Ikusasa Lakho—Lingaba Yini?
UKUHLOLA i-genome yomuntu kakade kwembula okuningi ngezifo ezingase ziphathe umuntu ekugcineni. Kodwa kuthiwani ngokwelashwa ngisho nokuvinjelwa kwezifo ezinjalo okungase kuvele?
I-Times yaseLondon igomela ngokuthi lapho abacwaningi befunda okwengeziwe ngama-genome ezitshalo, ezilwane, nawabantu, kulapho kuba namathuba engeziwe okusungula izidakamizwa namakhambi okwelapha izifo. Nakuba kunjalo, njengoba kubika umagazini i-Industry Week, ososayensi bakhipha isixwayiso ngoba lenqubo “ingasilela ngeminyaka engu-20 kuya kwengu-50 ngemva kokuxilongwa.” Lesisimo, ngokukaprofesa we-biochemistry uCharles Cantor, sishiya umuntu “cishe . . . engenalo ithemba.” Kodwa lokho akudingekile.
IBhayibheli likuthembisa ngokucacile ukuphela kwazo zonke izifo. IsAmbulo 21:4 sithi: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Ingabe izazi zezakhi zofuzo ziyokwenza kufezeke lokhu ngalokho umagazini i-Christian Century okubiza ngokuthi “ukudala ngezakhi zofuzo”? Ukugcwaliseka kwezithembiso zeBhayibheli akuxhomekile ekuqedweni kwe-Human Genome Project, ‘ekudaleni ngezakhi zofuzo,’ noma empeleni, ekuthuthukisweni kancane kancane kwendawo yethu ezungezile. Kunalokho, kuxhomeke ngokuqinisekile emandleni kaNkulunkulu ayisiphekupheku, umoya wakhe ongcwele.
Ukunqanda Ufuzo Nendawo Ezungezile
Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezintathu edlule, inkosi yakwa-Israyeli yathi: “Ngenziwa ngokwesabekayo.” Nakuba uDavide ayengazi lutho nge-Human Genome Project yanamuhla, wahlabelela kanje edumisa uNkulunkulu: “Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho.”—IHubo 139:14, 16.
Lenkosi yasendulo yayazi kanjani ukuthi ukukhula kwayo njengombungu esibelethweni sikanina kwakulandela iziyalezo ‘ezilotshiwe’? UDavide ngokwakhe wavuma: “UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.” (2 Samuweli 23:2) Yebo, amandla oMdali ayisiphekupheku, umoya ongcwele, aphefumlela imibhalo kaDavide.
Ingabe lapha asikho isifundo abantu abaningi namuhla abasishaya indiva, noma okungenani, abephuzayo ukusicabangela? Nakuba ufuzo nendawo ezungezile ngokwezinga elithile kusenza sibe yilokho esiyikho, umoya ongcwele kaNkulunkulu ungasithonya ngokunamandla, unqande ngisho namanye amathonya.
Cabangela indaba ka-Ian. Uyachaza: “Ngangingumfanyana osheshe athinteke. Ubaba usheshe athinteke ngezinye izikhathi, futhi manje namadodana ami anjalo. Lapho ngisemncane, ngangibulawa uvalo. Akukho engangikusho ngaphandle kokungingiza, khona-ke ngaqala ukusebenzisa utshwala njengekhambi. Babungidambisa, noma ngangicabanga kanjalo. Ngempela, ukuphuza kwenza izinzwa zami zaba zimbi nakakhulu.” Lapho u-Ian eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, waqaphela ukuthi kwakumelwe ayeke ukuncika otshwaleni ukuze alawule izinzwa zakhe. “Ngaba nomuzwa wokuthi ukuzimisela kwami kwakwanele, futhi empeleni ngayeka ukuphuza unyaka wonke. Kodwa,” uyavuma, “angikwazanga ukubuyeka ngokuphelele.”
Uyaqhubeka: “Ngolunye usuku, ngangihamba emgwaqweni izulu lina ngicabanga ukuthi ngangizohamba ngize ngiqumbeke phansi ngife. Ngangikuyekile ukuphuza kodwa ngabuyela izikhathi eziningana. Khona-ke ngaqaphela ukuthi ngangizama ukunqoba inkinga yami yokuphuza ngendlela yami, hhayi ngendlela kaJehova. Ngakho ngaqala ukuthandaza njengoba ngihamba, eqinisweni ngitshela uJehova ukuthi ngase ngizokwenza izinto ngendlela yakhe, ngimcela ukuba anginikeze umoya wakhe ongcwele ukuze ungiqinise.” Lokho kwakuseminyakeni eyishumi edlule. U-Ian unjani manje?
Uyavuma: “Kusadingeka ngizikhandle ukuze ngilawule ubuthaka bami futhi ngiye ngafunda ukuthembela kuJehova ngokugcwele ukuze ngiqhubeke.” U-Ian uthi yini ebangele ukuphumelela kwakhe kuze kube manje? “Ngikhumbula isabelo sami sokuqala sokufunda iBhayibheli ngemva kokubuyela ebandleni loFakazi BakaJehova. KwakuyiHubo 116, eliqala kanje: ‘Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.’ Phakathi nalelihubo, ngafunda: ‘Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimi na?’ [ivesi 12] Lokhu kwangisiza ukuba ngibuyele esimweni esivamile.” Manje u-Ian uxwayisa noma ubani osesimweni esifanayo: “Ungazikhohlisi.” Uyanezela: “Lapho ekugcineni ngixazulula izinkinga zami futhi ngithandazela ukuba umoya ongcwele kaJehova ungiqinise esinqumweni sami, ngaqala ukuphumelela.”
U-Ian, kanye nabanye oFakazi BakaJehova abacishe babe izigidi ezinhlanu, uncika emoyeni ongcwele ukuze umsize alandele indlela ehlelwe encwadini yeziyalezo ebaluleke kunazo zonke, iBhayibheli. Vumela oFakazi bangakini ukuba bakujwayelanise nesigijimi salo esicacile, nesilula—soMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe wasezulwini ophethwe uKristu Jesu ovusiwe. Lohulumeni ngokushesha uzosusa yonke imikhondo yamaphutha ezakhi zofuzo futhi unikeze isintu indawo ezungezile eyipharadesi esiyohlala kuyo phakade. Nawe ungaba khona lapho!