Indoda Encane Ehloniphekile Egqoke Isudi Emnyama Eyivelvethi
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
IZIMVUKUZANE ziningi impela eNyakatho yeNgilandi, kodwa njengoba ngangibheke edlelweni ngale kwesango lamagceke epulazi, ngangingakaze ngibone iziduli zezimvukuzane eziningi kangaka. Idlelo lalimbozwe izinqwatshana zomhlabathi ezisanda kumbiwa. Uyazi yini ukuthi imvukuzane iyisilwane esinjani nokuthi iphila kanjani?
Bambalwa abantu abake bayibona imvukuzane, njengoba ichitha isikhathi esiningi sokuphila kwayo ingaphansi komhlabathi. Iyisilwane esincane, esingamasentimitha angaba ngu-14 ubude. Eyeduna inesisindo esingaphansi kancane nje kwamagremu angu-113. Imvukuzane yaseBrithani yembozwe uboya obumpunga ngokunsundu, obucishe bube mnyama, futhi ngokuvamile, ngisho nangendlela yokuteketisa, ibizwa ngokuthi indoda encane ehloniphekile egqoke isudi emnyama eyivelvethi.
Uboya besikhumba semvukuzane abulele; bumé bathwishika busuka esikhunjeni. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi isontekela noma iphendukela ngakuphi emhlabathini, ikwenza kalula lokho. Eminyakeni eminingi edlule abazingeli bezimvukuzane babedayisa izikhumba ukuze kwenziwe izembatho, kodwa “ukwakha ijazi kudinga izikhumba zezimvukuzane eziningi kakhulu,” kuphawula omunye umzingeli wezimvukuzane sakuntela.
Umzimba wemvukuzane wakhelwe ngokukhethekile umsebenzi wayo wokuvukuza. Izinyawo zayo zangaphambili zisengxenyeni yomzimba engaphambili impela kanti izintende zibheke ngaphandle. Izinzwane ezinhlanu namathambo amise okwenhlendla amile kuzo kwenza amafosholo amabili asebenza kahle. Imilenze yayo yangemuva emincane, ebuthakathaka kuphela uma iqhathaniswa nezinyawo zayo zangaphambili ezinamandla, isiza ekuyiqhubeleni phambili. Uma ungake ubeke imvukuzane phezu komhlabathi othambile, izoshona phansi inyamalale ngemizuzwana eyisihlanu! Ingahamba entunjeni yayo emnyama, eswakeme, noma ngaphezu komhlabathi, ngejubane elilinganiselwa emakhilomitheni ayisihlanu ngehora.
Izinzwa Ezingavamile
Imvukuzane ayiyona impumputhe ngokuphelele, njengoba abanye abantu becabanga kanjalo, kodwa amehlo ayo amancanyana, afihlwe uboya, cishe amane nje enze ukuba lesisilwane sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokukhanya nobumnyama. Njengoba imvukuzane imba emhlabathini, uboya obude busitha amehlo ayo ukuze buwavikele. Nokho okubaluleke kakhulu kunokubona, inzwa yayo yokuhogela ebukhali kanye neyokuthinta.
Imvukuzane yaseYurophu inezinkulungwane zamaqhutshana esihlokweni sempumulo yayo ebomvana, ngalinye linonwele oluzwela ngokushesha ekuthinteni. Futhi inamadevu amade ezingxenyeni ezihlukahlukene zekhanda layo nobunye uboya obuzwelayo esihlokweni somsila wayo. Imvukuzane izwa amaza omfutho akheka njengoba ihamba entunjaneni yayo. Ngalendlela iyakwazi ukuthola izithiyo, njengamatshe amakhulu ngisho nezilwane ezidla ezinye, bese izigwema.
Imvukuzane inamadlebe amancane kakhulu, kodwa inodlebe olubukhali. Inekhono lokuzwa ukudikizela emhlabathini bese isabela kukho. Amadlebe emvukuzane angavalwa ngezicubu ze-sphincter, ezibonakala zisiza ukuvimbela izinhlayiyana zomhlabathi ekungeneni ezimbotsheni ezibucayi.
Ukudla Nendawo Yokuzalela
Lapho ngigqolozele ngaphesheya kwedlelo, ngangiwubona umzila ongaphansi komhlabathi, noma indlela, izimvukuzane ezivame ukuhamba kuwo. Lendlela yayihamba ngaphansana nje komhlabathi futhi yayiqhubukushe kancane. Okwakusobala futhi kwakuyizinqwatshana zomhlabathi ezazisezintsha, ezazakheke lapho izimvukuzane zikhiphela ngaphandle umhlabathi osanda kumbiwa. Lokhu kuvukuzwa komhlabathi kuyindlela ethile yokulima, okusiza ekomiseni umhlabathi nasekuwugcineni uvundile.
Ukudla kwemvukuzane okuyinhloko imisundu, futhi kungalesisizathu ivukuza. Imisundu, njengoba ihamba emhlabathini, ingena enkimbinkimbini yemihubhe yemvukuzane. Khona-ke, njengoba imvukuzane ikhwishizela emigodini emnyama, ngokushesha iyakuthola ukudla kwayo. Kodwa futhi idla nezinambuzane, kuhlanganise nemiswenya. Imvukuzane kumelwe idle njalo ngemva kwamahora amabili, uma kungenjalo iyafa.
Lezizinqwatshana zomhlabathi akufanele zididaniswe nesidleke semvukuzane. Sona sikhudlwana, cishe singamasentimitha angu-30 ukuphakama nemitha ububanzi. Ngokuvamile sitholakala eduze nendawo yokukhosela—ngaphansi kwesihlahla noma uthango lwemithi lapho izinto zokwakha isidleke njengotshani, amagatshana namaqabunga kungatholakala kalula khona.
Ngasekuqaleni kwentwasahlobo kuzalwa abantwana abangaba ngu-7 ngesikhathi esisodwa. Abantwana bemvukuzane bazalwa bengaboni futhi bengenaboya futhi banesisindo esingaphansi kwamagremu amathathu. Ngemva kwamasonto amahlanu sebebadala ngokwanele ukuba bangaziphilela bodwa futhi bayahamba, mhlawumbe ibanga elingaba ikhilomitha nengxenye. Ngemva kwezinyanga ezingu-9 bazobe sebekulungele ukuhlangana ngokobulili. Isilinganiso sokuphila kwemvukuzane siyiminyaka emithathu. Nokho, izilwane ezidla ezinye zibulala eziningi zazo ngaphambi kwalokho.
Kuyavunywa, imvukuzane ingabangela izinkinga lapho imba ifuna ukudla kwayo ngaphansi kongwengwe oluncwelwe kahle noma enkundleni yegalofu, kodwa lendoda encane ehloniphekile egqoke isudi yayo emnyama eyivelvethi ilokhu iyingxenye ehlaba umxhwele yempilo yasemaphandleni.