Umhlangano Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” Useduze
Ulindelwe izinsuku ezintathu ezivuzayo zemfundo yeBhayibheli eMhlanganweni Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” WoFakazi BakaJehova. E-Afrika eseningizimu kuphela, kuhlelwe ukuba kube khona imihlangano engaphezu kwengu-20 ngasekupheleni kwalonyaka. Ngakho uyokwazi ukuba khona koseduze nalapho uhlala khona.
Umhlangano uyoqala ngomculo ngoLwesihlanu ngo-10:20 ekuseni, futhi ngalolosuku isimiso siyophetha ngehora lesihlanu ntambama. NgoMgqibelo nangeSonto, isimiso siyoqala ngo-9:30 ekuseni, futhi ngoMgqibelo siyophetha ngehora lesihlanu ntambama bese ngeSonto siphetha ngo-4:15 ntambama.
Inkulumo eyisihluthulelo ngoLwesihlanu ekuseni ngeke ibonise nje kuphela ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu kodwa iyobonisa nezinzuzo kulabo abahlakulela ukwesaba okunjalo. Sonke isimiso somhlangano siyoqokomisa lezinzuzo.
Phakathi nochungechunge lwezinkulumo nemiboniso okuyothatha ihora lonke ngoLwesihlanu ntambama, uyokuzwa indlela ukwesaba uNkulunkulu okungaqinisa ngayo umshado nokuphila komkhaya, nendlela okungasiza ngayo intsha ukuba ihlale iqinile ekuthembekeni kwayo kuNkulunkulu. Isimiso sangoLwesihlanu siyophetha ngenkulumo efudumeza inhliziyo ethi “Induduzo Ngabashonelwe.” Uyolwazisa usizo lwangempela lokusekela labo abaye balahlekelwa abathandekayo babo ngokufa oluyonikezwa phakathi naleyonkulumo.
Isimiso sangoMgqibelo siyobonisa indlela ukwesaba uNkulunkulu okungaqinisa ngayo ukunamathela kwethu esiqondisweni sikaJehova esiphathelene nebandla kanye nenkonzo yethu. Inkulumo ethi “Abantu Abangashiywanga UJehova” iyochaza indlela isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ngeke abashiye abantu bakhe okufanele sibathinte ngayo ezweni lanamuhla. Kamuva ngayo leyontambama, enkulumweni ethi “Funda IZwi LikaNkulunkulu, IBhayibheli Elingcwele, Nsuku Zonke,” abakhona bayothola ukusikisela abangakusebenzisa kokufunda nokutadisha iBhayibheli. Isimiso sangoMgqibelo siyophetha ngenkulumo enesihloko esivusa isithakazelo esithi “Usuku LukaJehova Olwesabekayo Luseduze.”
Isici esivelele sesimiso sangeSonto inkulumo ethi “Kuyoba Khona Uvuko Lwabalungile.” Enkulumweni elandelayo, ethi “Bayosindiswa Badlule Osizini Olukhulu Bephila,” kuyonikezwa incazelo yesithembiso sikaJesu esimangalisayo esiphathelene nalabo abangeke bafe nhlobo.—Johane 11:26.
Isimiso sangeSonto ekuseni siyophetha ngedrama eshukumisa ingqondo eyothatha imizuzu engu-40 enesihloko esithi Ukukhetha Obhekene Nakho. Izilaleli ziyohlehliselwa emuva osukwini lukaJoshuwa futhi ziyombona ebonisa ukuzimisela kwakhe okuqinile ukukhonza uJehova. Ziyobona nesenzakalo sokuhlola esenziwa ngomlilo ezinsukwini zika-Eliya, futhi kuyotholwa izifundo kuzo zombili lezenzakalo eziyosiza abakhona ukuba babonise ukwesaba uNkulunkulu namuhla.
Isici esivelele somhlangano ngeSonto ntambama siyoba inkulumo yeningi, ethi “Kungani Kufanele Wesabe UNkulunkulu Weqiniso Manje.” Ngokuqinisekile uyozuza ngokuba khona zonke izinsuku ezintathu! Uyamenywa ngomusa ukuba ube khona. Ukuze uthole indawo eseduze nekhaya lakho, thintana neHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova elisendaweni yakini, noma ubhalele abashicileli balomagazini.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
T. Rosenthal/SUPERSTOCK