“Ukubhema Kuveza Iphunga Elibi Futhi Kuyenyanyeka”
Eminyakeni yamuva uMnyango Wezempilo WaseCalifornia uye wakhankasa ngenkuthalo ufundisa ngokumelene nokubhema. Lomyalezo mfushane kodwa uyahlaba futhi usuvele nasezingqwembeni zokukhangisa ezweni lonke. Ithini eminye yalemiyalezo? “Abantu ababhemayo bayimilutha. Izinkampane zikagwayi ziqhuba ibhizinisi elingemthetho. Ukubhema kuveza iphunga elibi futhi kuyenyanyeka.” “Kulonyaka intuthu kagwayi ehogelwa abangabhemi izobulala abangu-50 000. Ukubhema kuveza iphunga elibi futhi kuyenyanyeka.” Ngaphansi kophawu lwebhokisi likagwayi, olunye uqwembe luthi, “Thenga manje. Ukhokhe kamuva.” Kodwa ukhokhe ngokuphila kwakho. Uphawu olubhalwe ngesiPanishi luthi: “Me muero por fumar.” Lokhu kuwukudlala ngamagama okungafundeka kanje, “Ngibulawa ukuqaleka” noma, “Ngibulawa ukubhema.” Isithombe esiveze ingxenye yogebhezi lwekhanda nengxenye yobuso siyalicacisa leliphuzu.
Iqhinga elihlukile elisetshenziswa kwamanye amazwe ukukhalima abantu kugwayi ne-nicotine liwuhlobo lukagwayi obizwa ngokuthi i-“Death.” Lelibhokisi elimnyama linophawu logebhezi lwekhanda nethambo elivundle phezu kwelinye nomyalezo othi: “Ugwayi uyalutha futhi uqeda amandla. Uma ungabhemi, musa ukuqala. Uma ubhema, yeka.”
Kunzima ukusho ukuthi lendlela yokusebenzisa izingqwembe ezinemiyalezo eshaqisayo iyaphumelela yini kulabo asebebhema kakade. Nokho, eminyakeni eyisithupha edlule, “ukusetshenziswa kukagwayi eCalifornia kwehle ngamaphesenti angu-27, cishe okuwukuphinda isilinganiso sezwe lonke kathathu.” (The Washington Post National Weekly Edition) Lomkhankaso wokusebenzisa izingqwembe ungase ubanqande kulomkhuba oyingozi ngisho nalabo abangase babheme. Ngokuqinisekile labo abathi bangamaKristu kufanele bawugweme lomkhuba ongahlanzekile, wobugovu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Lokhu sinalezozithembiso‚ bathandwa‚ masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya‚ siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.”—2 Korinte 7:1.