:5.
Ngakolunye uhlangothi, kubalulekile nokuthi umuntu abe nemikhuba yokuziphatha enempilo. Abanye baye basikisela ukuthi uma insizwa ihlakulela izici zobudoda, ingase ingakhangwa amanye amadoda. Yiqiniso, insizwa ingase ingayazi indlela yokukwenza lokhu uma ingazange ibe nesibonelo sowesilisa esinamandla lapho isengumntwana. Ingase ingawuthandi ngisho nomzimba wayo siqu futhi iphatheke kabi noma izizwe ingeyona indoda. Ukusebenza, ukuvivinya umzimba okusesilinganisweni, noma imidlalo eqabulayo ngokuvamile kuyasiza kulesisici. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:8.) Kodwa njengoba insizwa uThimothewu yaba njengendodana kumphostoli uPawulu, umuntu angase akuthole kuwusizo kakhulu ukuhlakulela ubuhlobo obuhle nendoda ekhulile engumKristu olinganiselayo. (Filipi 2:19-22; 2 Thimothewu 3:10) Ngokubeka imingcele yokuziphatha ecacile nokuhlakulela ukukhulumisana ngokukhululekile, ubuhlobo obunjalo bungaba nemfudumalo nokwethembana, kodwa bungabi nokuthambekela kobulili.
Ngaphezu kwakho konke, umuntu kumelwe alwele ingokomoya elinamandla. Ukutadisha iBhayibheli njalo, umthandazo, nokuhlanganyela ukholo lwakho nabanye kusiza ekugcineni ingqondo yomuntu isezintweni ezingokomoya. (IHubo 55:22; 119:11; Roma 10:10) Ngezinye izikhathi imizwa yokungafaneleki ingase ikwenze kube nzima ukuba phakathi kwamaKristu okanye nawo, kodwa iBhayibheli lixwayisa ngokuzihlukanisa. (IzAga 18:1) Ubungane obuhle namaKristu abo bobubili ubulili bungasiza umuntu ukuba alondoloze ukulinganisela.—Heberu 10:24, 25.
Uma ukhathazwa isifiso sobungqingili, lokhu kusikisela kungase kube usizo. Nokho, ungadumali ngokweqile uma imizwa emibi ibelesela. UNkulunkulu uyayiqonda imizwa yakho futhi unozwela ngalabo abakhandlekela ukumkhonza. (1 Johane 3:19, 20) Ezweni elisha, isintu siyophulukiswa kuzo zonke izinsizi ezisikhathazayo. (IsAmbulo 21:3, 4) Okwamanje, thembela kuNkulunkulu futhi ulwisane nemizwa engalungile. (Galathiya 6:9) Ngokuhamba kwesikhathi nangomzamo wokuzimisela, mhlawumbe ngisho nezinkanuko ezingalungile zingaphela.
(Kusukela kumagazini wethu olandelayo, isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . .” sizokhishwa kanye ngenyanga.)
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Bheka esithi “Intsha Iyabuza . . .” kumagazini wethu ka-February 8, 1995.
c Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
d Izahluko 25 no-26 zencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo (enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.) ziqukethe ukusikisela okuwusizo okungasiza osemusha ukuba anqobe lomkhuba.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
Hlakulela umbono onempilo ngobudoda ngokutadisha isibonelo sikaJesu